ISIFISO sakhe kwakuwukuba wumpheki ozoduma ngokushaya ibhodwe. Nokho esenza umatikuletsheni ugcine engakwazanga ukufaka isicelo sokufundela ukupheka ngenxa yokuswela ulwazi lokuthi kungenwa kanjani kule mboni.
UMLOMO uyadala. Sisho njalo isiZulu. Kube njalo empilweni kasomabhizinisi osemnkantshubomvu emkhakheni wezakhiwo, ugesi namanzi. Ekhula uyise wayehlale ethi kumele afundele umsebenzi ophathelene nokuphatha amabhizinisi khona ezokhombisa abantu bezinkampani ezinkulu ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.
EMINYAKENI eyisishiyagalombili edlule enye yamadodana akhe yayizogubha usuku lokuzalwa. Wahluleka wancama ebheka ikhekhe elalihlotshiswe ngopopayi owu-Mickey Mouse eyayiwufuna. Wagcina engene kwi-internet ukucwaninga ukuthi lenziwa kanjani, walibhaka yena lelo khekhe.
KUYE kuthiwe abantu abamnyama abathandi ukusebenzisana, ingasaphathwa-ke uma bengabantu besifazane bodwa. Kepha izintokazi eziyisithupha ezigila izimanga kwezemfashini ziyayiphikisa le mibono ngokubambisana kahle ebhizinisi lazo elinezinhlelo zokuthi libe nezitolo ezweni lonke.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa. Ngangihlala nogogo (owayenza) isiqiniseko sokuthi uma ubaba nomalume bethumele imali esuka eThekwini ngiyayithola.
BABONA kuzovuleka eminye iminyango yokukhula abanye bosomabhizinisi abebekhangise ngemikhiqizo yabo embukisweni ogqugquzela ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika. I-Intra African Trade Fair (i-IATF) ebise-Inkosi Albert Luthuli ICC eThekwini, eGauteng, nephele ngeSonto.
KADE kwakuyisifiso sabo ukuthuthukisa indawo yasemakhaya. Sigcine sifezekile njengoba kulo nyaka bevule indawo yezivakashi nemicimbi eyemukelwe ngesasasa.
ESEYINGANE ubekhonze ukwazi kabanzi ngencazelo yamagama abantu nomlando wezibongo zabo. Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi wasebenzisa ubuciko bokuhlobisa ebhala izincazelo zako ezenzela nje, kwagcina sekuyibhizinisi. UMnu uNgikhona Mpila, oneminyaka ewu-27 waseMadadeni, KwaZulu-Natali, … Read More
UKUHWEBELANA kukhulisa umnotho futhi kudala imisebenzi ephilisa abantu. KwaZulu-Natali ngesonto eledlule sibambe ingqophamlando yombukiso obizwa nge-Intra-African Trade Fair (i-IATF) eqhakambisa igalelo leNingizimu Afrika ekuhlanganiseni nasekuqiniseni amaxhama okuxhumana nawokuhwebelana ezwekazi i-Afrika.
INGOZI yenkinga enkulu yezimali eNingizimu Afrika isiphelile. Esikhathi esingaphansi kweminyaka emibili izwe liphucwe konke ebelinakho obekungasiza uma kubuyekezwa ukuthi kufanele yini abantu batshale yini ezweni nokuthi babolekwe yini imali.
NAMHLANJE ngithanda sibheke udaba losomabhizinisi abamnyama abangazihluphi ngokulula isandla ukuze basize osomabhizinisi abasafufusa. Lesi yisifo esimbi esifana nomdlavuza esizweni esimnyama.
BESE kuyisikhathi eside benentshisekeko yokuhlanganisa abantu babafundise ngokubaluleka kwemvelo nezolimo. Bagcine befeza lelo phupho labo leminyaka ngenkathi bethenga umuzi osepulazini ngo-2014, okuyiwona abawusebenzisa njengendawo egcina amagugu emvelo.
ESANDA kuqala ukuzisebenza wayethula izinkulumo mahhala emicimbini, emsakazweni, ebhalela amaphephandaba ngoba enzela ukukhangisa umsebenzi wakhe. Esinye sezihloko asidingida kuKhozi FM savula iminyango emholele ukuthi asebenzisane namanye amazwe e-Afrika.
ESIKOLENI wayaziwa ukuthi ugqoka izinto ezihlukile kwabanye futhi uzikhonzele ezemfashini. Kodwa ngoba wayeziphuzela izibalo nesayensi futhi ekhuliswe ngumama oyi-accountant, akavunyelwanga ukufundela ezemfashini uma eseqede isikole.
