NAMHLANJE ngifisa sithinte ingxenye ebalulekile ebhizinisini emayelana nokuqashwa kwezisebenzi. Isikhathi esiningi sithi uma siqala amabhizinisi singalunaki lolu phiko noma sekufika isikhathi sokuthi siqashe izisebenzi sikhethe ngobungani, hhayi ngamakhono adingwa yizikhundla zomsebenzi ebhizinisini.
WAQALA ukulima ezama ukulekelela umyeni wakhe ukondla umndeni owesifazane osephakela izitolo imifino.
WAGCINA eseyihlaya lapho ayebambe itoho khona ngesikhathi esaqhubeka nezifundo zokuqeqeshelwa umsebenzi ngoba wayenganqeni ukufaka izicelo zomsebenzi okwakusuke kufuneka izikhulu eziphezulu kuwona yize wayesuke azi kahle ukuthi akanawo amava alowo msebenzi.
UKUBONA igebe emkhakheni wezindaba zabasebenzi ezinkampanini kwenze ukuthi asungule inkampani esiyisixazululo kwabaningi ungoti wezakwandabazabantu nosomabhizinisi.
UNYAKA u-2020 ube nezigemegeme eziningi. Kuzona zonke indabizekwayo kube wukubheduka kweCOVID-19, eyenze kwavalwa izwe thaqa. Enye indabizekwayo yiKhomishini yokuGwamandwa koMbuso, eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uJaji uRaymond Zondo. Ubufakazi izakhamuzi nabakhokhintela … Read More
IMBONI yezitok’fela ngenye yalezo eziqhubekile zadlondlobala yize izimboni eziningi zishayekile njengoba abantu abazidlalayo beqhubekile ukulondoloza imali ngale ndlela.
UMLIMI uMnu uJantjie Ramokone uyakhumbula ukuthi ngenkathi esewumfana minyaka yonke ngo-Okthoba kwakuyisikhathi lapho esigodini sakubo babelungiselela ukulima uma sekudlule imvula.
ISIFUNDO asheshe wasifunda empilweni ngokuhlangabezana nezingqinamba sokuthi akumele udikibale bese ukhohlwa amaphupho akho yisona emsizile akwazi ukubhekana nezinselelo endleleni futhi aphokophele ukufeza amaphupho akhe
WAHLULA umndeni wakhe uzama ukumkhipha emkhakheni wezobuciko owesifazane osenenkampani ekhiqiza imidlalo yethelevishini. UNksz uLungile Mbili ungumsunguli wenkampani Umlando Creative.
NGABE baningi abantu abasizakele emalini ebekelwe ukulwa nomphumela omubi weCOVID-19 ukube indlela okwenziwa ngayo eminyangweni kahulumeni ihlelekile futhi yenziwa ngesinono. Futhi ukube ezobuchwepheshe eminyangweni ziyashesha, zisebenza ngendlela eyiyo, iminyango iphakelana … Read More
UKUNGENELELA masinyane kwehhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele ekucwaningeni ukuthi isetshenziswe kanjani imali eyabelwe ukulekelela umphakathi ngezindlela ezahlukene njengoba kuhlasele iCOVID-19 kusizile ukuthi kubuyiselwe emuva uR3.4 billion esikhwameni sikapoyinandi, i-Unemployment Insurance Fund (UIF) nobukhokhelwe abantu kungafanele
UKUKHULA ngaphansi kwekhaya elinosomabhizinisi nokuhamba ekhaya ukuze azimele kugqugquzele owesifazane osemncane waseThekwini ukuthi aqale ibhizinisi lakhe, elingahlobene nhlobo nomkhakha awufundele.
ABANTU abaphatha izimali zikahulumeni kumele bafundiswe ukuzethemba ukuze bezoba nesibindi sokunqaba ukwenziswa okuphambene nomthetho kungakhathaleki ukuthi wubani osuke ebafaka ingcindezi.
NAMHLANJE ngifisa sibhekisise ubudlelwano nabathengi, phecelezi i-customer service. Ukuba sebhizinisini akukho ngawe mnikazi webhizinisi kodwa kungabathengi obalethela umkhiqizo wakho.
IBHANGE loMbuso ngokubambisana neFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) nePayment Association of South Africa (iPASA) baxwayisa abathengi ngezinto okumele baziqaphele uma bethenga kwi-internet ukuqinisekisa ukuthi imali yabo ivikelekile.
NGENKATHI abanye belahlekelwe yimisebenzi kuwa namabhizinisi ngenxa yegciwane iCOVID-19, isitshudeni sibone ithuba lokuba wumlimi.
ZIYEKE umsebenzi zaqoma ukuziphilisa ngezithelo izelamani zaseThekwini ibhizinisi lazo eselithele nezinye izithelo. I-Frutee Belliez kaNksz uLisa Mthethwa nodadewabo uNkk uLona Mnguni yaqala samdlalo bezama ukutshala umqondo wokujwayela izidlo ezinempilo.
UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.
UKUMA emakhoneni emigwaqo anikeze abantu amapheshana ebhizinisi lakhe nokulikhangisa kahle ezinkundleni zokuxhumana yikona okumkhulise kakhulu ebhizinisini.
KUYAMKHATHAZA ukubona intsha ingasebenzi usomabhizinisi waKwaMashu, eThekwini, osevule amathuba kwabaningi.
NAMHLANJE ngifise sike sibheke kabanzi ukuthi lwenziwa kanjani ucwaningo lwemakethe uma ufuna ukuqala ibhizinisi. Luyini ucwaningo lwemakethe? Lolu uchungechunge lwenhlolovo yokuqoqa ulwazi lwaleyo makethe osuke ufuna ukungena kuyona ukuze uthole ulwazi olubanzi ukuze uqonde leyo makethe, uqonde nabathengi abakuyo nendawo ibhizinisi lakho nelizosebenzela kuyona.
EMINYAKENI emibili edlule, siyiSmall Business Institute (iSBI), sathumela izincwadi ezinkampanini eziwu-100 ezinkulu ezihweba eJohannesburg Stock Exchange (eJSE) sizicela ukuthi zisikhombise imogomo nemibandela eziyisebenzisayo ukukhokhela izinkampani ezisafufusa.
WAQOMA ukushiya umsebenzi owawumholela kahle owayewunjiniyela kagesi kuMasipala waseThekwini osewusomabhizinisi ngenxa yokungesabi izinselelo.
UKUNGENA embonini yezokudla akusiwo neze umqondo omubi kodwa-ke kudinga ukuthi ube nesineke futhi uzimisele.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.