NAMHLANJE ngithanda sihalalisele uNksz uNthabeleng Likotsi okusanda kumenyezelwa ukuthi ungowesifazane wokuqala othole ilayisensi yokuba nebhange.
EMASONTWENI amabili edlule sinabe ngemizamo namasu okuphepha online kodwa-ke njengoba kuhlale kushiwo ukuthi ayikho into eyimfihlo online, kuyiqiniso ukuthi ngeke uthembele kuphela ekuvikelweni yi-anti-virus software ngoba nakuyona iphutha liyenzeka kanti futhi izigilamkhuba ze-internet ziyakwazi ukuyidida ngokuqhamuka namasu amasha okugadla angakavinjwa kwi-software yokuvika ingozi. Ngakho-ke usengangena engozini esizwe ngayo ezingosini ezedlule.
UBEZAMA ukuchitha isizungu ngenkathi eqala ukulima ekhaya umlimi osemncane waKwaMaphumulo, KwaZulu-Natali, osedlondlobele ngokushesha kulo mkhakha.
IZINDAWO ezisemakhaya zisilele kokuningi, okwenza abahlala khona baphuthelwe ngisho wubumnandi. Bekunjalo nasemiphakathini yaseMbumbulu nase-Adams Mission obekudingeka ukuthi ithutheleke ezindaweni zobumnandi ezisemadolobheni nasemalokishini uma ifuna ukuzijabulisa.
KUNEZINTO ezimbili uMnu uZakhele Mkhize, umsunguli we-Entsika Consulting, azifunda ekhuleni kwakhe asabambelele kuzona nanamhlanje. Okokuqala wukuthi zimisele emsebenzini okuhlalele ngaleso sikhathi ungakhathazeki ngekusasa. Okwesibili wukuthi ungasabi ukucela usizo futhi nawe uselule isandla uma omunye umuntu edinga usizo ngoba yiyona ndlela yokwakha ubudlelwano nabantu.
SEKUWUMLANDO ukuthi ukubheduka kweCOVID-19 kube nomphumela omubi kangakanani emnothweni, hhayi nje eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele kepha yonke indawo kusazothatha isikhathi ukuthi uvuseleleke kahle. I-International Monetary Fund ilindele ukuthi … Read More
NGOMGQIBELO kuphela unyaka golokoqo izwe lavalwa okokuqala ngoba kuzanywa ukunqanda ukubhebhetheka kweCOVID-19. Ngesikhathi kuqala kwakuthiwe lizovalwa izinsuku eziwu-21 phakathi kukaMashi 27 no-Ephreli 16.
WONKE amabhizinisi anendaba ethile ngokusungulwa kwawo. Kunjalo nangebhizinisi lentokazi ewumsunguli webhizinisi elisabalalisa iwayini nogologo iWines & Spirits Stories.
IBHUNGU laseMlaza elinamathalente amaningi neliqeqeshelwe ubuciko bokudweba, phecelezi i-fine art, liveza ubuciko balo ngendlela ehlukile – esitofini.
UKUSEBENZA kanzima ngenkathi kuvalwe izwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kumvulele amanye amathuba umpheki osemusha.
UKUNGALITHOLI ithuba lokuyoqeqeshwa emva kokwenza izifundo ze-mechanical engineering eTshwane South TVET College kwamphoqa ukuthi abheke enye indlela angaziphilisa ngayo.
KUMTHATHE okungenani inyanga esaba ukuya kumakhasimende akhe ayemcela ukuthi akazowenzela ikhanda ekhaya uMnu uNjabulo Sithole weGQ Hair.
UKUFUNA into ehlukile angachitha ngayo isizungu ngesikhathi sikathaqa kumzalele ibhizinisi elikhula ngamandla.
UNksz uPhumelele Myeza, umsunguli wePure Elegance @Home usehlale ematasa ediliva izinhlobo zikajamu awenza ekhaya amakhasimende akhe angawuvali umlomo ngawo.
NGEMVA kokudilizwa emsebenzini wasungula inkampani yokudla eyaqala igxile ezikhaftinini zabantwana nokwalandelwa wokugcina esephekela imicimbi yezinkampani ezinkulu.
UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Sisho njalo isiZulu. Kunenqwaba yosomabhizinisi abakhalayo ngenxa yokuqubuka kweCovid-19 ngoba kuholele ekuweni kwamabhizinisi abo kodwa kukhona abahleka bodwa ngenxa yeminyango evulekile.
UKUVALELEKA ngenxa yemigomo ehambisana nokunqanda iCOVID-19, kuzale elinye ibhizinisi kowesifazane osengene nasemkhakheni wethelevishini.
OSOMABHIZINISI abasebenzela emalokishini eNingizimu Afrika bashayekile ngenkathi izwe livaliwe futhi kwabaningi babo imali ebingeniswa ngamabhizinisi abo yehlile ngaphezu kukahhafu. Yize kunjalo, abaningi bazimisele ukuqhubeka namabhizinisi abo uma izwe selivulwe ngokugcwele futhi abanye bayaqhubeka nokusebenzela emakhaya.
