KUPHELILE ukuqagela ngeSabelomali sango-2021/22, esethulwe kuleli sonto. UNgqongqoshe womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni uzamile ukwethula iSabelomali esizokweseka lezi zinto ezine uMengameli uCyril Ramaphosa athe zimqoka kulo nyaka. KunoR10.3 billion wokuthenga … Read More
IMBONI yezolimo ijabula ibuye nganeno ngesabelomali sika-2021/22. Iyakuthakasela ukuthi kunemali ehlinzekelwe ukuqhuba uhlelo lokubuyisela umhlaba kwababephucwe wona kanjalo nokutakula i-Land Bank kodwa ikhala iyazithulisa ngentela yogwayi notshwala, nethi izoyinyusela izindleko futhi ibeka imisebenzi engcupheni.
UNGQONGQOSHE womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni wethule isabelomali esifakazele ukuthi impela uma sekuzosa kuba mnyama kakhulu. Isithombe esivezwe yilesi sabelomali siyatshengisa ukuthi iseyinde indlela esazohanjwa ngaphambi kokuthi kulunge umnotho waseNingizimu Afrika kodwa zikhona izinto ezimbalwa eziletha ithemba.
USolwazi uBonke Dumisa, usomnotho: “Yisabelomali lesi esizama ukwenza into ebonakalayo, ke singabantu asiyi nganxanye singemanzi. Benze okusemandleni njengoba nezeMpilo zinikwe omunye uR8 billion wemigomo. Sithe uma siphela isabelomali, ngabheka ukuthi … Read More
BESEKUPHELE iminyaka emibili kumhlupha ukubona indlela amaqanda abiza ngayo ngoba ukholwa wukuthi loku ngokunye kokudla okujwayelekile futhi okufanele wonke umuntu akwazi ukukuthola kalula.
AYIKHO into esiyenze impilo yethu yaba lula ukudlula i-internet. Sikwazi ukwenza noma yini noma siye noma yikuphi ngokuphazima kweso. Sikwazi ukuthenga nokudayisa, sibuke amafilimu noma siye “esiqiwini”; konke sikwenza kwi-internet. Kodwa ngabe konke loku ngamakhekhe noswidi? Ngeshwa, akunjalo. Iqiniso lithi noma i-internet iyinhle kodwa futhi ingasilimaza.
ISABELOMALI esizokwethulwa kuleli sonto simqoka ekukhombiseni wonke umuntu ukuthi uhulumeni uyayazi into ayenzayo ngemali. Ngonyaka odlule kwakucacile ukuthi akayazi ngoba izindleko zazingaphezu kwemali engenayo, loku yinto eyayiqale ingakahlaseli iCOVID-19 futhi sasingazami ukukuguqula loko. Sasibhekene nenkinga enkulu.
EMASONTWENI edlule sIbheke ukuthi ungaliqala kanjani ibhizinisi. Sibalule izindlela ezimbalwa ezenza ukuthi abantu bagcine basungule amabhizinisi.
UMLIMI osemncane waseDundee, KwaZulu-Natali, osengene shi kulo mkhakha uthole ugqozi kumzala wakhe obemeseka.
AMALUNGISELELO omshado wakhe amvule amehlo wabona ithuba lebhizinisi uNkk uPhetsile Gamede osewumthungi.
NGOLWESITHATHU kuzokwethulwa isabelomali sonyaka wezimali u-2020/21 kanti osomnotho bathi enye into abayibheke ngamehlo abomvu wukubona ukuthi umNyango wezeziMali uzoyisebenzisa kanjani le mali elinganiselwa kuR150 billion obungayilindele njengoba kuvele ukuthi ukuqoqa intela kube ngcono kakhulu kunalokhu obekulindelekile.
WAYENGAZI ukuthi ufuna ukwenza muphi umsebenzi ngenkathi ekhula kodwa ayekwazi kahle yizinto ezine ayengafuni ukuba yizona. Uthi wayengakufuni ukuhlupheka, ukuba wumhlengikazi, uthisha nephoyisa.
