Ongoti bezobugugu bageqa amagula ngesimo sobugugu nebhizinisi lalo mkhakha eNingizimu Afrika. Baxoxe noLANGA KHANYILE

Share this now

“UMA simi ngeqholo kungenxa yokuthi sigqogqoshe kokhokho abaningi ababengamaqhawe.” Sisho kanjena isisho sase-Afrika.

Owenza ezibukwayo emkhakheni wokuphatha imali uthi akuqhakanjiswe izindaba zabamnyama abavelele ukukhuthaza izingane. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

Share this now

IZINKINGA ezinqala ezikhungethe iNingizimu Afrika, okuwububha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani, zingaxazululeka kalula uma wonke umuntu engazibophezela ekwenzeni umehluko lapho ekhona.

Kunenhlasi yethemba ngenkinga yokushoda kukagesi ezweni. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

SEKUPHINDE kwengezwa emizamweni yokuxazulula inkinga yokushoda kukagesi eNingizimu Afrika. Kuleli sonto inhlangano eyengamele ugesi iNational Energy Regulator of South Africa (iNERSA) iphasise amalayisensi ezinkampani eziyisikhombisa ezizoba ngabaphehli bakagesi abazimele.

Usenamabhizinisi ehlukene okhule ethanda impilo ewubukhazikhazi nosekumenze wakwazi ukushintsha impilo yakubo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UKHULE ephupha ngempilo ewubukhazikhazi ayeyibona kuthelevishini nasemabhukwini ayewafunda komunye womakhelwane bakubo ngoba wayefisa ukushintsha isimo sakubo. Nakuba babemhleka uma exoxa ngaleli phupho kodwa ukubambelela kulo kugcine kumenze usomabhizinisi.

Basheba ubungani nebhizinisi abanenkampani ekhiqiza i-pizza edle ngokuhluka. Baxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

Share this now

UBUNGANI bezintokazi ezimbili zaseChesterville, eThekwini, abugcinanga ngemidlalo yaselokishini kodwa bugcine ngebhizinisi elenza, lidayise i-pizza eyenziwa ngezithako ezintsha nangomlilo wezinkuni.

SISWELE IMILOMO…

Share this now

UNGATHI bekuyizolo loku sethula iziko lezindaba zamabhizinisi ezinkundleni zokuxhumana ezibhalwa ngesiZulu. Izolo, mhla ka-16 kuSepthemba, besigubha unyaka Umbele wasungulwa. Umbele awethulwa kunzima eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele. Wethulwa amabhizinisi ewa ubuthaphuthaphu … Read More

Intsha ayifundele amakhono ayindlala ukunyusa amathuba okuqashwa, kusho ongoti. USLINDILE KHANYILE noSIMANGALISO NTSHANGASE bayabika

Share this now

KUMELE intsha icophelele indlela ekhetha ngayo imisebenzi ezoyifundela ngokuqalaza emikhakheni okunamakhono ashodayo nadingwa wumnotho manje. Ngokwenzenjalo izokwandisa amathuba okuthola umsebenzi uma isiphothule isikole.

AKUCATSHANGELWE ININGI

Share this now

KUSUKELA ngenyanga edlule kuqubuke inkulumompikiswano ezweni emva kokuthi iKhomishini yamaLungelo aBantu ithe ukuphoqa abantu ukuthi bagomele iCOVID-19 kuyobe kuwuhlukumeza amalungelo abo.   Iqongile le nkulumompikiswano ngeledlule emva kwesimemezelo esenziwe yiDiscovery Holdings. … Read More

Kuyathokozisa ukubona ukubambisana okuhle phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

Share this now

NAMI ngifisa ukuphosa esivivaneni ekwemukeleni umengameli omusha weBusiness Unity South Africa (iBUSA) uSolwazi uBonang Mohale nephini lakhe uMnu u-Adrian Gore. Bathatha izintambo ngesikhathi esimqoka. Bangabaholi amava abo aziwayo futhi banaso sonke isipiliyoni sokuthi kudingekani ukuze amabhizinisi asimame futhi asize iNingizimu Afrika ukuthi iphumelele.

I-Transnet SOC Ltd neSpecial Investigating Unit basithakasele isigwebo seSpecial Tribunal lapho iyalele khona isisebenzi sakudala saseTransnet uMnu uHerbert Msagala ukuthi abuyisele uR26.4 million kule nkampani. I-Special Tribunal ithole ukuthi uMsagala wayekhokhelwa yinkampani eyayenzela uTransnet umsebenzi, i-IGS Consulting Engineers (Pty) Ltd, ngenkathi eqashwe eTransnet. Lesi sigwebo siqinisekisa ukuthi izikhulu ezithinteka ekukhwabaniseni ngenkathi zisebenza eTransnet aziphunyuli

Share this now

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPhila Duma, umfundi wezindaba kwiVuma FM, umbhali wencwadi esihloko sithi Morning After Dark nomphathi wenkampani yokuthwebula izithombe iPeezy Images

Share this now

Usemncane wawuphiwa imali?

Ngingathi yebo futhi cha. Kwakuncika ekutheni ngangiyidingela ini imali. UMama wayecophelela kakhulu kwezezimali futhi ubehlale esifundisa kusukela sisebancane ukwenza imali ngoba ngaleyo ndlela sasizokwazi ukuphatha kahle lelo (senti) nalelo senti.

You cannot copy content of this page