NGENKATHI eqala kwiLamontville Golden Arrows ngokugcwele, umfowabo ongasekho nowayephethe izintambo ngaleso sikhathi uMnu uRocky Madlala, wamtshela ukuthi umsebenzi wakhe kuzoba wukubheka izinhlaka zokuthuthukisa abadlali abasafufusa
IZINKINGA zesikhumba ababenazo zaholela ekusungulweni kwebhizinisi labo lezimonyo zomzimba elikhula ngesivinini.
ZININGI izinhlelo esezimenyezelwe okuthiwa zisungulelwe ukulekelela osomabhizinisi ukuze bakwazi ukuvuselela izinkampani zabo emva kokukhahlanyezwa yiCOVID-19.
KUYE ngamagama enkehli kuhulumeni ngodaba lokungayinyusi imali yezisebenzi njengoba uNgqongqoshe womNyango weziziMali KwaZulu-Natali uNkk uNomusa Dube-Ncube ememezele kuleli sonto ukuthi isifundazwe sizonciphisa isabelomali ngoR5.4 billion, okuyingxenye yaso kuR25.3 billion okhishiwe ezweni lonke obekufanele ngabe yiwona obekuzokhushulwa ngawo amaholo kulo nyaka wezimali.
MKHULU umnotho okhona ngenxa yamabhayisikili odinga ukuvukuzwa nasemalokishini ngoba ungasetshenziswa ukuthuthukisa lezi zindawo futhi uvule namathuba emisebenzi.
ABATHENGI baye babuke uBlack Friday njengosuku lokonga imali ngenxa yokuthi izinto zisuke zishibhile, ikakhulukazi labo abasuke befisa ukuthenga izinto ezinkulu njengefenisha nezisebenza ngogesi.
UNYAKA ovele usihlukumezile awupheli kahle, kunaloko uphela kabuhlungu uma kubhekwa imalimboleko enqunywa yiMonetary Policy Committee (iMPC) yeBhange loMbuso enqume ngesonto eledlule ukungayiguquli imalimboleko; njengoba lithe izoqhubeka ihlale ku-3.5%, nokusho ukuthi unyaka wonke iyehlise ngo-275 basis points noma ngo-2.75%.
NGAPHAMBI kokuthi singene shi ekuthini uthini umthetho wezokunukubeza ngokocansi enkampanini, ake sichaze kabanzi ukuthi yini ukunukubeza ngokocansi.
UMNYANGO wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane, ngokubambisana neNedbank, usuzibophezele ekulekeleleni abadayisi bezithelo nemifino abawu-40 000 ngoR40 million ukuvuselela amabhizinisi abo.
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa usekuqinisekisile ukuthi uNksz uTsakani Maluleke uzoba wuMcwaningimabhuku-Jikelele kusukela ngoDisemba 1 kuze kuphele iminyaka eyisikhombisa, isikhathi abanikwa sona abahola leli hhovisi.
WAQALA ebamba itoho lokuqhubela abantu izinqola esitolo esidayisa ukudla usondonzima kasomabhizinisi osenoxhaxha lwamagaraji kaphethroli.
UKHETHE ukwenza ibhizinisi lakhe umahambanendlwana ukuze enze lula impilo yamakhasimende akhe onebhizinisi lokuhlanza izinto ezihlukene iKhangs Deep Cleaning.
IBHANGE loMbuso linqume ukungayishintshi imalimboleko njengoba lithe izoqhubeka ibe ku-3.5%. Leli bhange lithe iseyinde indlela esazohanjwa ukuzama ukuvuselela umnotho okhahlanyezwe wukubheduka kweCOVID-19.
EMVA kwesikhathi eside begqigqa izitolo ezidumile bengayitholi imikhiqizo enakekela izinwele zabo ngendlela, abesifazane ababili abasebancane banquma ukuzishaya phansi izinwele zabo ababengasazithandi.
IBHIZINISI lokwenza ubucwebe lidinga ukuthi ube nothando olujulile lobucwebe kanjalo nobuciko. Lawa ngamazwi kaMnu uBilly Dlamini oseneminyaka enza ubucwebe.
U-SOCRATES wathi: “Ushinto ngeke ulugweme, ngakho into engcono wukuluhlelela.” Wumbono omuhle kodwa ababaningi abantu emhlabeni abebengazilungiselela iCOVID-19 nazo zonke izinguquko ezinqala efike nazo.
ONKE amabhizinisi akhona namhlanje aqala njengomcabango. Namhlanje ngithanda sikesibuke ukuthi yimiphi imigudu elandela emva kokuthi usufikelwe wumcabango wokuqala ibhizinisi.
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natali uMnu uSihle Zikalala umemezele ukuthi useqoke ukushintshanisa ongqongqoshe abebephethe iminyango wezeziMali nowokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni.
EKHULA, eseyibhungu, eCederberg, eNtshonalanga Kapa, nedume njengekomkhulu letiye i-rooibos emhlabeni, ayikho enye into ayeyazi futhi eyithanda njengaleli tiye uMnu uBarend Salomo.
ABALIMI abamnyama bagwayi abasafufusa baphoqeleke ukuthi bavale bangakwazi ukuqhubeka nomsebenzi ngesikhathi kuqala isizini entsha yokutshala ezinyangeni ezimbili ezedlule.
