Month: May 2021
Usesebenze ezimbonini ezihlukene kanti konke lapho edlule khona siyabonakala isandla sakhe. Manje la magalelo adume ngawo sekubhekwe ukuthi awasebenzise ukulekelela uMasipala waseThekwini uxhumane kangcono nezakhamuzi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe
UMHOLI ukwazi ukuzuza izinto ezinhle nezinkulu uma enobudlelwano obuhle nabambisene nabo ngoba akuyena ngqo owenza umsebenzi kodwa yilabo abasuke bengaphansi kwakhe. Ngakho kumqoka ukuba nobudlelwano obuhle nobaholayo, ukwazi abakulindele kuwena futhi ukuhloniphe kanti nezwi lakho ulisebenzise.
AMAPHANTA AYISIBANI
KULELI sonto sibhale ngokuthi sebeyanda abantu abangamaphanta nabanganqeni ukuqala nokwenza amabhizinisi okungenzeka emehlweni abanye abukeleke phansi. Kulolu daba sithe esinye sezizathu sikhula isibalo samaphanta yingenxa kasomabhizinisi owusaziwayo uMnu uSbu Leope, … Read More
Ayisukunyelwe indaba yokushoda kukagesi, kuloba uBusi Mavuso
SEKUPHELE cishe iminyaka ewu-15 siphila nokushodelwa wugesi. Kunzima ukusho ukuthi sekuwudle kangakanani umnotho. Izibalo zisivezela ingxenye yesithombe njengokuthi imboni yokukhiqiza ilahlekelwe yimisebenzi ewu-400 000 kanti nenzuzo embonini ezimele isiyacikizela seloku kwaqala ukucishwa kukagesi ngo-2007.