Idinga ukufakelwa izibuko eyezithuthi zomphakathi ezisebenza ngobuchwepheshe besimanjemanje. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

KUNINGI osekushintshile ngenxa yokuthuthuka kobuchwepheshe emhlabeni. Enye yazo yindlela umphakathi othuthwa ngayo njengoba sekwaba khona izimoto umuntu azibiza “ngokugingqa isithupha” kwi-internet bese ifika qathatha lapho ekhona izomlanda, phelecezi ama-e-hailer.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Namhlanje siphothula umkhankaso oxhaswe yi-Africa Check obunicathulisa ngaloku.

Share this now

NGAPHAMBI kwamaphakathi no-2020, igama elithi DJ Kgaogelo Moagi, odume ngelikaMaster KG, belingasho lutho olutheni kwabaningi futhi akulona abantu abaningi abebengasheshe balikhumbule. Kodwa manje sekuyigama elihambisana nempumelelo emhlabeni jikelele futhi nelaziwa yizigidi ngezigidi zabantu kanjalo nomnikazi walo.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Siyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

Share this now

LE MITHOMBO ingaba yisiqalo sokuzama ukuthola ulwazi olusezingeni eliphezulu. Nakuba kunjalo nokho kumele uhlale ubeke emqondweni ukuthi awukwazi ukuvele uthathe noma iyiphi inkulumo nje bese uzitshela ukuthi inolwazi okuyilona ngesihloko esithile.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. SIyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku.

Share this now

IQINISO elingenakuphikwa wukuthi izinkundla zokuxhumana zikhuthaza ukusabalaliseka kwezithombe nama-video, nokuthi-ke isithombe esifakwe ezinkundleni zokuxhumana yisona esisethubeni lokusabalala kakhulu ukwedlula umbhalo omude.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Siyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

Share this now

INTSHISEKELO yokuthi njengentatheli kube nguwena oba ngomunye wabokuqala abazisa umphakathi ngodaba oluthile ivame ukudala ixhala nokukhathazeka. Kodwa-ke leyo ntshisekelo yokusheshisa udaba isho ukuthi kufanele uhlolisise ukuthi lokho ofuna ukukusabalalisa kuyiqiniso kangakanani.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Kusukela namhlanje sizokwethulela umkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

Share this now

AKUYONA yonke inkulumo ongakwazi ukubheka uthole ubuqiniso bayo. Umbuzo wokuqala okumele uzibuze wona ngaphambi kokuzama ukubheka ubuqiniso ngothi: ingabe le nkulumo ingahloleka yini noma cha?

UMNYANGO wezeziMali neBhange loMbuso sebezichithile izinsolo ezenziwe wuMnu uTokyo Sexwale othe kunezigidigidi zemali ezanikelelwa iNingizimu Afrika ukuze zilekelele umphakathi kodwa esezinyamalele. USexwale uthe lezi zizumbulu zafakwa ebhange lombuso ngoba zanikelwa ziqhamuka phesheya. UmNyango wezeziMali neBhange loMbuso bathe sebake bamchazela uSexwale ukuthi loku yinto engekho kanti bacabanga ukuthi yimizamo yokuqola abantu. Bathe uSexwale akayena umuntu wokuqala odumile oseke wabuza ngale mali-mbumbulu.

Share this now

Umfelandawonye wentsha ukhulise umsebenzi wezolimo weminyaka ngenkathi kuvalwe izwe njengoba usidayisela uSPAR. Amalungu awo axoxe noZANELE MTHETHWA

Share this now

ISASASA lokutshala emakhaya ngenkathi kuvalwe izwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19 lisize intsha ekhuthazeke ukugqamisa umfelandawonye odlondlobalayo wabalimi.

Umsebenzi abizelwe kuwona unezinselelo futhi uyasinda emphefumulweni kodwa ukwazi ukuthi usiza umphakathi kuyamgqugquzela ophethe iHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

ENONYAKA ethathe izintambo zokuba wumphathi eHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali uNkk uFuthi Mhlongo waphoqeleka ukuthi ahoxise ithimba labacwaningimabhuku ababecwaninga uMasipala waseThekwini ngoba esabela ukuphepha kwalo emva kokuthi lisatshisiwe.