ETHULA iNkulumo yeSimo seZwe ngesonto eledlule, uMengameli uCyril Ramaphosa ukhulume ngezinto ezine okuzogxilwa kuzona. Okuhamba phambili wukunqoba ubhubhane i-coronavirus kulandele ukuvuselela umnotho, ukudala amathuba omsebenzi bese okokugcina kuba wukulwa nenkohlakalo … Read More
“MINA abantu abangicathulisayo ngiyazi bahlale bematasatasa, ngakho angibangi isicefe ngokubafonela njalo. Enye into engiyigadayo wukuthi bakubone ukuthi nami ngiwusizo empilweni yabo. Uyabona nje omunye wayedinga uDJ umntwana wakhe ezoba nomcimbi, ngambhekela uDJ futhi ngamkhokhela ngoba ngiyazi ukuthi nami ngelinye ilanga ngiyothola usizo olukhulu. (Ukucathuliswa)akubona ubudlelwano bokuthi wena uhlale uthatha nje.”
YAQALA ibhizinisi ngoba izama ukuxazulula inkinga eyayixakile intokazi esizikhiqizela amalahle. UNksz uZinhle Loraine usedayisela nezitolo amalahle nezinkuni.
MADUZE kuzophela unyaka kusukela kwabikwa ngomuntu wokuqala owatholakala ene-coronavirus ezweni lethu. Lolu bhubhane lusilimazile uma sibheka ezempilo kanjalo nempilo yezigidi zabantu bakithi.
NGITHANDA sikesibheke ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ubephetheni emgodleni wakhe wenkulumo ebikhuluma ngesimo sezwe uma kuza emabhizinisini, ikakhulukazi amancane.
EKHULA wayefisa ukuba wusomabhizinisi kodwa wayengazitsheli ukuthi lelo bhizinisi lingaba semkhakheni wezolimo. Kodwa namhlanje uMnu uMpho Mangquzana usengomunye wabalimi abasebancane kodwa osekucacile ukuthi banekusasa eliqhakazile.
ABALIMI bawotha ubomvu ngokuthi izisebenzi zasemapulazini sekuzofanele zihole uR21.69 ngehora njengoba bethi loku kuzobeka imisebenzi engcupheni ngoba ngeke bakwazi ukumelana nalezi zindleko.
ISIKHATHI okuphilwa kusona manje silawulwa wubuchwepheshe yonke ndawo futhi ayikho indlela yokukugwema loku. Kodwa ubuhle nemivuzo yobuchwepheshe nobuxhakaxhaka abufinyeleli kuwona wonke umuntu eNingizimu Afrika.
UTHATHE ilokishi wayolifaka shi esilungwini ngokuvula indawo yokudlela, iBite of Africa. Le ndawo idayisa amagwinya endaweni yomntakabani, iSandton, eGoli, neyisizinda somnotho kuleli dolobha.
KUHLE konke okuthenjiswe wuMengameli uCyril Ramaphosa ngenkathi ethula inkulumo yesimo sezwe ngoLwesine futhi kuyalivuselela ithemba kosomabhizinisi kodwa okuzobajabulisa kakhulu wukubona lezi zithembiso zifezeka.
UKUTHOKOZISWA yimiphumela yezimonyo azithakele zona ngemva kokugqigqa kodokotela besikhumba engasizakali kumgqugquzele ukuthi asize nabanye abanenkinga yesikhumba esizwelayo.
OKWAKOBANI ukulahlekelwa yithuba obukade ulithandazela lomsebenzi noma lebhizinisi? Phezu kokubamba umoya nokucela ukuthi abakini bakubheke kodwa ukuphunyuke kanjalo umsebenzi ngenxa yezono zakudala. Yiloku kanye okwehlele unobuhle obengomunye wabangenele umncintiswano kaMiss SA ngonyaka odlule.
NAMHLANJE ngithanda sikesigxile ekubukeni izindlela ezincane nezinganakekile ongazisebenzisa ukukhulisa ibhizinisi lakho. Ayikho into ebaluleke njengoxhaxha lwabantu ozwana nabo ebhizinisini ngoba ngabo ungakwazi ukukhulisa ibhizinisi lakho lindlondlobale noma lisabalalele kwezinye izindawo.
Kusukela yasungulwa, i-internet nokusebenza kwayo isingene yagxila empilweni yethu, yathinta kakhulu indlela esenza ngayo izinto. Loku kuyiqiniso futhi kugqame esikhathini samanje noma njengoba kunobhubhane iCOVID-19 noma ngabe alukho. Abantu sebahlale bekwi-internet (noma be-online) kakhulu manje kunakuqala noma ngabe kungenxa yobumnandi, ukufunda, kukhona abafisa ukukuthenga noma “ukuya” emshadweni noma emngcwabeni.
