ULULEKWE wuyise ukuthi akangapholisi maseko ngokuqala ibhizinisi ngoba usezibonile ukuthi unothando lwalo. Le ntokazi isilandelile lesi seluleko njengoba isinenkampani ethi yona nakuba ineminyaka ewu-17.
IMPI yobhubhane iCOVID-19 iyonqotshwa ngokuthi kugonywe abantu ngokushesha. Ngesonto eledlule umNyango wezeMpilo nobambisene nabo bakwazile ukunyusa amasokisi kulolu hlelo futhi ngiyabancoma.
KULE ngosi ngifisa sibheke indaba yomthetho wobunikazi kwezamabhizinisi, phecelezi i-intellectual property law.
Imboni yezolimo ibanzi futhi miningi imisebenzi ekhona kuyona, ngale kokulima emasimini abaningi abaye bacabange ukuthi kuphelela khona. Masonto onke sibhala ngabalimi abasebancane. Izindaba zabo ziveza ukuthi yimboni ebanzi nenamathuba amaningi.
UQASHELWE ukusebenza nabalimi abasafufusa njengoba kumele abatholele amathuba nezinye izinto ezingabasiza. Kodwa isifiso sakhe esikhulu wukuthi mhlazane eshiya kulo msebenzi kube wukuthi akasekho umlimi okuthiwa usafufusa ngoba lokhu kubuye kusetshenziswe ngisho kungafanele.
UKUNTENGA komnotho nezinga eliphezulu lokudilizwa kwabantu emsebenzini ngenxa yokuvalwa kwezwe kumgqugquzele ukuthi aqale ibhizinisi lomndeni lokulima.
SESIPHELILE isikhathi sokuthi abantu abamnyama beloku bengabalimi abancane abalimela ukuzidllela bona nokudayisa endaweni into engatheni kodwa kumele nabo babeyingxenye yabalimi abakhulu ababamba iqhaza elibonakalayo.
WACISHE wadikibala waphelelwa wumdlandla webhizinisi umlimi osemncane osezakhele udumo ngokudayisa izinkukhu. UNksz uSne Ngubane usephenduke iqhawekazi nesibonelo entsheni yangakubo eKuthukuzeni, eManguzi.
UFUNDE ukuba wumholi esakhula njengoba ethi ukuba yingane yokuqala kwenza ukuthi abazali bakhe bangamtotosi kusukela eneminyaka eyisikhombisa.
ESEPHOTHULE umatikuletsheni wathola itoho lokuba wumabhalane nelokuba wuthisha ukuze ezoqongelela imali yokuya enyuvesi. Kubangani bakhe abase bevele besenyuvesi kukhona ababemxoxela ngendlela i-Accounting elikhuni ngayo futhi babethi akekho ophothula iziqu zakhona ngesikhathi esibekiwe okuyiminyaka emithathu.
UTHANDO lokunakekela abantu abagulayo nokukhathalela iziguli yilona olwaqala uthando lokugxila kwezempilo esemncane.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Yebo. Ngisemncane abazali bami babenomusa ngendlela ababengeseka ngayo kwezezimali. Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange? Ngavula i-akhawunti yami yokuqala ngenkathi sengizohamba ekhaya ngiphikelele enyuvesi. Uma ucabanga … Read More
KWAKUYIVELAKANCANE ukuthengwa kwesinkwa kubo ngenxa yokuthi uninakhulu owamkhulisa wayevele axove inhlama kwenziwe amagwinya nojeqe.
UDkt uJabulane Albert Mabuza ubewumphathi wami! Samncenga, wagcina evumile ukuba yinxusa losomabhizinisi bonke ngokuba wumengameli weBusiness Unity South Africa (iBUSA), weCEOP Initiative nosihlalo weBusiness Leadership South Africa (iBLSA).
UKUNGAKUTHOLI okokugcoba okufanele isikhumba sakhe kwaholela ekutheni agcine eseqala ibhizinisi lokuhlanganisa amafutha ngoba ebheka isimonyo esimfanele.
NGOMSOMBULUKO sivalelise enye yezingqalabutho zamabhizinisi, neyake yaba wusihlalo weBusiness Leadership South Africa (iBLSA), uMnu uJabu Mabuza. UMabuza usize ukuthi osomabhizinisi babe nezwi ngesikhathi sokugwamandwa kombuso.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi uwusomabhizinisi ubhekana kanjani nendaba yamacala enkampanini yakho. Yiziphi izinyathelo okumele uzilandele uma kunecala ukuze liphathwe ngendlela efanele?