AYISUKUNYELWE EYEZOKUTHUTHA

Share this now

EZIMBONINI ezimbalwa ezasungulwa nezilawulwa ngabantu abamnyama, eyamatekisi iyona enkulu kunazo zonke.   Ngokusho kweKhomishini yokuNcintisana le mboni esineminyaka ecela ku-50 iqashe abantu abawu-500 000 kanti kunabadayisi abawu-150 000 abaphila ngokudayisa emarenki … Read More

IKhomishini yokuNcintisana ithi kuningi okudinga ukuguqulwa endleleni okuthuthwa ngayo umphakathi ukuze kuhlomule abagibeli. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

INHLANGANO yamatekisi ezweni iSouth African National Taxi Council (iSANTACO) ithi imipumela yocwaningo obelwenziwa yiKhomishini yokuNcintisana ngemboni yokuthutha umphakathi ifakazela into esineminyaka ikhala ngayo futhi ithemba ukuthi kuloku uhulumeni uzolalela bese uthatha izinyathelo ezifanele.

Uvuka uzithathe kanjani ngemva koku‘shaywa’, kuloba uZama Simelane

Share this now

EMASONTWENI amabili edlule kube nemibiko ethi emhlabeni jikelele kuhlaselwe noma ku‘shaywe’ izinkampani kusetshenziswa ama-server akwaMicrosoft. Loku kwenze ukuthi izinkampani zaseNingizimu Afrika, okubalwa namabhange kuzona, zaba sengcupheni. Udaba engilufundile ngale nto luthe iNingizimu Afrika ingenye yamazwe angaphephile emhlabeni ngenxa yokungazi ngezinto ezithinta ukuphepha kwi-internet, phecelezi i-cyber security. Yingakho-ke ngiphinda ngifisa ukudlula kuloku, ngigcizelele ubumqoka bokuhlala uqaphile kwezokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje.

Bavuke bazithatha abadilizwa kwaRainbow Chicken njengoba sebengabalimi bezinkukhu ezithi bona. UZANELE MTHETHWA uxoxe nabo

Share this now

KUGCWALISEKE isisho esithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye ezisebenzini ezadilizwa kwaRainbow Chicken eCato Ridge, entshonalanga yaseThekwini. Kwaqhuma isililo nxa zonke ngenkathi kudilizwa izisebenzi ezingaphezu kuka-100 kule nkampani, kwalala ikati eziko emindenini eminingi.

Ngemva kokubonisana nomNyango wezeziMali, iBhange loMbuso neBank Association of South Africa bavumelene ngokwelula isikhathi seLoan Guarantee Scheme (iLGS) izinyanga ezintathu kuze kube mhla ka-7 kuJulayi 2020. I-LGS yamenyezelwa wuMengameli uMnu uCyril Ramaphosa mhla ka-21 ku-Ephreli 2021 ngokohlelo lokuzama ukuvuselela umnotho i-Economic Stimulus Package ngenhloso yokweseka amabhizinisi amancane ayebhekene nobunzima ngenxa yomphumela weCOVID-19. Kuze kube manje amabhenki aseboleke amabhizinisi awu-14 827 imali ewuR18,16 billion. Nokho lolu hlelo alubanga yimpumelelo njengoba bekuhleliwe njengoba izinkampani eziningi ezishayekile zingabanga nkamunkamu ukuboleka imali ngenxa yokwesaba ukucwila ezikweletini. Ukululwa kohlelo lokubolekisa kuzokwenza ukuthi kusongwe izinto ngendlela. Lolu hlelo luzokwenza ukuthi kubolekwe bonke abafaka izicelo kusukela esikhathini sokwelulwa kwalo kuye kuze kuphele iminyaka emihlanu.

