Uvala igebe embonini yezimali ogxile enkampanini elekelela osomabhizinisi abaphila ngamathenda kahulumeni ukuthi bangawi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

KWAKUMKHATHAZA ukuzwa inzalo emba eqolo abantu abayikhokhiswa ngomashonisa. Okunye obekumphatha kabi wukuwa kwamabhizinisi abantu abamnyama abathembele kakhulu ekutholeni umsebenzi kuhulumeni ngenxa yokungakhokhelwa ngesikhathi noma ngenxa yokuthi uma sebekhokhelwe imali eningi igcina iphelele komashonisa.

Kunezigidi zokuvuselela umnotho kodwa umphakathi kumele ukuqonde ukuthi ukucekelwa phansi kwengqalasizinda kwenza izwe ligidagide ndawonye. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

UHULUMENI uzohlinzeka ngoR38.5 billion amabhizinisi nezakhamuzi ngezindlela ezihlukene ngenxa yezibhelu zokutapa ezibheduke KwaZulu-Natali nakwezinye izindawo zeGauteng emasontweni amathathu edlule.

Uyakhula ekuzakheleni igama kwezobuciko umdwebi. Nokho ufisa abantu abamnyama baqonde le mboni. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

Share this now

UTHANDO lokudweba luqale ngenkathi esafunda isikole edweba ayefunda nabo abakhiphe njengoba benjalo. Nokho uthe eseqede isikole akangafundela izifundo zokucija lesi siphiwo njengoba abhalisela izifundo zokukhangisa, i-marketing.

OSOMABHIZINISI bawuncomile uMasipala waseThekwini ngesinyathelo sawo esinqala sokusiza amabhizinisi acekeleke phansi ngezibhelu. Izolo (ngoLwesine) iMeya uMnu uMxolisi Kaunda ihlangane nezikhulu eziphezulu zezinkampani ukuziqinisekisa ukuthi umKhandlu uzibophezele ekuvikeleni amabhizinisi abo. Ethula izinhlelo zeTheku, uKaunda uthe umKhandlu uzobuyekeza isabelomali sango-2021/22 ukuze sibeke eqhulwini uhlelo lokuvuselela umnotho. UmKhandlu uzophuthumisa uhlelo lwezicelo zokwakha ukulekelela amabhizinisi adinga ukuvuselelwa.

Share this now

Inkolelo yokuthi abantu kufanele badle zikhathi zonke futhi badle okuhambisana nesikhathi esithile kwenze wasungula ibhizinisi lokudla. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

“NSUKU ZONKE abantu kumele badle, kungaba yisekuseni, yisemini noma ebusuku. Zonke izinsuku nangazo zonke izimpelasonto, umuntu egubha into ethile kungaba wusuku lokuzalwa noma okuthile akuzuzile, konke lokho kudinga ukudla, ikhekhe nesiphuzo esizohambisana nakho.”

Ungoti uthi akufanele basolwe osomabhizinisi abazophosa ithawula, bashaye bachithe uma sebekhokhelwe wumshwalense. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

IZINKAMPANI eziningi sezikhiphe imiyalezo ezibophezelayo ekwakheni kabusha nasekuvuseleleni izitolo ezilimale ngenxa yezibhelu zangesonto eledlule. Nokho bakhona abazophosa ithawula kanti akufanele basolwe abasolwe ngalokho. Usho kanje ungoti wemboni yezakhiwo, uNksz uLynette Ntuli, oyisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions.

Owasukunyiswa wuthando lokufunda indlela elula yokunakekela izinwele zemvelo uyadlondlobala ebhizinisini lokucwala izinwele. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

Share this now

UKUNAKEKELA izinwele zemvelo yinto abanye abayibona inzima nokungakho begcina bezifaka amakhemikhali okuzithambisa ukuze zingabi buhlungu. Yiloku kanye lokhu okwakhuthaza umnikazi wenkampani yemithi yezinwele.

Amanye amabhizinisi ngeke esavuka ngemva kwezibhelu zokutapa. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

“BAYISHISILE indawo yami kodwa abalushisanga uthando lwami. Ngizovuka noma ngingazi ukuthi kuzongithatha isikhathi esingakanani kodwa khona ngizovuka. Okubuhlungu nje wukuthi ukushayeka kwami wukushayeka (kwezisebenzi zami) futhi uma ngithatha isikhathi eside ukuvuka kusho ukuthi (nazo zizohlupheka) isikhathi eside.”