OSOMABHIZINISI abasafufusa kumele babumbane babambisane ukuze bezobamba iqhaza elibonakalayo emnothweni, bangalindi ukukhangeza kuhulumeni. Lona wumbono wenye yezinkakha zosomabhizinisi abamnyama uDkt uSam Motsuenyane.
UKUKHULA edla ukudla okuphuma ensimini yakubo kutshale uthando lwebhizinisi lokudla kuNksz uNonhlanhla Manganye, oseqeqesha abapheki.
SEBEWU-6.5 million abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika njengoba lesi sibalo sinyuke ngo-2.2 million ngekota yesithathu uma kuqhathaniswa nekota yesibili onyakeni. Loku kwenza ukuthi abantu abangasebenzi babewu-30.8% ezweni, nokuyisibalo esikhulu kunazo zonke … Read More
NGENKATHI eqala umsebenzi wokuba wuMcwaningimabhuku-Jikelele eminyakeni eyisikhombisa edlule, uMnu uKimi Makwetu wathi into yokuqala nemqoka angathanda leli hhovisi ligxile kuyona wukwenza izisebenzi zikahulumeni zikusukumele ukulungisa amaphutha atholwa ngabacwaningimabhuku; nathi kuyoholela ekutheni imali yabakhokhi bentela isetshenziswe futhi iphathwe ngobunono.
AKASEKHO emhlabeni uMcwaningimabhuku-Jikelele obese kungasenzukuzatshwala adede kulesi sikhundla njengoba uMnu uKimi Makwetu ebeseyiqedile iminyaka yakhe eyisikhombisa, ngaphambi kokuthi amatomu athathwe wuNksz Tsakani Maluleke.
UKUDAYISWA kotshwala sekubuyele kokwejwayelekile kanti ukukhokhwa kwemali kapoyinandi, i-Unemployment Insurance Fund (i-UIF) nakho kululiwe.
IPHUPHO lakhe elikhulu wukuthi ngelinye ilanga abone umsebenzi wakhe wezandla usudayisa ezitolo ezinkulu ezweni lonke kanjalo nakwamanye amazwe.
ININGIZIMU Afrika isuka kude nokulwa nokubandlululwa kwabantu abamnyama kwezomnotho. Uma futhi ubheka kusekude phambili uma izinto zenzeka ngalolu hlobo. Ngesonto eledlule iNkantolo yokuDluliswa kwaMacala ikhiphe isinqumo sokuthi umthetho ovuna osomabhizinisi abamnyama, iPreferential Procurement Policy Framework Act uma kucutshungulwa umsebenzi wamathenda akhishwa wuhulumeni awuhambisani noMthethosisekelo wezwe, ngakho kufanele ubuyekezwe.
AMAKHASIMENDE asebenzisa iFNB asengakwazi ukukhangisa ngemizi yawo uma eyidayisa kanti lawo angosomabhizinisi azokwazi ukukhangisa ngomsebenzi wawo okungenani emakhasimendeni awu-3 million.
WAYENGAKAZE aziphuphe ewumlimi futhi wayengazitsheli ukuthi yimboni umuntu ofana naye angangena kuyona ngoba wayecabanga ukuthi ngeyabantu abacebile futhi abakhule vele emakubo kunamapulazi.
UMA ubuka izinto asezenzile endimeni yezamabhizinisi, cishe lilodwa igama angachazwa ngalo – uziyamlandela.
NGESIKHATHI uNkk uNkateko Mabindisa enquma ukuthi uzojoyina umyeni wakhe ebhizinisini labangcwabi, elase lineminyaka likhona, wayengazi ukuthi uzosukela isidleke sezinyosi esizobatinyela size sibaxoshele nezisebenzi ezazibona ukuthi indlela “entsha” enza ngayo ngeke ziyimele.
IGAMA elithi Refiloe Mocwa liyakhula kwezemfashini futhi izimpahla zalo ziyahlonishwa njengoba kukhona ngisho nezokulala zikaNokusho
NGOLWESITHATHU olwedlule iPhalamende lezwe lakithi iNingizimu Afrika lihlangane kwethulwa isabelomali seminyaka emithathu ezayo, lokho okubizwa ngeMedium Term Budget Policy Statement.
EMAVIKINI amabili adlule ngike ngaqeqesha izisebenzi zezinye izinkampani esisebenzisana nazo emkhakheni wezokuqeqesha nokulola amakhono kwezisebenzi emikhakheni eyehlukene.
IZIKHUNGO ezibhekelele ukuxhasa amabhizinisi ngemali kumele zibe yingxenye yesisombululo sokuthuthukisa ezokuthuthwa komphakathi eNingizimu Afrika.
ENEMINYAKA ewu-26 wacelwa owayenguNgqongqoshe wezokuThutha ongasekho uMnu uDullar Omar ukuthi abe wusihlalo wokuqala omnyama webhodi yenkampani ebhekelela indawo okuhamba kuyo amabhanoyi emoyeni, i-Air Traffic Navigation Services(i-ATNS).
I-COVID 19 wundabizekwayo wango-2020. Iyindaba izekwa hhayi eNingizimu Afrika kuphela kepha emhlabeni jikelele.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.