UKUKHULA enothando lwesikhumba bekwenza akhathazeke uma ebona umuntu onesikhumba esinezinduna nezisihla. Loku kumenze wafisa ukuba yisixazululo kwabanenkinga yesikhumba esingesihle.
UKUCWANINGA ngempilo yabantu yansuku zonke kwenza wabona ukuthi ziningi izindawo zobumnandi emalokishini ekubeni ziyindlala ezokulala, nokuphoqa ukuthi abantu ngisho sebejabule kwaze kweqa baye edolobheni ukuyobeka uhlangothi emahhotela akhona.
UKHULELE elokishini ziningi izinto ezenzekayo ebezenza afise ukwenza umehluko emphakathini. Kuthe esesenyuvesi kwanesifundo samabhizinisi esimxhaba umxhwele, senza wafisa ukuqala ibhizinisi ngelinye ilanga.
NJENGENINGI lentsha yakuleli ufunde waphothula iziqu kodwa akangawuthola umsebenzi. Impilo ibe nzima ezama indlela yokuziphilisa, waze wasizwa wumcabango wokungena kwezolimo. Manje uyasimama kule ndima njengoba esenenkampani ekhiqiza amaveji.
EMVA kokuphothula umatikuletsheni, uthwale kanzima eshoda ngemali yokubhalisa enyuvesi ngenxa yokuthi abazali bakhe abasebenzi. Uvuke wazithatha wafuna umsebenzi, wasebenzisa ulwazi aluthole kuwo ukuqala ibhizinsi lokubhaka adayise amakhekhe emgwaqweni.
LENA yingosi yokugcina onyakeni U-2021. ngithanda ukuthatha leli thuba ngikufisele okuhle kodwa mfundi wale ngosi. U-2021 awubanga muhle neze, usiphilise lubhojozi nxazonke. Baningi abanye abalahlekelwe wokuningi, okunye okufana namabhizinisi ebebeziphembela wona.
IMIZI eminingi elokishini ahlala kulo ize igqwale upende ezindongeni nasophahleni kungavuselelwa. Ubone ithuba lebhizinisi waqala ibhizinisi lokuhlanza uphahla, avuselele nopende ezindongeni zemizi yabantu
KUBENOMEHLUKO obonakalayo endleleni okusetshenziswe ngayo imali kahulumeni eminyangweni kazwelonke nasezifundazweni ngonyaka wezimali ka-2020/21. Nokho kusabhimba uhlelo eminyangweni ewukhiye ekuletheleni abantu izidingo nasemabhizinisini kahulumeni.
UKUKHANGISA ngebhizinisi ezinkundleni zokuxhumana ngenye yezindlela ezilula nezisheshayo zokuheha amakhasimende nokwazisa abantu ngomkhiqizo wakho, ikakhulukazi uma usaliphemba ibhizinisi lakho. Ufinyelela kubantu abaningi ngaphandle kokungena ezindlekweni ezinkulu.
IBIMKHATHAZA indlela okubukeka ngayo indawo yangakubo ehlala ingcolile isikhathi esiningi. Kuthe ngelinye ilanga wafikelwa wumbuzo wokuthi yiliphi iqhaza angaba nalo ukushintsha loko? Impendulo kwaba wukuthi akaqale ibhizinisi lokuqoqa udoti emizini yabantu.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa kodwa kwakumele ngiyisebenzele ukuze ngiyithole.
UKUNQENA kwabantu ukuhlanza izicathulo zabo kwenze wafisa ukubasiza ngako. Usungule ibhizinisi lokuhlanza izicathulo azishintshe nombala zibukeke zizintsha esebenzisa imikhiqizo yekhethelo.
UMA sibheka emuva ngo-2021, ngicabanga ukuthi sizobona izinto ezimbili ezicacile. Bekuwunyaka inkinga kagesi eqonge ngawo futhi kuwunyaka lapho siqale khona ukulunqoba ubhubhane. Njengoba sibheke onyakeni omusha nje, kokubili kuzosisiza.
KULE ngosi ngithanda ukukuphosela inselelo mfundi ukuthi njengoba izinsuku zikaKhisimuzi sezisondela nabantu benezinhliziyo ezinhle zokuthenga ezitolo, ngifuna wena ucabange ukuthi yiliphi ibhizinisi ongalenza ngakini ozofaka kulona imali engatheni nje ukuliqala.
UKUFUNDA kabanzi ngezolimo kwenze wathola ukuthi abalimi abaningi abamnyama bangena kulo mkhakha bengenalwazi lwawo, okwenza kube wumqansa eningini labo ukuchuma ngenxa yokungazi ukuthi benzenjani ukuze badlondlobale kule mboni.
KUKHUTHAZWE osomabhizinisi abasafufusa ukuthi bakhuthalele isikole ukuze bakhe amabhizinisi azokhula bangathembeli ekutheni bangabantu abaphiwe ukubona amathuba kuphela.
AKWANDELE bani ukuthi uthi wenza umsebenzi owubizo lwakho nokhule wazi ukuthi yiwona owuthandayo kodwa futhi uphinde uthole ithuba lokuba nebhizinisi elivuthayo lomsebenzi okukuthathe isikhathi ukubona ukuthi nawo uyawuthanda.
