Ukudeleleka komlimi ngenxa yeminyaka yakhe nomzimba wakhe akumvimbanga ukuthi afake isivuno sakhe ezitolo ezinkulu. Manje lezi zitolo ezaqala ngokumeya sezidla entendeni yesandla sakhe. Uxoxe noLANGA KHANYILE
LILODWA igama angachazwa ngalo umlimi waseMthatha, eMpumalanga Kapa. Uzulazayithole. Unjalo uNkk uSiphesihle Kwetana, oneminyaka ewu-26. Uma efuna into uyaphokophela aze ayithole. Ngaphezu kokuba wuzulazayithole unesinye isikhali – ukukhulunyelwa wumsebenzi wakhe, … Read More
ISabelomali sango-2021/22 sibi futhi simnandi embonini yezolimo. USLINDILE KHANYILE uyabika
IMBONI yezolimo ijabula ibuye nganeno ngesabelomali sika-2021/22. Iyakuthakasela ukuthi kunemali ehlinzekelwe ukuqhuba uhlelo lokubuyisela umhlaba kwababephucwe wona kanjalo nokutakula i-Land Bank kodwa ikhala iyazithulisa ngentela yogwayi notshwala, nethi izoyinyusela izindleko futhi ibeka imisebenzi engcupheni.
Kusinda kwehlela kuMboweni uma kubhekwa isabelomali sika-2021/22. Nokho zikhona izinto eziqinisa idolo. USLINDILE KHANYILE uyabika
UNGQONGQOSHE womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni wethule isabelomali esifakazele ukuthi impela uma sekuzosa kuba mnyama kakhulu. Isithombe esivezwe yilesi sabelomali siyatshengisa ukuthi iseyinde indlela esazohanjwa ngaphambi kokuthi kulunge umnotho waseNingizimu Afrika kodwa zikhona izinto ezimbalwa eziletha ithemba.
Nakhu abakushilo ngesabelomali
USolwazi uBonke Dumisa, usomnotho: “Yisabelomali lesi esizama ukwenza into ebonakalayo, ke singabantu asiyi nganxanye singemanzi. Benze okusemandleni njengoba nezeMpilo zinikwe omunye uR8 billion wemigomo. Sithe uma siphela isabelomali, ngabheka ukuthi … Read More
Ukuhlala uphephile online, kuloba uZama Simelane
AYIKHO into esiyenze impilo yethu yaba lula ukudlula i-internet. Sikwazi ukwenza noma yini noma siye noma yikuphi ngokuphazima kweso. Sikwazi ukuthenga nokudayisa, sibuke amafilimu noma siye “esiqiwini”; konke sikwenza kwi-internet. Kodwa ngabe konke loku ngamakhekhe noswidi? Ngeshwa, akunjalo. Iqiniso lithi noma i-internet iyinhle kodwa futhi ingasilimaza.
Sidinga uMboweni atshengise ukuthi uhulumeni uyayazi into oyenzayo, kuloba uNksz uBusi Mavuso
ISABELOMALI esizokwethulwa kuleli sonto simqoka ekukhombiseni wonke umuntu ukuthi uhulumeni uyayazi into ayenzayo ngemali. Ngonyaka odlule kwakucacile ukuthi akayazi ngoba izindleko zazingaphezu kwemali engenayo, loku yinto eyayiqale ingakahlaseli iCOVID-19 futhi sasingazami ukukuguqula loko. Sasibhekene nenkinga enkulu.
KUNGABE uzoyisebenzisa kanjani uNgqongqoshe wezeziMali imali yentela eqoqiwe kodwa ebingalindelekile? USLINDILE KHANYILE uyabheka
NGOLWESITHATHU kuzokwethulwa isabelomali sonyaka wezimali u-2020/21 kanti osomnotho bathi enye into abayibheke ngamehlo abomvu wukubona ukuthi umNyango wezeziMali uzoyisebenzisa kanjani le mali elinganiselwa kuR150 billion obungayilindele njengoba kuvele ukuthi ukuqoqa intela kube ngcono kakhulu kunalokhu obekulindelekile.
Kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili. Kodwa ngabe kusho ukuthini ngempela loku uma sikhuluma ngobudlelwano bokucathuliswa emsebenzini, phecelezi i-mentoring. USLINDILE KHANYILE uyabika
“MINA abantu abangicathulisayo ngiyazi bahlale bematasatasa, ngakho angibangi isicefe ngokubafonela njalo. Enye into engiyigadayo wukuthi bakubone ukuthi nami ngiwusizo empilweni yabo. Uyabona nje omunye wayedinga uDJ umntwana wakhe ezoba nomcimbi, ngambhekela uDJ futhi ngamkhokhela ngoba ngiyazi ukuthi nami ngelinye ilanga ngiyothola usizo olukhulu. (Ukucathuliswa)akubona ubudlelwano bokuthi wena uhlale uthatha nje.”
Kuhle ugawule ubheke indlela oziphatha ngayo ezinkundleni zokuxhumana ngoba kungakuphuthisela noma kukuqedele umsebenzi. UZANELE MTHETHWA uyabika
OKWAKOBANI ukulahlekelwa yithuba obukade ulithandazela lomsebenzi noma lebhizinisi? Phezu kokubamba umoya nokucela ukuthi abakini bakubheke kodwa ukuphunyuke kanjalo umsebenzi ngenxa yezono zakudala. Yiloku kanye okwehlele unobuhle obengomunye wabangenele umncintiswano kaMiss SA ngonyaka odlule.
Kunezinto ezincane ongazenza ukukhulisa ibhizinisi lakho, kuloba uNtokozo Biyela
NAMHLANJE ngithanda sikesigxile ekubukeni izindlela ezincane nezinganakekile ongazisebenzisa ukukhulisa ibhizinisi lakho. Ayikho into ebaluleke njengoxhaxha lwabantu ozwana nabo ebhizinisini ngoba ngabo ungakwazi ukukhulisa ibhizinisi lakho lindlondlobale noma lisabalalele kwezinye izindawo.