UKWAKHA amathuba emisebenzi entsheni, ukufukula umnotho waseNingizimu Afrika nokulwa nobubha ngezinye zezinto ezigcizelelwe yizikhulumi ebezisengqungqutheleni yokuhweba nokutshala imali iKwaZulu-Natal Trade & Investment Indaba and World Halal Day ebiseThekwini.
NGOKUJWAYELEKILE ungalindela ukuthi umfana waselokishini njengontanga bakhe ukhule edlala ibhola neminye imidlalo ethandwa ngabafana baselokishini. Kepha uphume eceleni, wazihlupha ngokufunda ukwenza imisebenzi yezandla.
NGIFUNA ukuhalalisela umengameli, i-Infrastructure South Africa nebambisene nabo ngengqungquthela yokuheha abatshalimali ebingesonto elidlule. Bekungeyesine futhi iyona esahambe kahle kakhulu kunezinye.
KULELI sonto ngithanda sibheke udaba olubalulekile futhi olubucayi olumayelana nokuthengwa kwamabhilidi eThekwini.
INYUNYANA yabalimi KwaZulu-Natali iKwanalu isinxuse bonke abafuyi ukuthi balandele yonke imigomo yesifo samatele bese besebenzisa nemigomo yezempilo ukugwema ukubhebhetheka kwalesi sifo esesiphinde sabheduka KwaZulu-Natali, eNorth West naseLimpopo.
EQEQESHELWA ukuba wummeli akuhambanga ngendlela ayefisa ngayo njengoba wayengazinakile izifundo zakhe egxile kokuzomngenisela imali. Ekuhlwayeni kwakhe amatoho, ugcine ethola umsebenzi epulazini, kwaba wukungena kwakhe kwezolimo.
EQALA ukusebenza wathola ukuthi uhola imali ephindaphindiwe kunekayise owayesebenza efemini. Uthi loku kwamphatha kabi kodwa futhi kwamvula amehlo ngoba kunezinto ayengaziqondi ukuthi zenzeka kanjani.
UKHULE ekhuthazwa yimisebenzi emihle kasaziwayo kwezokuqedisizungu uBonang Matheba, elandela konke okwenziwa yile ntokazi engaconsi phansi kubalandeli bayo.
UKUZAMA Ukuxhasa nokufukula osomabhizinisi abasafufusa, umasipala waseThekwini wenze umncintiswano i-eThekwini Municipality’s Lions’s Den Awards, lapho uklomelise khona osomabhizinsii abayisithupha ngoR120 000.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni.
ABATHENGI baKwaZulu-Natali sebezosizakala ngokuthe xaxa njengoba sekuneNkantolo yabaThengi esebenza njengeNkantolo ePhezulu; into ebikade ingekho. Le nkantolo entsha izoholwa wuSolwazi uBonke Dumisa.
BAKHULE bengabangani baze banquma ukuqala ibhizinisi lokukhangisa imikhiqizo yasezitolo ngo-2013. Ukungachumi kahle kwalelo bhizinisi kwenze balishiya phansi baqhubeka neminye imisebenzi ukuziphilisa.
KULELI sonto uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uzophinda asingathe ingqungquthela yezokutshala yaminyaka yonke. Izobe izama ukunqanda ukwehla kokutshala emnothweni.
KULELI sonto ngithanda sibheke izinto ezibalulekile ukuze usimamise ibhizinisi lakho; nesingazibiza ngezinsika.
BESE kuyisikhathi eside izelamani zifuna umsebenzi kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Bekuthi noma zizama ukuqala amabhizinisi ehlukene kungalungi. Kuze kwasiza ukuhlangana kwazo nomngani wazo wakudala eziqale ibhizinisi lezolimo naye.
INKINGA yokuswela imali yenza washiya phakathi izifundo zobuntatheli, umkhakha ayewuzwa ngaphakathi. Esehleli ekhaya wazihlupha ngokuthi yini angayenza ukuziphilisa.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa, yize kwakungesiyo imali enkulu.
IMPI ephakathi kweRussia ne-Ukraine izowuthikameza umnotho weNingizimu Afrika kodwa akhona namathuba angase aqhamuka angenza uhlomule.
SINGASHO sithi iBlack Leadership South Africa (iBLSA) iwumphumela wemizamo kaMnu uMichael Spicer yokwakha inhlangano yamabhizinisi engeke ishabalale, elungele ukufaka isandla ekuthuthukiseni iNingizimu Afrika.
NAMHLANJE ngifisa sibheke ukuthi imiphumela empi ephakathi kweRussia ne-Ukraine yenzani emnothweni, ikakhulukazi waseNingizimu Afrika.
UKHULE engakucabangi nangengozi ukuthi angaba wusomabhizinisi ngelinye ilanga. Kunaloko ubehlalele ethembeni lokuthi ukufunda kuzokwenza afeze zonke izifiso akhule enazo.
KUFEZEKE iphupho leminyaka eqokwa njengomphathi wesibhedlela esigxile ekulapheni abantwana ikakhulukazi abanezifo ezingajwayelekile. Loku kuhambisana nesifiso ayezibekele sona ngesikhathi esaqeqeshelwa ukuba wudokotela, nayezibekele ukuthi ufisa ukusifeza emva kweminyaka ewu-15.
