INKAMPANI yezokuxhumana kuleli iMTN ikhiphe umbiko wekota yesithathu ephele ngoSepthemba 30; lapho iveze khona ukuthi isibalo samakhasimende ayo sikhule ngamakhasimende awu-12 million, safinyelela ku-273 million emazweni awu-21 esebenza kuwona.
AZIKHO izingxoxo eziqhubekayo phakathi kukahulumeni nezinyunyana mayelana nokumisa ukunyusa imiholo yezisebenzi zikahulumeni futhi ngeke zibe khona uhulumeni engakasifezi sonke isivumelwano sokunyuswa kwemiholo esasayinwa ngo-2018.
WAQALA enebhizinisi elihlanganisa abantu abasuke befuna umaqondana nokwathi maduze emva kwaloko waqala elokuba nomgqomo emotweni ngoba ebona isidingo salo ngesikhathi indodana yakhe isencane.
ININGIZIMU Afrika ilindele ukuthi imali eyikweletayo inyuke isuka kuR4.1 trillion ngo-2020/21 ifinyelele kuR5.5 trillion ngo-2023/24, nokuzoba ngu-95% wenani lo mnotho noma i-gross domestic product (iGDP), lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni.
IFA leziwula lidliwa yizihlakaniphi. Sisho njalo isiZulu. Leli yiqiniso elingephikwe uma kuziwa kumathalente abantu abanawo abangakwazi ukuwaphathisa okwebhizinisi.
NJENGOBA isikhathi siya sihamba, abantu abaningi bayambuleleka ngobudlelwano phakathi kwebhola nemigomongqangi yezomnotho. Lo budlelwano bungaba obuqondile noma obuphambene nehlombe kodwa abulawuleki. Ngenxa yaloko, noma ngabe uwusomnotho noma umbhali wezemidlalo, akulula ukuqonda noma ukuqagula ngezezimali ebholeni.
ASHONA ezintangeni amabhange amathathu kwamane amakhulu ezweni uma ebuzwa ukuthi yini azoyenza ukuze kwande isibalo samabhizinisi ashaywe yi-COVID-19?
BEKUFANELE ngabe isabelomali sizokhombisa ukuzinikela kweNingizimu Afrika ekufukuleni umnotho ngokuthi kube khona imali ebhekile ezokwabelwa ukuthuthukisa ingqalasizinda kodwa kunaloko uNgqongqoshe wezeZimali uMnu uTito Mboweni uzoqhubeka nokubopha izifociya.
EKHULA wayeqaphela umalume wakhe oyedwa owayengafiki njalo ekhaya kodwa uma ekhona wayesuke eswenke econsa futhi ehamba ngohuntshu lwemoto nokwakumchaza kanti nomkhulu wakhe wayemgqugquzela ukuthi akaxoxe nalo malume ezokwazi ukuthi wenzani.
ABAKWA-TRANSNET bathi baqinise ukusebenzisana kwabo nabengalo yomthetho nezinye izinhlaka ezifanele ukusheshisa uhlelo lokubuyekeza ukuthengwa kwezinto, okwavela kwikhomishana ephenya ngokuqhwagwa kombuso. Loku kubandakanya nokuthengwa kwamaguzu awu-1 064.
NGENKATHI sethula Umbele ngenyanga edlule sabika ukuthi kuyohamba kuhambe kufike isikhathi lapho kuzodingeka mfundi othandekayo ukuthi uzikhokhele ezinye zezindaba esikuphakela zona. Njengeziko lezindaba siyibhizinisi njengawo wonke amanye amabhizinisi, nokusho ukuthi … Read More
MIHLA namalanga eNingizimu Afrika, e-Afrika jikelele, naphesheya ezindaweni ezigcwele abantu abadabuka e-Afrika, kuculwa iculo elilodwa – iculo elithi azibuye emasisweni.
NGONYAKA ozayo inkampani yabantu abamnyama eyakha izikole ezizimele, i-Edinvest Schools, izovula isikole sayo sesibili esizimele i-Etham College eHilton, maphakathi neKwaZulu-Natali.
