Kukhala isicathulo sembokodo kwesinye seziqiwi ezinkulu ezweni emkhakheni abantu besifazane abayivelakancane kuwona. Umphathi wesiqiwu uxoxe noLUCAS LEDWABA

Share this now

KWATHI ngobunye ubusuku behamba beqapha isimo eKruger National Park njengenjwayelo, yena nabalingani bakhe bazithela phezu komhlambi wezindlovu zikhwelana.

Uthando lokuba wusomabhizinsi nokuba nengane kumnike umqondo webhizinisi lokudla elihlukile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

BEKUMKHATHAZA ukuthi izingane ezisanda kuzalwa zikhuliswa ngokudla okuhlala isikhathi eside esitolo, kwenye inkathi osekudlulelwe yisikhathi. Loku kumhluphe kakhulu uma esenomntwana waze wafikelwa wumcabango wokuqala ibhizinisi lokudla kwezingane ezisanda kuzalwa okungahlali isikhathi eside njengokwasezitolo.

Ukuziphantela ngokudayisa amasekeni angavamile kumzalele ibhizinisi lobhaskidi engahlosile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

AMASEKENI yizimpahla ezidelelekile ngenxa yokuthi zisuke sezike zagqokwa kodwa kunenhlobo yamasekeni edlisayo futhi eyivelakancane. Lawa ngamasekeni ayinguganaboya ohlobo lwezimpahla ezazidume kudala, phecelezi i-vintage. Ukuba yikhethelo kwalamasekeni kwenza abe yinyama kumakhasimende azi izinto.

Uthembele endleleni akhule ngayo ukuguqula izinto enhlanganweni aseyiphethe okumapeketwane izinto kuyona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UHOLA impilo yakhe nezindawo aziphathayo ngemigomo emithathu – ukwenza okufanele, yiqiniso nokuhlonipha umthetho. Yile migomo athembele kuyo njengoba esanda kuthatha izintambo njengesikhulu essiphezulu seDurban and Coastal Mental Health (iDCMH).

Abatholanayo bashaya ibhodwe elineNkosi phakathi kanti sebenezikole zokuqeqesha abapheki. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

UKUZWANA kwemimoya yabo besebenza enkampanini eyodwa bengabapheki kwenza ukuthi bafisa ukuqala ibhizinisi lendawo yokudla, benzela ukusebenzisa amava abo ukufundisa abantu ngokupheka, bakhe namathuba emisebenzi.

Uqophe umlando esungula i-calculator ‘ehlakaniphile’ futhi engagugisi iphakethe owaqala efundisa izingane zasemakhaya antulayo izibalo. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

UKUTHANDA kwakhe izibalo nokusebenza nezingane emakhaya ngakubo eLimpopo yiko okwenza wabona ukuthi kunzima kanjani kubafundi ukuthenga uhlobo lwama-calculator azozisiza zikwazi ukuthi ukubala.

Owaqala uhambo lwakho ngendlela ‘edelelekile’ usewumeluleki wezinkampani ezinkulu nomasipala. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

AKUSHO lutho ukuthi umuntu uqale kuphi futhi kanjani kodwa okumqoka wukuthi angakhohlwa wukuthi uphokophele kuphi ngoba ziningi izindlela zokufeza iphupho.

Kuyasijabulisa okuphakanyiswe yiKhomishini kaZondo, kuloba uBusi Mavuso

Share this now

UKUKHISHWA kombiko wokuqala weKhomishini kaZondo ngesonto elidlule yinto ebalulekile kuhulumeni wethu wentando yabantu. Kusinikeza amarekhodi aqinisekisiwe ngezinto ezimqoka ngokwenzeka ngokugwamanda umbuso futhi kwengeza emgqigqweni wokuvuselela izinhlaka nezinhlangano zethu nokuletha ubulungiswa. Ibhalwe kahle futhi igeqa amagula ngomsebenzi owenziwe yikhomishini eminyakeni emine edlule.

Wenza ezibukwayo ekuphatheni ezikoleni ezizimele owangena ebuthisheni engaqondile. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UMA abantu abamnyama bengasebenzi kulezi zindawo abangalindelekile kuzona ukuze bakhombise ukuthi ukwazi umsebenzi akuyi ngobuhlanga kusho ukuthi nabo bazobhebhezela inkoleloze ethi abantu abamnyama uyabahlula umsebenzi.

Obesebenzela isikhondlakhondla sehhotela usenebhizinisi lesinongo senyama esinomkhuba phakathi elithi yena. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

UKHULE ethanda ukupheka, nokwenze wafisa ukugcina esenenkampani eyenza okufaka ukudla. Nebala kugcine kuya njengokufisa kwakhe ngenkathi ezithola esungula ibhizinisi le-sauce kapelepelele.

Liyadlondlobala ibhizinisi lokuthunga bomama abasizwe yiTransnet. INTATHELI yoMBELE iyabika

Share this now

NGOKOMKHANKASO wayo wokusiza abantu besifazane baselokishini abadinga ukulekelelwa ngamakhono abo, iTransnet Port Terminal (iTPT) inikele nge-container nemishini eyisishiyagalombili enhlanganweni yomfelandawonye wokuthunga yaseChesterville, eThekwini, KwaZulu-Natali.

IMeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda wesese ngendlela iTheku ebelilungele ngayo amaholidi kaKhisimusi okwenze ukuthi idolobha lishayelele isipikili ngokuba yisizinda sokuvakasha. Ngalesi sikhathi sobumnandi, esiqala mhla ka-15 ngoDisemba 2021 kuya mhla ka-4 Januwari 2022, izindawo zokuhlala zaseThekwini bezigcwele ngamaphesenti awu-80 kanti nezindawo zokudla ezisemalokokishini nakwezinye izindawo bezigcwele phama izivakashi. Ngempelasonto yangoKhisimusi iyodwa nje, izibalo ziveze ukuthi kutheleke izivakashi eziwu-200 000, zangenisa imali ecela kuR150 million. Ezivakashini ezifikile eziwu-34 percent bekungezaKwaZulu-Natali, eziwu-31 percent kungezaseGauteng, eziwu-12 percent kungezaseMpumalanga Kapa neziwu-8 percent zaseNtshonalanga Kapa.

Share this now

Ngesonto elidlule obeyisikhulu esiphezulu eTelkom uthe khumu esikhundleni, wedlulisa izintambo kuMnu uSerame Taukobong. Unconywa ngapha nangapha ngamagalelo akhe kule nkampani kahulumeni yezokuxhumana. Ngezinye zezinto azenzile, sichicilela kabusha ingxoxo aba nayo noMbele ngo-2020. Waxoxa noSLINDLILE KHANYILE

Share this now

UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.

You cannot copy content of this page