Isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sinyuke ngo-1.8 percentage points safinyelela ku-34.4% ngekota yesibili yango-2021. Ngokusho kweStatistics South Africa, lesi yisibalo esikhulu kunazo zonke seloku kwaqalwa ukuhlaziya lezi zibalo ngo-2008. Isibalo sabantu abasebenzayo sehle ngo-54 000, safinyelela ku-14.9 million. Esabantu abangasebenzi sinyuke ngo-584 000, safinyelela ku-7.8m kanti esabaphelelwe wumdlandla wokufuna umsebenzi sinyuke ngo-186 000

Share this now

Izikhulu zeTransnet bezihlangane nezikhulu zeMinerals Council SA noNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan ukuxoxa ngezinselelo ezikhona ekusebenzisaneni kwabo. Bavumelane ngokuthi ukuzama ukulungisa isimo kuzosungulwa amakomidi azobhekelela imikhiqizo ehlukene, bazobonisana kangcono uma kufanele kube khona izindawo ezivalwayo ukuze zilungiswe. Okunye bazosebenzisana ukuzama ukuvuselela izinto uma kukhona umzila ophazamisikile nokubhekana nenkinga yokuntshontshwa kwezintambo zojantshi

Share this now

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sinethulela uCannon SA, ogama lakhe langempela wuKhulekani Mncwango, wumsakazi wesiteshi somphakathi Inanda FM, umculi we-Afro pop nomnikazi welebula yezimpahla zokugqoka, i-vXv Levels Street Wear

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa imali futhi-ke ngenhlanhla enkulu umuntu esakhula imali encane yayinkulu. Uyabona nje ngoR2 wawungathenga izinto eziningi (kanti) yiyona mali enkulu leyo engangiyinikwa uma ngicela imali ekhaya.

Ukukhula kwebhizinisi lakhe lokudla sekwenze wathuthela ekhishini elikhulu emva konyaka esebenzela kwakhe. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

Share this now

AKUJWAYELEKILE ukuthi ubaba wekhaya kube wuyena ocabangela owakwakhe ukuthi avule ibhizinisi ngento ayithandayo njengokupheka. Kwenzeka kanjalo kubanikazi bebhizinisi lokupheka iHomecooked esizakhele igama KwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali.

I-FNB isiphinde yahlanganisa ithuba lokuthi noma wubani abe namasheya ezinkampanini zaphesheya. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

ISASASA lokuthengwa kwamasheya ezinkampanini zaphesheya ngendlela yokutshala imali okuthiwa yi-exchange traded note (i-ETN) isiyenze iFNB yaphinde yahlanganisa amanye amasheya alolu hlobo.

Isuke igcagcele esokeni kuyena uma kunezinselelo ngoba uwumholi ongatatazeliswa wubunzima. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UKUZAMA ukujwayela ushintsho olulethwe yiCOVID-19 endleleni okuphilwa ngayo nokusetshenzwa ngayo yinto ezume wonke umuntu engalindele. Kukhona nokuyimanje abasazama ukulujwayela. Awucabange-ke ukuthi lolu shintsho lunjani uma usanda kuthatha izintambo enkampanini entsha?

Abesifazane asebeyibambe iminyaka ematekisini sebevuse elinye ibhizinisi kule mboni. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

ESIKHUNDLENI sokushiya phansi ebhizinisini lamatekisi ngenxa yenkinga yezimali edalwe wukubheduka kwegciwane iCOVID-19, omama asebeneminyaka beku leli bhizinisi baqhamuke necebo elisha.

Olunye usizo emabhizinisini akhahlanyezwe yizibhelu. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

UMNYANGO wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana usuhlanganise usizo olunhlobonhlobo lokulekelela osomabhizinisi abathinteke ngenxa yezibhelu ezihlasele KwaZulu-Natali nakwezinye izindawo zaseGauteng ngenyanga edlule.

Ngemuva kokuqokwa kukaMnu u-Unathi Kamlana ngo-Ephreli waba wukhomishana weFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) noNks u-Astrid Ludin njengelinye lamaphini kakhomishana, uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana useqoke uNks uFarzana Badat noNks uKatherine Gibson njengamaphini kakhomishana. Lezi zikhundla ngezeminyaka emihlanu. UNks uBadat usebenza eSwitzerland, lapho ewumeluleki omkhulu wenqubo kwi-International Association for Insurance Supervisors. UNks uGibson ubeyilungu leTransitional Management Committee eFSCA kanti uke wasebenza emNyangweni wezeziMali.

Share this now

UZinhle Madela wumculi we-Afro-pop, isishoshovu samasiko esiNtu nomphathi wenkampani yobuciko iHeArt Prints

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Ngangiyithola impela kanti yileyo ndlela engaba nabangani abaningi ngayo. Umama wayewumhlengikazi kanti uR2 enganginikwa wona ngisesesikoleni samabanga aphansi wawuyimali enkulu. Ngangikwazi ukuthenga izinto ezimbili ngesikhathi sekhefu, ngiphinde ngithenge futhi uma sekuphume isikole. Isiqeda, ama-chips, isixavathi, imvuthu, iyobo, i-ice block nokunye okuningi. Konke kwakubiza u-50c ngaleso sikhathi.

Usungule isikole esifundisa ngokumodela ofuna ukukhuthaza abantu ukuthi bathande imizimba yabo. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

Share this now

ABAFUNDI abaningi abasezikhungweni zemfundo ephakeme bahlale bematasa nezifundo zabo futhi balungiselela nezivivinyo. Kodwa kukhona umfundi ohlukile kontanga yakhe. Usheba izifundo nokukhulisa ibhizinisi, okuyisikole esifundisa ukumodela.