SANIBONANI bantu baseNingizimu Afrika, Njengezwe eselijwayele ukuzwa izindaba zenkohlakalo, besingakulindele ukubona imininingwane nokuthi yini abanye abantu abebezimisele ukuyenza ukuntshontsha ngalesi sikhathi isizwe sethu sibhekene nesimo sezempilo esibi kunazo zonke esezike … Read More
USOMABHIZINISI ohweba ngonogwaja usuka kude nalezi zilwane ezidume ezinganekwaneni njengezikhaliphe ukwedlula ezinye. Iwu-20 golokoqo uNksz uDaisy Moleko esebenza ngonogwaja.
AMAKHOLWA athi uNkulunkulu akawuvali umnyango engeke avule omunye kanti isiZulu sithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye. Emva kokuxoshwa eSupersport, nokwase kumphinda njengoba naseSABC wake waxoshwa, kugcine kuyisibusiso kuMnu uRobert Marawa.
NGENKATHI izwe livaliwe uNksz uSindile Ramabele, oyi-fashion designer, wafikelwa umcabango wokuthi abantu besifazane abekho embonini yokukhiqiza amateki. Okunye akucabanga ukuthi alikho iteki okuthiwa elaseSoweto.
KUNEZINTO ezimbalwa esizaziyo ngabafundi baleli ziko lethu lezindaba. Yizinto lezi esingazifuniseli. Siyazi ukuthi bangaki, iningi labo ngabesifazane, basezifundazweni eziyisikhombisa, baneminyaka ephakathi kuka-25 no-44 futhi siyazi ukuthi abaningi bangena kwi-website besebenzisa … Read More
KUDINGEKA ubuholi obunomgogodla futhi obengakhohlakele, ingalo yomthetho eqinile nomphakathi ongazibandakanyi nobugebengu ukulwa nokudlondlobala kwemboni yokudayiswa kwezimpahla ngokungemthetho kanjalo nempahla ewumkokotelo eNingizimu Afrika.
NJENGOBA kwanda isidingo sokuthi zonke izinkampani zibe sezinkundleni zobuchwepheshe kumqoka uma ucabanga ukuba ne-website ukubheka indaba ye-web design ne-web development. Kumqoka ukubheka ikhono lenkampani noma uchwepheshe okwenzela lo msebenzi omkhulu.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yisiphi isikhathi esifanele sokuvala iminyango yebhizinisi lakho. Siyazi sisesimweni esibucayi kwezomnotho, ezepolitiki nesimo sempilo ngenxa yobhubhane iCOVID-19. Sibona amabhizinisi amaningi ewa, kwamanye kwembulwa kwembeswa kuthi kwamanye kuvalwe amehlo.
UKUPHELA kukaJanuwari bekusho ukuqala konyaka omusha, unyaka omusha oletha amathuba amasha okuthi sibuyekeze indlela esiphatha imali ngayo futhi siqale uhlelo lokuphatha imali olusha ukulungiselela izinyana ezisele onyakeni. Ngeshwa sisabhekene nengwadla yeCOVID-19 nokuqhubeka nokusimisa kabi ngasezimalini. Yingezikhathi ezinjena lapho siyaye sikhuthaze khona abathengi ukuthi babhekisise izinto abanamandla okuzenza ukuphatha imali yabo kahle nokunakekela ikusasa.
UNGENE ebhizinisini lokulima ngoba efuna ukuba yisibonelo kubafundi bakhe uthishanhloko osewumlimi.
WAQALA isikole singakafiki isikhathi ngoba wakhalela ukuya uma ebona odadewabo bevuka beya esikoleni. Loku “kushesha” ukwenza izinto “ezinkulu” kumlandele impilo yakhe yonke njengoba ephathe nezinkampani ezinkulu esamncane.
UKUKHULA ebona umshini wokuthunga uduvile, ulele uthuli kubo kwenza insizwa yaseNdawana, e-Underberg, KwaZulu-Natali, ibe nesifiso sokukwazi ukuwusebenzisa. Lo mshini owenza indaba kwakungokagogo wale nsizwa eqhamuke nomqondo wokuthunga amajakhethi angavamile.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.