UGodongwana nemizamo yokulekelela izakhamuzi ukuthi zingaklinywa yizindleko zempilo. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

UHULUMENI uzobhunga ngendlela okuklanywa ngayo inani likaphethroli ukubheka ukuthi ayikho yini indlela yokulibuyekeza. Loku ngeminye yemizamo ezokwenziwa ukuzama ukunciphisela abantu izindleko zempilo eziqonga mihla namalanga.

Ubeke phansi ushoki negeja, waqala ibhizinisi lendawo yokuvakasha nokungcebeleka. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

UKHULE ewumuntu okhonze izinselelo ezintsha nongathandi ukwenza into eyodwa isikhathi eside. Loko kuholele ekutheni asheshe ashiye ukuba wuthisha. Uthe xinti kwezolimo. Nakhona akangahlala isikhathi eside njengoba esegxile ebhizinisini lendawo yokuvakasha nokungcebeleka.

Zigila izimanga izelamani ezangena kwezolimo zizolekelela unina. Manje sezidayisela isikhondlakhondla sesitolo ubisi. Esinye sazo sixoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

UKUBONA unina ewa evuka ekhulisa inkampani yezolimo ayiqale ngo-2005 kukhuthaze izelamani zaseFree State zaze zafisa ukufaka isandla ukumlekelela ukudlondlobalisa umsebenzi.

Owangena embonini yokuphatha izindawo zokudla zekhethelo engaqondile usewuqweqwe njengoba manje ephethe eyomhlaba jikelele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

WANGENA embonini yezokudla neziphuzo eyitoho ngoba enzela ukuthuthukisa ulwazi lwakhe ukuze angagcini ngayeluthola esikoleni, lapho ayeqeqeshelwa khona umkhakha wokudayisa nokukhangisa, kanti akabuzanga elangeni ukuthi uzogajwa wuthando lwale mboni. Wagcina ehlala unomphelo kuyo.

Unabele kweminye imisebenzi ngoba ebambe ngamazinyo ibhizinisi lendawo yokulala ukuthi lingawi. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

UKUBHEDUKA kwegciwane iCOVID-19 ezweni kugcine kuphoqa uhulumeni ukuthi avale izwe ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwalo. Loko kube nomphumela omubi kosomabhizinisi, ikakhulukazi abasafufusa, abagcine bephoqeka ukuvala amabhizinisi abo kungasebenzeki.

Bawezwe ngelibanzi yisibonelelo sabangasebenzi asebenamabhizinisi athi bona. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

UKUQALWA kwesibonelelo sabangasebenzi sikaR350 wuhulumeni ngo-2020 kube wusizo kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi intsha engasebenzi. Abanye babantu basebenzise le mali ukusungula amabhizinisi.

Abasafufusa abasukumele imicikilisho yeSABS ukuze bezokhula. UTEBOGO MOKWENA uyabika

Share this now

KUNINGI okungatholwa wosomabhizinisi abasafufusa ophikweni olwengamele ukuhlola nokuqinisekisa imikhiqizo iSouth African Bureau of Standards (iSABS). Kepha wonke usomabhizinisi ofisa ukuhlomula kulolu phiko kudingeka abe namakhasimende amaningi ebhizinisini lakhe.

Ukushaya indiva abebemngabaza eqala ukudayisa izimbali elokishini kuthela izithelo kosedlondlobala kuleli bhizinisi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

ABANINGI bamhleka usulu eqala ibhizinisi lokudayisa izimbali elokishini ngoba kuyibhizinisini okukhonya ezinye izinhlanga kulona. Abanye babeya ubusha bakhe, bebodwa ababemngabaza ngoba enza into angayifundele.

Ukuphelelwa wumsebenzi ngemva kokudilizwa nokungawutholi omunye kumphoqe ukufeza iphupho elidala lokuzisebenza ngomuso. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Kube njalo nasensizweni yaseTembisa, eGauteng, okuthe ngokudilizwa emsebenzini ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kwavuleka ithuba lokuzisebenza ukuxosha ikati eziko. Idilizwe nje, ibisineminyaka emine isebenza kule nkampani.

Ukuziphantela ukuze bandise emalini abayithola kumqashi kuholele ekuvuthweni kwebhizinisi lenyama enomkhuba phakathi lezintokazi zaselokishini. Omunye wazo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

ZININGI izifundo ongazifunda emakhasimendeni akho ngomkhiqizo wakho futhi loko ngenye yezinto ongazisebenzisa ukukhulisa ibhizinisi lakho ulenze libe ngcono kunoliqale liyikona.

Ugila izimanga ekuphatheni nasekuthuthukiseni imisakazo owagajwa wuthando lewayilense ngenxa yokulalela ‘is’tori’ noninakhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

Share this now

NJENGASEMIZINI eminingi ngaleso sikhathi, ukhule kubo kulalelwa imidlalo yomoya emsakazweni uRadio Zulu, osubizwa ngoKhozi FM. Kuthe eseqeqeshelwa umsebenzi ekolishi wejwayela iMetro FM ayeyilalela imini nobusuku njengoba wayengawuvali umsakazo nasebusuku.

Okhule ehlale egundile usewumsamariya wabanezinkinga ezihlukene zezinwele. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

INTOKAZI yaseMgungundlovu, Kwazulu-Natali, ikhule inenkinga yezinwele eziqinile nezilukeka kanzima. Loku bekwenza ithwale kanzima uma iluka, kangangokuthi ibiphoqeleka ukuhlala egundile ngenxa yokungabatholi abenza ikhanda abakwazi ukwenza uhlobo lwezinwele zakhe.

Onebhizinisi elingandile kwabamnyama nelinamakhasimende emadolobheni ufisa ukungenisa emakhaya manje. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Share this now

ISIKHATHI esiningi uqashwa ngabantu basemalokishini, basemadolobheni nabahlala ezindaweni zabadla izambane likapondo owenza imipheme yezimoto, phecelezi ama-carport. Aseyindlala amakhasimende awathola ezindaweni zasemakhaya yize eseke waqashwa eNquthu, Empangeni naKwaNongoma.

You cannot copy content of this page