Lukhulu lubhekwe kuGodongwana onconywa wongoti ngokuba namava nesisoka. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

UNGQONGQOSHE omusha womNyango wezeziMali unawo wonke amava adingekayo kumuntu ophethe lesi sikhundla. Uyaziqonda izimiso zomnotho kanjalo nemigomo yenhlangano ebusayo i-ANC.Kuphela nje osekuzocacisa ukuthi uyaphumelela yini wukuthi izomeseka yini inhlangano yakhe ezinqumweni azithathayo nokuthi unomgogodla kangakanani.

Inzuzo yeNedbank inyuke ngo-148% yafinyelela kuR5.3 billion ngesigamu sokuqala konyaka esiphele ngoJuni 30 uma iqhathanisa nohhafu wokuqala wango-2020. Nokho ithe le nzuzo ingaphansi ngo-24% uma kuqhathaniswa nesigamu sokuqala sango-2019. Leli bhange lithe kuselukhuni ukuqagula ukuthi kuzokwenzakalani emnothweni kodwa lithe selilindele ukuthi umnotho wezwe ukhule ngo-4.2% esikhundleni sika-5% ngenxa yokucekela phansi impahla nokutapa ngenyanga edlule nokuvalwa kwezwe ngokwesigaba sesine ngenxa yeCOVID-19

Share this now

I-SA Corporate Real Estate ithe umonakalo owenzekile ezakhiweni zayo ngenxa yezibhelu zangenyanga edlule ulinganiselwa kuR558.2million uma kuhlanganiswa nemali ebalahlekele ngoba ingangenanga. Ithe umshwalense enawo kwiSasria uzokwazi ukuzikhokhela zonke lezi zindleko ezilingana no-3.1% wenani layo yonke impahla abanayo. Bathe ngaphandle kwaseValue Centre eSpringfield, eThekwini, lapho umonakalo waba mkhulu khona, zonke ezinye izindawo sezivuliwe. Ezinye zizovulwa ngokuphelele ngo-Okthoba nonyaka. Ukulungiswa kweValue Centre eSpringfield, eThekwini, kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngo-Okthoba 2022.

Share this now

UXolile ‘uZion’ Vilakazi wumbhali nomhayi wezinkondlo zesiZulu nomnikazi wenkampani yezobuciko Usiba Media. Useke wahaya izinkondlo zakhe eNingizimu Afrika naseSwatini. Unencwadi ethi Intaba YaseSiyoni Yokuqala

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo. Ngangiphiwa imali ngoba ngangingakuthandi ukudla. Umama wayengipha uR5 noma uR2 uma ngiqeda ukudla. Ubaba wayevame ukungipha imali eningi, ikakhulukazi ngenkathi sengenza uGrade 7. Wayenginika imali ethi ayibe la kuR1 000. Ngiyakhumbula nje ukuthi ngelinye ilanga umama wanginika imali ngaqala ngayo ibhizinisi, ngithengisa ugwayi, ngaphinde ngenza imali ngokulanda izingane enkulisa, abazali balezo zingane babengikhokhela uR5 (ngesonto).

Ibhizinisi lomsebenzi wezandla selimhambise laze lamfaka ebukhosini bamaNgisi ohlobisa ngobuhlalu. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

Share this now

UMSEBENZI wezandla wawuyingxenye yezemfundo eminyakeni edlule. Abafundi babefundiswa ukuthunga neminye imisebenzi yezandla njengokuluka amacansi nokuthunga esifundweni i-home economics.

Abantu kumele bangacabangeli inamhlanje kuphela uma sebeya empeshenini ngoba kulula ukuthi imali isheshe iphele. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

ABANTU abaningi abasuke sebethatha umhlalaphansi eNingizimu Afrika bakhetha uhlobo lwempesheni oluthembele kakhulu ekutheni kwenzakalani ezimakethe zemali ngoba basuke becabangela imanje kunokubheka okuzobasiza ngomuso futhi kuqinisekise ukuthi banempesheni ezobanakekela impilo yabo yonke.

Ngemva kwezibhelu zokutapa nokucekela impahla phansi, iFNB iqale ukuletha ama-ATM namagatsha angomahambanendlwana KwaZulu-Natali naseGauteng. Iqale eDalton naseHarding eKZN kanti amanye azoyiswa eVosloorus, eSebokeng, eDiepkloof nase-Orange Farm eGauteng. UNksz uLee-Anne van Zyl, isikhulu esiphezulu seFNB Points of Presence, sithe: “Izinhlelo zethu eziphuthumayo bezibheke kuma-ATM ukusiza imiphakathi nabahola isibonelelo seSASSA kanti sizovula namagatsha angomahambanendlwana maduze. Sisebenzisana namanye amabhange, sizoqinisekisa ukuthi amakhasimende asebenzisa ama-ATM ethu awakhokhi inhlawulo yeSaswitch. Sikholwa wukuthi le mizamo izosiza imiphakathi ngenkathi siqhubeka nokuvuselela ingqalasizinda ecekelwe phansi.”

Share this now

Ukhuliswe yinto engathathwa njengemqoka ekuphatheni amabhizinisi olawula enye yezinkampani zabesifazane ezinkulu eNingizimu Afrika. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

ISELULEKO asinikwa wuthisha wasenyuvesi esamkhuthaza ukuthi angazishintshi into ayiyona okungukuba wumuntu olungile futhi ozothile yisona asisebenzisa ukuthi akhule emkhakheni wokwelapha abantu ngomphefumulo nangengqondo, i-psychology.

You cannot copy content of this page