UKUKHULISWA ngabazali abangabalimi futhi befuyile yikona okumenze washisekela ukuba wumlimi.
UBUNGANI babo nothando lwezinto ezifanayo yikona okwenze ukuthi izinsizwa zaseThekwini zisungule ibhizinisi lokuwasha nokunakekela amateku nezicathulo elikhula ngamandla.
KUNEZINTO ezimbalwa eziqapheleka ngesikhulu esiphezulu senkampani egxile kumshwalense nezemfundo. Okokuqala wukuthi ibhizinisi lisegazini kuye. Okwesibili wukuthi unothando lwento ayenzayo. Okwesithathu, nokumqoka, wukuthi uyivulandlela endleleni yokuphatha ibhizinisi, phecelezi i-innovator. Okokugcina wukuthi uyakholelwa emandleni abantu abamnyama ebhizinisini.
INHLANZEKO yinto ekhuthazwayo ebantwin nasemakhaya. Yiyona le mfundiso eholele ekutheni abashadile basungule ibhizinisi eligxile enhlanzekweni.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Ngenxa yokuthi umama ubesebenza emajalidini ehlala kude nami, kwangiphoqa ukuthi ngisheshe ngizifunele amatoto. Ngaleyo ndlela umama wayebhekana nezidingo zesikole, engingabala kuzona umfaniswano wesikole nokunye. Ngagcina … Read More
UQWEQWE lukasomabhizinisi, umholi kwezamabhizinisi nesishoshovu sangoJuni 16 ngo-1976 sishone ngoSuku lweNtsha. UMnu uJabu Mabuza, obeneminyaka ewu-63, ushone ngenxa yeCOVID-19, esiphinde yaqubuka okomlilo wequbula njengoba kunesiwombe sayo sesithathu ezweni. UMshengu kukude … Read More
UCWANINGO alwenza ngenkathi ezihlupha ngokuthi yini ehlukile angayenza ukuze aziphilise yilona olwamfikisela ngomcabango wokuqala ibhizinisi lokupenda imidwebo yezithombe zokuhlobisa odongeni.
KWABA nemvunge ngo-Okthoba nyakenye ngenkathi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni ememezela ukuthi uhulumeni uzophinde ulekelele inkampani yamabhanoyi ngemali.
Basebenzisa ulwazi lwezolimo, ezemvelo nomhlabathi ukusiza abalimi abasafufusa nabadayisi basemgwaqweni. USLINDILE KHANYILE uxoxe nomunye wabo
LANGA limbe esafunda isikole samabanga aphezulu eduze kwalapho ayefunda khona kwakwakhiwa inxanxathela yezitolo entsha eduze omfula.
AKUKAPHELI sikhathi esingakanani luzelwe “usana” lwakhe olusha kodwa selwaziwa emadolobheni amaningi eNingizimu Afrika kanti naye usaziwa njengo“Babes we-curry paste” ngenxa yokuthengwa ubuthaphuthaphu kwe-curry paste azihlanganisele yona.
ESAQASHIWE wayesebenzela isikhondlakhondla esikhiqiza izimpahla ezinhlobonhlobo ezisetshenziswa ngabathengi, i-Unilever. Kodwa nangaleso sikhathi wayazi ukuthi ngelinye ilanga uyophuma ayozimela ngoba uthando lokuzisebenza lwaqala esemncane.
UHULUMENI usuqoke iTakatso Consortium njengenkampani ezimele esizobambisana nawo ukuvuselela inkampani yamabhanoyi iSouth African Airways (iSAA). Lesi simemezelo sisho ukuthi u-51% weSAA usuphethwe yinkampani ezimele. Le nkampani ihlanganiswe yiHarith General Partners, … Read More
UQALE ukubhaka ngoba echitha isizungu emva kokungawutholi umsebenzi eseqede ukuqeqeshwa. Wayenzela umndeni nabangani bakhe nobekuthi uma bemncoma bavele bamkhuthaze ukuthi akawadayise amakhekhe ngoba ehla esiphundu. Kodwa waqale wanganaka. Kuthe uma … Read More
UKUWA komnotho emhlabeni ngo-2008 okwadalwa wukwehla kwamanani emkhakheni wamabhilidi nezindlu nokuhluleka ukukhokha izikweletu kwabantu base-USA kwazwela naseNingizimu Afrika. Imibiko yaveza ukuthi bawu-1 million abantu abaphelelwa wumsebenzi ngenxa yaloku kuwa komnotho … Read More
SENIDLILE kodwa? Lona wumbuzo osudume iNingizimu Afrika yonke ngenxa kasomabhizinisi nompheki ongaconsi phansi kwabaningi.