KUYINTO ejwayelekile ezindaweni zabantu abamnyama ukuthola izindawo zodokotela abazimele yonke indawo kodwa akuvamile ukuthi kube nendawo egxile ekusizeni labo abasuke bedinga ukuhlolwa ngemishini yeX-ray.
ZININGI izindlela zokungena ebhizinisini njengoba sesike sachaza ezingosini ezedlule. Namhlanje ngithanda sibheke ukuthi yini lezi zinkomba zokuthi ngelinye ilanga ungagcina ungenile ebhizinisini.
UMcwaningimabhuku-jikelele osezoshenxa, uMnu uKimi Makwetu, umbongele uNksz uMaluleke. UMakwetu uthe akangabazi ukuthi uNksz uMaluleke ukulungele ukwenza lo msebenzi. Osekuzolandela manje wukuthi iPhalamende kumele lisemukele lesi siphakamiso bese lisidlulisela kuMengameli, okuzothi … Read More
UKUQEDWA kukachatha obufakwe ezibonelelweni zezingane nezabantu abadala kuzokwenza izigidi zabantu zibulawe yindlala futhi kuzolimaza kakhulu abantu besifazane, okuyibona abahlomula kakhulu ngalezi zibonelelo.
UKUFISA ukutshala imali ngendlela ayiqonda kahle ukuthi isebenza kanjani yikona okwagqugquzela uMnu uNtuthuko Shezi, isikhulu esiphezulu seLivestock Wealth, ukuthi asungule le nkampani.
KUTHIWA kukabilli ngomuntu ofaka imali ebholeni. Okokuqala kuthiwa wumuntu osuke engaqondi empeleni ibhola liyayidla imali, kunokuyingenisa; ngaphandle uma unenqwaba yabaxhasi futhi kuyiqembu elithola imiphumela emihle.
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthe kuzosetshenziswa uR100 billion eminyakeni emithathu ezayo ukudala imisebenzi kanti amathuba awu-800 000 wona kulindeleke ukuthi aqhamuke ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.
Sibonga siyanconcoza UMA umuntu ezovuka athathe uhambo olumqoka noma uma kunento enkulu ezokwenzeka ngakusasa, kuye kuthiwe ulala engalele. Kube njalo nasethimbeni elisungule leli ziko lezindaba zamabhizinisi enkundleni yokuxhumana ngobuchwepheshe. Kanjalo … Read More
NGISHO umuntu obengakuqondi kahle ukubaluleka kobuchwepheshe ukubonile ngesikhathi izwe livaliwe ngenxa yokuqubuka kweCOVID-19. Kodwa okunye okugqamile ngalesi sikhathi yindlela izindawo zabantu abamnyama ezisasele ngayo emuva uma kukhulunywa ngobuchwepheshe besimanjemanje.
‘HEY’ wena, Durban
Ebhish’ Kumnand’ eThekwini…”
Laligqoma kanje elinye lamanoni eCJB, iqembu lomculo i-bubblegum, phakathi nama-’80s. Le ngoma ethi Durban eBeach (Kumnandi eThekwini) yayifakazela ukuthi ubumnandi bubuzwa eThekwini ngenxa yokuthi phakathi kwezinye izinto ligabe ngolwandle olucwebile.
UMA ungabheka umhlaba jikelele uzoqaphela ukuthi thina sizwe esimnyama sisemsileni uma kuziwa kwezomnotho. Ziningi-ke izizathu ezenza loku.
UMA engelaphi iziguli lapho esebenzela khona uDkt uMatome Moloto, usuke esepulazini lakhe elikhulisa futhi lidayise izinkukhu, izimbuzi, izinkomo nezingulube. Izithelo zona bazitshalela ukuzidlela bona bewumndeni, abazidayisi.
I-FNB imemezele ngeqholo ukuthi ngoR10 nje vo noma wubani angaba wumnikazi wamasheya ezikhondlakhondleni ezingo-Apple, uFacebook, u-Netflix, u-Amazon, uMicrosoft, uCoca-Cola, iTesla, i-Alphabet noMcDonald’s.