Uhlangane nezimonyo ngendlela, wazifundisa ngazo, lwakhula uthando oseluzale ibhizinisi lemikhiqiziso esidayiswa nakwamanye amazwe. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

Share this now

UMUNTU nomuntu ube nephupho kodwa ubizo lwakhe ngeke alubalekele. Kube njalo nakumphaquli wobuso futhi onebhizinisi lezimonyo waseMlaza, eThekwini. Wafundela omunye umkhakha ukufeza iphupho lakhe kepha namuhla usengene shi emkhakheni ohlukile kunalowo awufundela esikoleni.

SENZIWE UMHLATSHELO

Share this now

CISHE nomuntu owayengaqondi kahle ukuthi izinhlaka zomnotho zisebenzelana futhi ziphakelana kanjani ukuze yonke into isebenze ngomumo ubesekuqonda kahle loku emva kokuvalwa kwezwe ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19 kusukela ngoMashi ka-2020. Ukubona kume … Read More

Kuleli sonto usaziwayo wuGubhela, ogama lakhe langempela wuNduduzo Mkhize. Uwumbhali nomhayi wezinkondlo zesiZulu nomhleli wemicimbi yobiciko ngaphansi kwenkampani yakhe iGubhela Brands. Ngo-2019 uhlabane ngendondo ye-Best Poet kumaSATMA Awards.

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Lutho! Ngangingayiphathi ngisho nasesikoleni; kangangokuthi ngisho nabangani engagcina ngijwayelana nabo esikoleni ababenjengami, mina nabo sasingenayo imali njengezinye izingane esikoleni.

Izibhelu nokutapa kushabalalise amabhizinisi abadayisi basemgwaqweni asekhulise, afundisa izizukulwana. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

OMUNYE wabadayisi basemgwaqweni onetafula esangweni lokuphuma eSiyaya, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, useneminyaka ecela ku-35 ondla umndeni wakhe ngalo njengoba edayisa amaveji kulona.

Usizi losomabhizinisi abancane, indlala, ububha nokuntuleka kwemisebenzi kusazothi bhe eNingizimu Afrika. USLINDILE KHANYILE noSIMANGALISO NTSHANGASE bayabika

Share this now

KUSENZIMA nokuchaza kahle ngobukhulu bomonakalo owenzeke kugqekezwa isakhiwo sebhizinisi labo lokuhlanza amanzi bese bewakhiqiza esewuhlobo lwe-still ne-alkaline kuMnu uMondli Xaba waseRichards Bay, eNyakatho yeKwaZulu-Natali.

Owaqala ezithungela izingubo ngoba engenayo imali yokuzithengela umswenko usethunga imisiko edle ngokukhanga nokuhluka. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

Share this now

UBUHLUNGU bokungakwazi ukuthenga ingubo entsha yokuya emcimbini yinto abanye abantu besifazane abake babuzwe. Kokunye basuke bengenamali yokuthenga kanti kwenye inkathi wukuthi izimpahla ezikhona aziwufanele umcimbi abamenywe kuyona.

Umhlahlandlela wokuqhudelana iGuidelines for Competition in the South African Automotive Aftermarket uqalile ukusebenza mhla ka-2 kuJulayi. Umkhombandlela wokugcina wakhishwa mhla ka-29 ngoJanuwari kanti usuyatholakala kwi-website yeKhomishini. Lo mkhombandlela uhambisana ne-Competition Act (u-89 wango-1998, ebuyekeziwe) ukuklama indlela ekunqandeni izinto eziphikisana nokuqhudelana okuhle embonini yokunakekela nokulungisa izimoto esezidayisiwe, phecelezi i-automotive aftermark, ukwenza ukuthi osomabhizinisi abancane nabantu ababencishwe ithuba bakwazi ukubamba iqhaza. Lo mkhombandlela uphoqa ukuthi bonke abasembonini yezimoto badalule imininingwane ethile emakhasimendeni ukwenza ukuthi akwazi ukuthatha izinqumo ezifanele futhi kube nokuphepha kule ndima. Kukhona nendawo yokuthi bonke abakulo mkhakha bakwazi ukuxazulula izinkinga uma bengezwani futhi bazigade bona. Umkhombandlela wonke uyatholakala ku: https://www.compcom.co.za/guidelines/

Share this now
You cannot copy content of this page