KUNEZIMPAWU eziletha ithemba ngokuvuka komnotho eNingizimu Afrika kodwa ukuqhubeka kokucinywa kukagesi kuyalishabalalisa leli themba ngoba kubonakala ukucinywa kukagesi kuyinto esazoqhubeka. Lona wumbono wongoti abaphawula ngezibalo ezisanda kukhishwa yiStatistics South Africa, … Read More
UTHANDO lokusiza abantu ngolwazi lwaqala esemncane ngoba ebona ukushoda kolwazi emiphakathini yabantu abamnyama.
NGO-EPHRELI besigubha iminyaka ewu-27 sathola inkululeko neminyaka ewu-25 kwasayinwa umthethosisekelo wethu. Kodwa umsebenzi wokuguqula umnotho owawuqalwe njengengxenye yesivumelwano sezepolitiki ubonakala uhlehlela emuva.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele uzithathe uma wenza inhlolokhono yomuntu noma abantu ofisa ukubaqasha enkampanini yakho.
USALOKU emangale njalo uma eqhathanisa izinga asekulona emkhakheni wezolimo nempilo akhule ngaphansi kwayo eNingizimu Afrika osewumcwaningi emkhakheni wezolimo eSwiss Institute eSwitzerland.
KUKHUTHAZWA abalimi abayintsha ukuthi bangenele umncintiswano womlimi omncane ovelele i-Agri SA National Young Farmer of the Year.
KUSUKELA ngo-2006 kuze kube wu-2016 uvule futhi wawisa amabhizinisi amathathu. Emva kokuwa kwelesithathu, kwavaleka nenhlanhla yokuthola umsebenzi ebiyaye imtakule ngezinye izikhathi uma esewise ibhizinisi.
UMLOBI, umsunguli wephephandaba nesishabasheki sezilimi zomdabu sikholwa wukuthi nakuba ubandlululo lwaluyinto embi kodwa lwalunakho okubili okuthathu okuhle.
ISIZULU sithi umthente uhlaba usamila. Intombazane yaseThekwini esibhale ngayo kwaSafufusa ngesonto elidlule iyasifakazele lesi saga. USiphesihle Mhlongo, odume ngelikaSippy, unebhizinisi lokupheka nokubhaka kanti ufundisa ezinye izingane ukupheka nokubhaka. U-Sippy, oneminyaka … Read More
IZIBALO yisifundo abantu abaningi abangasithandi ngoba bathi kunzima ukusiphasa. Kodwa kunensizwa ethanda lesi sifundo kangangokuthi isisungule ibhizinisi lokwenza abantu ukuthi basithande.
YIZE umNyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya usubuyisele u-50% womhlaba kahulumeni ukuthi ulinywe kodwa ukwesekwa kwabalimi abasha nokudluliselwa komhlaba ngokupheleyo kusazoba yizinto ezisazomhlupha ungqongqoshe walo mnyango.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yiziphi ezinye zezingqinamba ezenza ukuthi abantu abaqala amabhizinisi bangakutholi ukuxhaswa abakufunayo.
UDABA lobunikazi bempahla lubuye libe yibhola lomnqakiswano losopolitiki eliqhatha abacebile nabantulayo. Ngenkathi siphikisana ngezinto kulula ukuthi sikhohlwe yiqhaza lamalungelo ukuthi izinto zisungulwa kanjani, hhayi ukuthi zabiwa kanjani.
WAQALA evubela ikhofi esebenzela enye yezinkampani ezihamba phambili ekukhiqizeni ikhofi kanti manje usenekhofi elithi yena. UMnu uSihle Magubane usizwe wukubekezela ngenkathi elinde izinto ukuthi zihlangane njengoba esenekhofi lakhe iSihle’s Brew, nokuyikhofi lokuqala lomuntu omnyama eNingizimu Afrika.
ULWAZI olunzulu, amacebo nakho konke okudingekayo ukuze ukwazi ukungena kwezolimo ngezinye zezinto ezihlabahlosile ezigqame esigcawini sokuqala sokucijana ngolwazi ngamathuba akhona kule ndima.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.