Share this now

INJABULO NOKUDANGALA

Share this now

NGESONTO elidlule sithole izindaba ezinhle nezimbi ngesimo sezimali eNingizimu Afrika. Umqoqintela uveze ukuthi ngonyaka wezimali wango-2020/21 uqoqe imali engaphezulu kunaleyo abeyilindele ngoR38 billion, nokudalwe kakhulu yinzuzo enkulu eyenziwe yizimayini ngenxa … Read More

Isimo sakhe sokuzalwa, imfundo yakhe, isimo sakhe sempilo konke bekungenza kube lula ukuthi ahlale phansi dekle, atamuze umbuso noma abheke izindaba zakhe. Kodwa umntanenkosi usekhaleni lokuthuthukisa umphakathi wasemakhaya. Uxoxe noLANGA KHANYILE

Share this now

KUNESISHO sesiNtu esithi ukuzalelwa emqubeni, okusho ukuba nenhlanhla yokuzalelwa ebukhosini noma ebugwilini. Yingakho izingane zezigwili noma abantwana basebukhosini zidume ngokuthi izinto zazo zilula, okwazo nje wukulindela ukudlula kwabazali, zidle ifa bese zitamuza ubumnandi.

OQONDENE nokusongwa kwezindaba zebhange elawa iVBS Mutual Bank, uMnu u-Anoosh Rooplal, ukhumbuze ababenemali efinyelela kuR100 000 kuleli bhange ukuthi bangayikhipha imali yabo eNedbank kuze kube mhla ka-8 kuJulayi. Lolu yilona suku okuzophela ngalo lesi sivumelwano esesineminyaka emithathu phakathi kukaRooplal, iPrudential Authority neNedbank. Kuma-akhawunti awu-18 300, awu-17 750 enani likaR260 million athuthelwa eNedbank, kanti u-98% wabantu usuwayilanda imali yawo. Kukhona awu-3 773 abantu ababenemali ewuR100 nangaphansi avalwa ngenxa yezindleko. Isiyonke imali kulama akhawunti yayiwuR105 000 kodwa nabanikazi bawo banelungelo lokuyifuna imali yabo kuze kube mhla ka-8 kuJulayi 8. Kusanda kuthuthelwa amanye ama-akhawunti awu-370 anoR3.7 million.

Share this now

UNgqongqoshe wezeziMali uTito Mboweni, ngemva kokuboniswa yiPrudential Authority (iPA), uvume ukuthi i-Access Bank Plc ibe ngabanikazi abasha beGrobank. I-Access Bank yibhange laseNigeria elitholakala i-Afrika yonke, i-United Kingdom ne-Asia. I-PA nomNyango wezeziMali ngemva kokuhlola izinto banelisekile ukuthi loku kuzosiza iGrobank nabafake imali kuyona. Loku kuzokwenzeka izigaba ezimbili. Okokuqala kuzothinta amasheya obunikazi obuwu-48.95%, kuthi obesibili kube ngabamasheya ajwayelekile eGrobank acela ku-90.35%. I-Grobank izoshintsha igama ibizwe nge-Access Bank (South Africa) Limited. Imbangela yalolu shintsho ebunikazini beGrobank kube yisifiso sePA nabaphathi beGrobank ukuvikela leli bhange nabantu abafake imali kulona ngemva kobunzima ebelibhekene nabo. UNgqongqoshe uthe: “Siyethemba ukuthi abanikazi abasha bazoxhumana nabantu abafake izimali nabatshalimali ngokushesha. Silifisela inhlanhla enkulu leli bhange nabanikazi balo abasha.”

Share this now

Umcwaningimabhuku-jikelele uthi kusabhimba ngokuphatha izimali zezwe futhi kukhona okusina kuwajeqeza amabhizinisi kahulumeni amancane. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

UMCWANINGIMABHUKU-jikelele waseNingizimu Afrika usexwayise ngokuthi uma ingasukunyelwa indaba yamabhizinisi kahulumeni “amancane” azogcina esewumthwalo kwisabelomali.

You cannot copy content of this page