NAMHLANJE ngifisa sibheke izindlela eziyisikhombisa ongazisebenza ukuze ube wumuntu ongcono empilweni.
ISIMEMEZELO sangesonto eledlule sokuqokwa kwezinkampani ezingabaphehli bakagesi abazimele yigxathu elisiyisa phambili ekuqinisekiseni ukuthi sinogesi owenele kanjalo nokuvula ukufakwa kwezicelo somzuliswano wesihlanu kulabo abaphehla ugesi ongakhiqizwa ngamalahle.
UMNYANGO wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya KwaZulu-Natali unezinhlelo eziwu-64 ozozethula nohlose ngazo ukuqhubeka nemizamo yokuguqula le mboni ukuze abantu abamnyama babambe iqhaza kuzona zonke izigaba zokukhiqiza.
EKUQALENI kwaleli sonto isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uMnu u-Andre de Ruyter sithe kumele silindele ukuthi ukucinywa kukagesi kuzoqhubeka iminyaka eyisihlanu ezayo ngoba ugesi uyashoda ngo-4 000MW. U-De Ruyter uthe lokhu kuzoba … Read More
UMSUNGULI wenkampani eyenza izikhangiso isebenzisa kakhulu ulwazi nezibalo enalo ngamakhasimende, phecelezi i-data), wangena kwezamabhizinisi eneminyaka ewu-13 njengoba wayesekwazi ukusebenzisa ikhamera, nayeyisebenzisa ukushutha abangani bakhe izithombe bese ebadayisela.
ISABELOMALI sonyaka wezimali wango-2021/22 esisanda kwethulwa wumNyango wezeziMali KwaZulu-Natali sifakazele ukuthi uhulumeni uzibophozele ekulweni nokubhebhetheka kweCOVID-19, ukuvuselela umnotho ngokweseka osomabhizinisi abasafufusa nokuthuthukisa ingqalasizinda.
AKE SIBHEKE ukuthi njengomholi uhola kanjani ngezikhathi zesiphithiphithi? Siyazi ukuthi kuba nzima ukwenza izinqumo uma izinto zimapekwetwane. Abaholi abaningi bajwayele indlela endala yokwenza izinqumo lapho umuntu engajahi ukwenza isinqumo uma kuvele inkinga, ngaphandle uma iphoqa ukuthi sithathwe ngokushesha.
KUNGEKUDALA kangako umnotho waseNingizimu Afrika ubukhula ngaphezu kwa-5% ngonyaka. Kusukela ngo-2004 kuya ku-2007 bekuyinto ejwayelekile. Uma kwenzekile kwaba ngaphansi kwaloko, bekuthathwa ngokuthi izwe liyisehluleki.
UBEHOLA ibhakede likatamatisi ngenkathi ebamba amatoho emapulazini umlimi osemncane waseMzimkhulu, KwaZulu-Natali. Kepha zishintshile izinto njengoba esephakela amasuphamakethe. UNksz uMbali Bengu, oneminyaka ewu-29, uyisitshudeni saseDurban University of Technology (eDUT), lapho esesemaphethelweni … Read More
USEPHENDUKE isixazululo emindenini eminingi uthisha oqale esiza izingane ezifundweni zazo, osekuphendule ibhizinisi eliseceleni ukufundisa eceleni.
NGENKATHI enza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela, kwathi ngelinye ilanga esendleni elalele umsakazo wezwa umuntu omnyama ekhuluma, wachazeka yindlela ayeyibeka ngayo indaba yakhe nendlela ayekhipha ngayo isiNgisi ngamakhala.
SIGQEMEKE kakhulu sonke e-Absa namazwe ase-Afrika ngokushona kukaPeter (Matlare). Kwabaningi bethu ubengesiye nje umlingani kodwa ubewumeluleki, esicathulisa futhi ewubhuti onesikhathi sokukupha indlebe.
MHLA KA-8 Mashi bekuwuSuku lwabeSifazane eMhlabeni. Ngakho sifisa ukubheka umphumela weCOVID-19 kubantu besifazane; ukuthi sifundani nokuthi usishintsha kanjani.
CABANGA emuva kokushaya isitshulu esehla esiphundu bese uphoxwa yi-dessert ekugcineni. Abantu bavele bakhohlwe nayisitshulu leso ngoba isidlo sokugcina okuyi-dessert, yisona esivala sonke isikhala sokudliwe.
LANGA limbe ngo-2018 uNksz uNompumelelo Ngcobo wayedinga iqhwa, wase ekhetha ukufaka izitsha ezinamanzi kwi-freezer yakubo, lahlangana kanjalo iqhwa kwafezeka isidingo sakhe.