UKHULE ewumuntu okhonze ukuthi uma evuka azenzele inkomishi yekhofi elihlabahlosile. Namanje kuseyinto ayithandayo njengoba enzela nonina uma esuke egodukile.
Usemncane wawuphiwa imali?
IZOLO kuphinde kwaqala ukucishwa kukagesi eNingizimu Afrika ngokwesigaba sesibili, nokuyinto u-Eskom othe izoqhubeka kuze kube wuMgqibelo. Lesi simemezelo sale nkampani ephehla ugesi siphinde sakhombisa ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuthi izwe lithole ezinye izindlela zokuphehla ugesi.
UKUKHULA ngaphansi kwesimo esinzima akwenzanga izelamani ezintathu zidikibale empilweni. Kunaloko bezihlale zizihlupha ngokuthi yini ezingayenza ukushintsha impilo yazo.
UCWANINGO alwenza ngezimboni namabhizinisi ehlukene eNingizimu Afrika lwamvezela ukuthi bambalwa abantu abamnyama abanamabhizinsi ohlobo lwe-franchise, izitolo zandawonye ezinabanikazi abahlukene.
ABANTU baseNingizimu Afrika baziwa ngokuthi bayakwazi ukwenza icebo uma kunenkinga. Nokho inkinga kagesi isidonse isikhathi eside. Nakuba kunenqubekelaphambili ekuvuleleni izinkampani ezizimele ukuthi zikwazi ukwakha kalula iziteshi zikagesi ezizophehla u-100MW nezinhlelo ezikhona zikagesi ongakhiqizwa ngamalahle kodwa sibhekene nokucinywa kukagesi esingakaze sikubone phambilini, nokuphazamisa amabhizinisi nempilo yethu mihla namalanga.
LELI yisonto elikhulu eNingizimu Afrika njengoba kuhlangene amazwe ase-Afrika eThekwini, KwaZulu-Natali, ngenhloso yokudingida ukuthi yini angayenza ukuhwebelana ewodwa njengamazwe aleli zwekazi.
USEBENZA ngokugcwele njenge-microbiologist kwenye yezinkampani ezinkulu. Yize kunjalo ubehlale enomcabango wokufuna ukuqala into yakhe ngelinye ilanga, angagcini ngokuqashwa.
IZIKHUNDLA aziphathayo ziwuhlobo lwemisebenzi ebucayi ekwazi ukuguqula impilo yabantu abaningi ngendlela enhle uma konke kusuke kuhamba kahle. Kanjalo uma kukhona lapho kuphunyuke khona kungaba yisibhicongo.
UMEHLUKO phakathi kukapende wenkampani kapende yasePitoli, eGauteng, Maduwa nowezinye izinkampani ezenza upende wukuthi awusiwo upende nje kuphela futhi akusho lutho ukuthi wenziwa wungoti oqeqeshelwe ukuhlanganisa opende kodwa wukuthi ngisho nomapendane bakhe ngabantu abaqeqeshelwe lo msebenzi.
UNGQONGQOSHE wezeziMali eNingizimu Afrika uMnu u-Enoch Godongwana uxwayise ngokuthi akufanele izwe lizibophezele ezinqumweni zesikhathi eside ngoba lithembele emalini ezongena okwesikhashana.
UBUNGANI bezinsizwa ezintathu zase-Ekurhuleni, eGauteng, kwaholela ekutheni zisungule inkampani yezokwakha.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa imali.
SISANDA kubhala ngezelamani zakwaMkhungo ezingabanikazi beMzo’s Stylish Craft, ibhizinisi elenza umsebenzi obazwe ngokhuni eThekwini, KwaZulu-Natali. OMnu uMzokhona noMluleki Mkhungo baqale lo msebenzi eminyakeni ewu-14 edlule. Lezi zelamani seziwukhulise kangaka nje … Read More
UMCIMBI wokujabula usuke ungaphelele uma zingekho izibiliboco. Esinye sezibiliboco ezihamba phambili wu-ice cream njengoba uyintandokazi kwabaningi. Akugcini nje lapho njengoba bebaningi nabawukhonze uma kushisa benzela ukuthiba ilanga.
EQEDA izifundo zokupheka eDurban University of Technology uNkk uPhumelele Mbatha wayesevele azi ukuthi lo mkhakha ayewukhethile kwakungesiwona awuthandayo.
UKUGQEKEZELWA komndeni wakhe izikhawu ezine kwenze wabona ukuthi kumele athathe izinyathelo ezinqala. Emva kokubiza inkampani izomqinisela ezokuphepha kwakhe, wabona kuyithuba elihle lokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zendawo ziphephile njengaye.