UKUSEBENZA nokusekwa wumndeni ebhizinisini ukuthatha njengesibusiso futhi ukholwa wukuthi yiko okwenza adlondlobale ebhizinisini asanda kuliqala, nakholelwa ekutheni ukuzimela kulona kuzokwenza achume kwezamabhizinisi.
UKHULELE elokishini futhi uwumuntu okhonze isitayela nothanda ukugqoka izimpahla ehlukile nengandile kubantu abaningi.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa, yize yayingenkulu ngenxa yesimo sezimali kubazali bami.
UBENGUMABIZWASABELE, enikela, enentshisekelo yokweseka osomabhizinisi, ikakhulukazi abantu besifazane futhi elazi ibhizinisi.
YIZE umnotho waKwaZulu-Natali ukhombisa izimpawu zokusimama ngokuphelele kodwa amathuba emisebenzi esifundazweni aphansi kakhulu. Isibalo sabantu abaqashiwe sehle ngo-5.1% ngekota yesithathu yango-2021. Intsha yiyona eshayeke kakhulu, njengoba isibalo sentsha engasebenzi siku-59.3%.
NAKUBA uNdunankulu waseGauteng uMnu uDavid Makhura etuse uhulumeni wesifundazwe ngokusiza ukwakha umnotho waselokishini kodwa iningi losomabhzinisi basemalokishini libona kusekuningi okusadinga ukwenziwa ukuze kufukulwe amabhizinisi nomnotho wasemalokishini.
UMBIKO osanda kukhishwa yiKhomishini kaZondo wengeze ohlwini lwabathintekayo ngokuphenya kabanzi ngokwakwenzeka ngesikhathi sokugwamanda umbuso.
NGIKHOLWA wukuthi kunendlela elula uhulumeni waseNingizimu Afrika ongasiza ngayo izinkampani zabamnyama abasafufusa. Ziningi izindlela uhulumeni asezizamile kodwa kuyacaca ukuthi azitheli izithelo uhulumeni asuke efuna ukuzibona kanti nabo osomabhizinisi abaningi bazithola bengasizakali ngendlela ebebecabanga ukuthi bazosizakala ngayo.
KUNGASE kusuke udweshu phakathi kwenhlangano emele abalimi iSA Farmers Development Association (iSAFDA) nomNyango wezeziMali ngemva kwesinqumo sokunyusa intela kashukela salo mnyango.
ENEMINYAKA ewu-11 walulazwa wuthishomkhulu wesikole esixube izinhlanga ayesanda kufika kusona ngoba ephase ngamalengiso umsebenzi wesiNgisi. Uthishanhloko wacikwa wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ephuma esikoleni esiselokishini kodwa afike aqwaqwade izingane zabelungu emakhanda.
YIZE bengadlanga umhlanganiso ohlelweni lokucija osomabhizinisi ngolwazi lokuphatha nokusimamisa amabhizinisi abo oluhlelwa yiFood Lover’s Market kodwa bathi ukuba kulona kwenze umehluko omkhulu ebhizinisini lokukhiqiza i-sauce.
UKUFUNA ancame into ayeyidinga kwamnika umqondo wokusungula inkampani eyenza izikhwama eziyinguganaboya. Insizwa yaseRustenburg, eNorth West, yasungula ibhizinisi lezikhwama ngemva kokungasitholi isikhwama eyayisidinga.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Cha, ngikhule ngingaphiwa. Ekhaya asijwayezwanga ukuphiwa imali sisebancane.
AKUKHO okutheni okungenziwa wuhulumeni ukulawula intengo kaphethroli ngoba ingxenye enkulu yayo yilena engekho ezandleni zawo njengoba kuya namandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Kunjalo nje mancane namathuba okuthi ayeke ukubamba intela exhasa iRoad Accident Fund (iRAF) neSouth African National Roads Agency (iSanral).
ITHALENTE kwimfashini lasheshe laziveza ensizweni yaKwaHlabisa, KwaZulu-Natali, isafunda u-Grade 6 mhla iqopha umlando idweba umsiko wengubo eyayizogqokwa wu-anti wayo mhla eshada.
KULULA kwenye inkathi ukukholwa ukuthi izwe lethu limi ndawonye, alikwazi ukwenza izinguquko ezidingekayo ukukhulisa umnotho. Kepha kulo nyaka ngibona ushintsho oluthembisayo endleleni uhulumeni obona kuyikona okudingekayo ukuxazulula izinselelo zomnotho wethu.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba ebisezithebeni ngesonto elidlule mayelana ne-Employment Equity Plan, uhlelo lokuqasha ngendlela engacwasi.
UKUBAMBA ngezandla zombili wonke amathuba awanikwayo kuletha imiphumela emihle kumlimi osemncane. Ayiminingi iminyaka aseyisebenze embonini yezolimo kodwa ukuzikhandla nokuzimisela kwakhe emsebenzini awenzayo kwenze wanikwa isikhundla sokuba yimenenja jikelele yepulazi elikhulu nelinezisebenzi ezingaphezu kuka-500.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.