ABAHOLI abakhona njengamanje eNingizimu Afrika abagculisi neze, abaziphethe kahle futhi abazi lutho. Lona wumbono kasomabhizinisi osemnkatshubomvu, uDkt uReuel Khoza.
UKhoza, ohlonishwa nakwezemfundo ngamagalelo akhe, uthe iningi labaphethe kwezepolitiki kuleli licabanga ukuthi kudingeka ukuthi litoyitoye nje kuphela ukuze libe ngabaholi kanti lokho akwanele nge-21st century.
UMA ufika e-Uhuru Shopping Centre, inxanxatheleni yezitolo eClermont, eThekwini, uzozithela emabhizinisini ajwayelekile ezindaweni zabantu njengesitolo nendawo yokucwala izinwele. Kodwa kunolunye uhlobo lwamabhizinisi ozoluthola kule ndawo eqanjwe ngegama le-nightclub eyake yanedumela “eSkomplazi” namaphethelo eTheku, eliyisiSwahili nelisho ukuthi “inkululeko”. Kule ndawo uzothola isitolo samakhekhe ekhethelo, phecelezi ama-novelty cake, isitolo esikhanda amakhompyutha nendawo ebhucunga necwala abantu besifazane.
NGESIKHATHI izwe livaliwe ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kweCOVID-19 igebe phakathi kwabafundi abami kahle nalabo abaswele lihlale obala njengoba kulabo abasezikoleni ezimi kahle kube lula ukuthi bashintshe indlela abafunda ngayo besebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje kanti kulabo abantulayo kube wumzukuzuku abaningi bagcina bengafundanga.
OSOMABHIZINISI abasafufusa kumele bathi begxilile ekukhuliseni amabhizinisi abawathandayo kodwa bathole nokunye okuzongenisa imali ngesikhathi besaphemba; ukugwema ukuwa kwamabhizinisi abo
ABANTU abaningi abafika kimina bezocela ukucetshiswa ngezamabhizinisi baye bafike bengazi ukuthi hloboluni lwebhizinisi okufanele baluqale. Nami ngiye ngingazi ukuthi ngizothi kumuntu akaqale hloboluni lwebhizinisi uma kwayena engazazi ukuthi yini athanda ukuyenza.
SISANDA kubona omunye ukhukhulelangoqo wesiteleka semboni yamatekisi, bekhala ngobuncane buka-R1 billion ovela kuhulumeni ukubasiza ebunzimeni ababhekene nabo ngenxa yobhubhane iCOVID-19. Njengejwayelo, iningi labantu libe nemibono ezinkundleni zokuxhumana, eminingi yayo ebonisa ukungazi.
ISONTO lokugcina enyangeni ka-Okthoba kuba yisonto lokugqugquzela abantu ukuthi basukumele ukuqinisekisa ukuthi banayo incwadi yefa nechaza kabanzi ukuthi bafisa kwenzakaleni ngempahla yabo uma bedlula emhlabeni.
NGONYAKA ozayo kulindeleke ukuthi kwakhiwe indawo yokuvakasha, iHeritage Lodge, enamagumbi awu-60 nokubhekwe ukuthi idle uR20 million engxenyeni yomhlaba owabuyiselwa umphakathi waseBhangazi, eSt Lucia.
UKUGULA ngenxa yokuwa kwebhizinisi lakhe lezamandla kwamholela ekutheni azithele ebhizinisini elisha ngoba ezama ukuzelapha.
EMVA kweminyaka kuwumsebenzi awenza eceleni ngoba ubesaqashiwe, uNksz uNomvuyo Gwamanda uqunge isibindi kulo nyaka wakhetha ukugxila enkampanini yakhe yokudla, iDelicious Lab ezinze eGoli, eGauteng.
NGENYANGA edlule olunye udaba olube sematheni wukuvalwa komgwaqo u-N2 eThekwini ngamaciko ayebhikishela ukuthi uhulumeni uvule ukuba khona kwemicimbi ngoba efa yindlala.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.