EZINYANGENI ezedlule kusukela ku-Ephreli kuze kube manje, inkampani yethu iMKX Associates Holdings ibizungeza ezifundazweni ezintathu eNingizimu Afrika; KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga. Loku bekuhambisna nokusiza izinkampani ezingenzi nzuzo nezikole ukuthi zithole usizo lokuxhaswa yinhlangano kahulumeni iNational Lotteries Commission.
ISIVININI okuzomele silethe ngaso ushintsho emnothweni wethu ukunciphisa umonakalo kwimvelo sesinyukile. Loku kungenxa yezivumelwano esesizibophezele kuzona namanye amazwe, nangenxa yokuthi sekulindeleke ukuthi izinkampani nohulumeni baphokophele ukuthi ibe ingasangcoliswa nhlobo imvelo ngo-2050.
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngemiphumela yokhetho lwangesonto elidlule. Cha, angizami ukuphendula le ngosi ibe eyezepolitiki. Kodwa singelibalekele iqiniso elithi ezepolitiki ziwathinta kakhulu amabhizinisi nokuthuthuka kwawo.
INYUNYANA yezolimo KwaZulu-Natali iKwanalu yethule ngokusemthethweni uhlelo lokucija nokucobelela abantu besifazane nentsha yasesifundazweni ngolwazi oluzobachumisa emabhizinisini, iWomen and Youth in Entrepreneurship (iWYRE).
“INGANE ephume kimina nginesiqiniseko sokuthi ngeke ihlale ekhaya iswele umsebenzi ngoba ifundiswe ukucabanga ngendlela ethize, ifundiswe ukuqala ibhizinisi, ifundiswe ukuphatha ibhizinisi, ifundiswe ukuthi izimele. Ingahlala izinyanga ezimbalwa ingasebenzi kodwa ngeke ihlale isikhathi eside ngoba izobe imatasa icabanga, ihlanganisa uhlaka lwebhizinisi ezolenza nako konke ekudingayo ukuze iphumelele empilweni. Uma iqashwa kuhle (simbonge) uNkulunkulu kodwa uma kungenzeki ngeke ihlale ekhaya ngoba (izingane) sizifundise ukuthi zicabange.”
UCWANINGO alwenzile luveze ukuthi asikho isitolo se-pizza elokishini langakubo nobekuphoqa abantu ukuthi baye edolobheni uma beyifuna. Yileso sidingo esimkhuthaze ukuthi aqale ibhizinisini le-pizza, alisungule kulo nyaka.
BANGABANYE babantu abaphelelwa wumsebenzi ngenxa yeCOVID-19. Nokho abazange basonge izandla, kunalokho bavuke bazithatha bebheka ukuthi yini abangaziphilisa ngayo.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa.
NGESONTO elizayo uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwethula isabelomali sakhe sokuqala. Nakuba isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, iMedium-Term Budget Policy Statement, kungesiso esokwenza izinguquko ezitheni kodwa zikhona izinto ongoti ababheke ngamehlo abomvu ukuthi uzothini ngazo.
UKUTHOLA ulwazi ngezolimo nokuthola ithuba eliyingqayizivele lokucijwa kwabantu basemakhaya kumholele ekutheni aqale ibhizinisi elinganakekile lezinyosi zoju.
UKUSHODA kwamagaraji kaphethroli emalokishini aseNingizimu Afrika ngesinye sezizathu ezenze banquma ukuqala elabo elokishini langakubo eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.
ABANTU baseNingizimu Afrika baphumile bayovota (ngoMsombuluko), abanye baphume emvuleni. Lokhu kukhombisa ukuthi imandla kangakanani intando yabantu njengoba abantu beqinisekisa ukuthi bayalisebenzisa ivoti labo.
NAMHLANJE ngithanda sinabe ngodaba olusenhliziyweni yami lokwakha umnotho wethu thina bantu abamnyama kancane kancane. Ngiyazi abantu abaningi baye bangangizwisisi uma ngithi le ndlela esicabanga ukuthi umnotho ophethwe ngabelungu uzobuya ngayo, uhlelo lweBroad-based Black Economic Empowerment, ngeke kwenzeke loko.
UKUKHULISWA wuninakhulu owumlimi kutshale imbewu yothando lwezolimo kuyena. Nokho kuthe ekhula wathi ukuluziba, wagxila ekwethuleni izinhlelo emsakazweni nakwithelevishini, nokwenza wanquma ukwenza izifundo ze-public relations ngemva kokukuphothula umatikuletsheni.
KUZOQHILIKA izihlathi kubadayisi basemigwaqweni yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, emcimbini wokubanikelela ngezinsizakusebenza zokudayisa ngempelasonto.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.