SEKUPHELE amasonto amabili, kanti manje siphakathi kwelinye isonto elihle futhi. Yebo, ngisafisa ukuthi uphephe online, ngakho sizoqhubeka lapho esasigcine khona emasontweni edlule. Sagcina sichaze i-online safety, saxoxa ngokubaluleka kwakho nezito eziyingozi esizenza online. Njengoba sesazi ukubaluleka kokuphepha online, siphepha kanjani na? Kukodwa ukwazi ukuthi uhlala endaweni enengozi, angithi? Kodwa kusizani ukwazi loko kodwa uma ungazi ukuthi uphepha kanjani engozini?
NGESONTO eledlule ngabuyelwa yithemba lokuthi uhulumeni ugxile ekuletheni nasekwakheni umbuso osebenzayo ngenxa yezinto ezimbili. Okokuqala uMengameli uCyril Ramaphosa usebenzise incwadi yakhe ayibhala masonto onke ukubhunga ngohlaka okuhloswe ngalo ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuhulumeni, iNational Implementation towards the Professionalisation of the Public Service.
NAMUHLA akesibheke ukuthi uwumholi onjani. Ngike ngafunda enye incwadi ekhuluma ngezinhlobo zobuholi. Emasontweni adlule ngike ngathinta indaba yobuholi kodwa ngigxile kakhulu kwezamabhizinisi. Namahlanje ngithanda sibheke ubuholi bakho jikelele.
AKASEKHO emhlabeni uMnu uPeter Matlare, obeyiphini lesikhulu esiphezulu e-Absa. Udlule emhlabeni ngeSonto emva kokuphathwa yiCOVID-19.
NGEMVA kokuphasa umatikuletsheni kwenye yama-boarding school aziwa ngokukhiqiza ubisi lwabafundi wayefisa ukuba wudokotela, nokho wagcina engalifakanga ijazi elimhlophe. Noma agcina engeyena udokotela owelapha iziguli kodwa namhlanje uwudokotela – udokotela ngokwemfundo.
KUTHIWA lapho izinto zimapeketwane khona yilapho okukhona ithuba lokwenza izinto ezintsha ngoba kusuke kudingeka isisombululo. Loku kumsebenzele owesifazane osemncane njengoba kuholele ekutheni asungule ibhizinisi eseliwole nemiklomelo yamabhizinisi ezwenikazi i-Afrika.
KULE minyaka emithathu edlule ezinye zezinto ezihlehlisele inqubekela phambili eNingizimu Afrika amahlazo ahlale obala embonini ezimele futhi enziwe ezinye zezinkampani ezinkulu. Lapha sikhuluma ngezinkampani ezifana neSteinhoff International, okwavela ukuthi yakhuphula … Read More
ABEZIKHWAMA zempesheni nabatshalimali embonini ezimele bayakuthakasela ukuthi uhulumeni nge ubaphoqa ukuthi batshale imali kwingqalasizinda eyakhiwayo ezweni.
UMSEBENZI wokupenda ububukelwa phansi, umuntu owenzayo abizwe ngamagama ayiziswana. Namanje abantu abapendayo basabizwa ngomapendane, okufakazela ukubukelwa phansi kwalo msebenzi.
ISINQUMO (sangeSonto) sokwehlisela ukuvalwa kwezwe esigabeni sokuqala sizosiza abantu abaningi baseNingizimu Afrika babuyele emsebenzini futhi sizosiza ukuvuselela umnotho. Ukushintshwa komthetho wewashi kuzosiza kakhulu imboni yezindawo zokudlela cishe okuyiyona eshayeke kakhulu ngenxa yobhubhane nokuvaleleka. Isekhona imithetho eyinqandayo kancane kodwa kungcono ngoba isizokwazi ukucishe ivule nokudayisa utshwala njengokwejwayelekile.
NAMHLANJE ngithanda sike sibheke ukubaluleka kokukugcina isikhathi ebhizinisini noma empilweni nje. Ukugcina isikhathi kukhombisa labo osebenzisana nabo ukuthi uyasihlonipha isikhathi nokuthi uyabahlonipha nabo. Ukugcina isikhathi kukhombisa inhlonipho.
LILODWA igama angachazwa ngalo umlimi waseMthatha, eMpumalanga Kapa. Uzulazayithole. Unjalo uNkk uSiphesihle Kwetana, oneminyaka ewu-26. Uma efuna into uyaphokophela aze ayithole. Ngaphezu kokuba wuzulazayithole unesinye isikhali – ukukhulunyelwa wumsebenzi wakhe, … Read More
ZIMBILI izinto ezigqama ngamangwevu esikhulu esisemkhakheni wezezimali esinamava okusebenza emabhange akuleli zwe nakwamanye amazwe – imfundo nobuchopho bezezimali.
OSOMABHIZINISI abancane abazinze emalokishini nasemakhaya bathenjiswe uR4 billion kwisabelomali sango2021/22.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.