UKHOKHO wakhe ngelinye lamaqhawe ahlonishwayo eNingizimu Afrika ngokulwela isithunzi nengcebo yomuntu omnyama. Inkosi uJongumsobomvu Maqoma nowagcina efele ejele eRobben Island, lapho wayengomunye wabantu ababehamba phambili belwela ukuthi abantu abamnyama bangaphucwa umhlaba wabo.
UKHETHE ukushiya umsebenzi awufundele ukuze aziqalele ibhizinisi lamafutha okugcoba ikhanda nomnzimba. Kakade uvela emndenini wabantu abebedayisa njengoba kwakune-bottle store nebhusha kubo.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa. Kwakuvame ukuba wuR1 noma uR2 wokuthenga esikoleni.
I-AFRIKA ithembele kwamanye amazwe ukuze ithole imigomo njengoba ithenga u-99% wemigomo yawo kwezinye izindawo ekubeni iyizwekazi elinabantu abaningi abanezifo ezidinga ukugonyelwa.
UKHULE efisa ukuba wusomabhizinisi kodwa engazi ukuthi angaqala hlobo luni lwebhizinisi. Kuthe ngenye imini wazithela phezu kwesikhangiso senkampani yaphesheya kwezilwandle edayisa ubucwebe, yavuka intshisekelo yeminyaka lokuqala ibhizinisi, waqala inkampani edayisa ubucwebe begolide.
WABA nenhlanhla yokuthola ithuba lokufunda kabanzi ngokubiya nezinye izinto ezihambisana nako. Esafunda ngako, wathola ukuthi bayindlala abantu abamnyama kule mboni ekubeni emaningi amathuba kuyona.
NGINGATHANDA ukubona onke amabhizinisi eNingizimu Afrika enza konke okusemandleni ukugqugquzela izisebenzi zawo nomphakathi wonkana ukuthi ugome. Loku kuzosiza thina singamabhizinisi. Asisoze salunqoba ubhubhane iCOVID-19 uma singasinyusi isibalo sabantu abagomile ezweni lonke.
KULE NGOSI ngithanda sibheke indaba yokusebenzisa imali yebhonasi ngalezi zinsuku zenjabulo kaDisemba. Cha, angiyena umeluleki wezezimali kodwa yiseluleko nje lesi esivela kimina njengomeluleki kwezamabhizinisi ngoba kuye kube buhlungu ukubona indlela abantu bakithi abachitha ngayo imali ngesonto nje elilodwa lenjabulo kaDisemba.
ESEMNCANE wayegconwa ngenxa yemizamo ayeyenza ukuze umndeni wakh ulale udlile kodwa loko akuzange kumthene amandla. Kunaloko kuzale ibhizinisi lezolimo elisaqhubeka namanje ukuphucula impilo yomndeni wakhe nomphakathi.
KWABANYE abantu kuduma ikhanda uma umuntu ediliziwe emsebenzini ngoba usuke ethatha ebeka ukuthi uzokwenzenjani esephelelwe wumsebenzi. Nokho bakhona abasheshe babone ukuthi ukuvaleka komnyango kusho ukuvuleka komunye.
UNINALUME wayenebhizinisi eLEnza izimbadada, okuthe uma edlula emhlabeni alanganakwa muntu. Ubone kungaba yiphutha ukuyeka umbono kaninalume uphele kanjalo nje, waqhubeka lapho agcina khona ukuqhuba ibhizinisi lezimbadada ezenziwa ngendlela yesimanje.
UKUHLANGANA kwabanganI ababili baseezifundazweni ezihlukene kuholele ekuqaleni kwebhizinisi likapholishi wezicathulo nowamathayi ezimoto.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa wugogo, ngoba ngikhule abazali bengasekho emhlabeni.
UMNOTHO waseNingizimu Afrika awukaze uphinde ukhule kusukela kwawa umnotho emhlabeni ngo-2008 nokungakho kusukela ngaleso sikhathi imisebenzi ilokhu incipha ezweni.
EKHULA wayengakaze acabange ukuthi angaba wusomabhizinisi. Konke loko kwashintsha mhla ethi nhla ebona i-geyser engasasebenzi, okuyilapho anquma khona ukusebenzisa izingcucu zayo ukuqala ibhizinisi elikhula ngamandla.
NGEMVA kokudlula kukanina emhlabeni konke abekudinga empilweni ubekwenzelwa wuninakhulu. Kuhambe kwahamba kwanzima uninakhulu engasakwazi ukubheka zonke izidingo zakhe ngemali yempesheni.
LAZE lafika ngesikhathi esibi igciwane elisha leCOVID-19, i-Omicron. Ngalesi sikhathi nje imboni yezokuvakasha isinethemba lokuthi izoba noDisemba omuhle, sekuvele kwavaleka yonke into futhi. Loku okwenzekile kuyayibulala imboni nomnotho wethu.
ENGOSINI Yanamhlanje ngithanda sibheke Udaba olumqoka lokuthi yini eyenza ukuthi siyisizwe esimnyama sihluleke wukwakha amabhizinisi ezizukulwane njengoba imvamisa kuthi nje uma umnikazi webhizinisi efa ibhizinisi life naye?
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.