Usemncane wawuphiwa imali?
Eyi, cha.
UMNYANGO wezeziMali umemezele imininingwane yesikhwama sokulekelela osomabhizinisi akhahlanyezwe yiCOVID-19, udlame olwabheduka ngoJulayi ngo-2021 KwaZulu-Natali naseGauteng nezikhukhula ezisanda kuba khona.
KUZODINGEKA zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi zibambisane ukuphucula impilo yabantu ngezidingo ezihlukene ukunciphisa ingozi yezikhukhula ngoba asikho isisombululo esisodwa futhi abantu ngeke bayeke ukufudukela emadolobheni ngoba bebheka amathuba angcono emisebenzi.
NGESIKHATHI esabamba amatoho wayehlala efuletheni nowesifazane owayenengane eyayihlushwa yisikhumba ine-eczema. Wayinika umuthi wokugcoba ayezihlanganisele wona ngezithako zemvelo wathi akawuzame abone ukuthi ngeke yini wayisiza ingane.
NGENKATHI abangani ababili baseGoli, eGauteng, beqala ipulazi labo lezinkukhu iTwin Chicks bakwenza begqugquzelwa wukufuna ukuqinisekisa ukuthi izizukulwane ezilandelayo zingantuli imali.
KUNINGI osomabhizinisi ababhekene nako: ukubhebhetheka kweCOVID-19okusha, ukucisha kukagesi okuqhubekayo, impi ephazamisa ukuhwebelana emhlabeni nesimo sezulu esibi esidala umonakalo; njengezikhukhula ezenzeke KwaZulu-Natali.
KULELI sonto ngifisa sibheke izinto ezenzeke emasontweni amabili edlule lapho sibone khona izikhukhula zenza umonakalo ongakaze ubonakale KwaZulu-Natali.
UKUBHUNTSHA kwezinhlelo zokubuyela embonini ayifundele nayizwa ngaphakathi ngenxa yeCOVID-19 kuphenduke isibusiso njengoba egcine eqhamuka nomqondo webhizinisi elingavamile kubantu abamnyama.
UMPUNYUMPUNYU. Yileli igama elinembayo ukuchaza ugalagala lomholi emikhakheni ehlukene njengezemfundo, ipolitiki, ezentuthuko yomphakathi namabhizinisi.
KUZOTHATHA izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi umnotho waseThekwini usebenze ngendlela obusebenza ngayo ngaphambi kokuhlasela kwezikhukhula ezibhoke ngesonto eledlule. Loku kulindeleke ukuthi kwehlise umnotho wedolobha ngo-1.8% njengoba idolobha lilahlekelwa wuR28 million ngosuku ngenxa yokuvalwa kwamabhizinisi ungakabalwa umonakalo owenzeke kwingqalasizinda.
NAKUBA sekuphele iminyaka ewu-20 esiza ewunjiniyela futhi ethuthukisa izindawo namalokishi kodwa usomabhizinisi odabuka ePhuthaditjaba, eFree State, usawuthanda umsebenzi wakhe. Ukusiza abantu bathole izinto ezincane abanye abazithatha kalula njengokukwazi ukuvula umpompi yinto emjabulisayo nokukwazi ukuxazulula izinkinga athuthukise abanye abantu yikona okumkhuthazayo.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, bengiphiwa abantu abahlukene, ikakhulukazi izihlobo.
KUMQOKA ukuthi kusheshiswe ukulungisa ingqalasizinda ecekeleke phansi KwaZulu-Natali ukuze kuzophinde kuqhubeke kahle ukuthutha izimpahla eNingizimu Afrika ngoba uma kungenzeki loku kungagcina sekunomphumela omubi emnothweni, ikakhulukazi kwezolimo.
UWUMUNTU oseloku kwathi nhlo ukhonze ukugqoka izinto ezihlukile futhi bekumchaza nokubona izinto ezinobuciko obugqamile. Kepha wayengakaze acabange ukuthi lolo thando lungaba yibhizinisi eselivuthwe ngale ndlela okuyiyo manje.
ISIBHICONGO esenzeke KwaZulu-Natali sibuhlungu. Ukufa kwabantu nokulahleka kwemisebenzi kukhulu. Inkulumo kamengameli (ngoMsombuluko) ikhombisa indlela uhulumeni ayisukumela ngayo le ndaba kanjalo nezifundo esizitholile ngokubhekana nenhlekelele eminyakeni embalwa edlule.
NGIBHALA le ngosi inhliziyo yami ayiyinhle neze ngenxa yesimo sezikhukhula esihlasele iKwaZulu-Natali. Ngibhala nje imibiko ikhomba ukuthi sekudlule abantu abawu-448 esifundazweni.
NGEMVA kokubona ukuthi ukulinda uhulumeni ukuthi unike abalimi abamnyama umhlaba kuwukulinda umnyama ongenafu, umlimi wesifazane waseLimpopo uthi wazilungiselela ukuthi abe wumlimi ongawasebenzi amakhemikhali ukulima.
NGEMVA kweminyaka ewu-23 esebenza emNyangweni wezeziMali nemihlanu ewuphethe, uMnu uDondo Mogajane, usethi khumu. UMogajane, owumqondisi-jikelele emnyangweni, uyashiya ngoJuni. Ememezela lezi zindaba, uNgqongqoshe uMnu u-Enoch Godongwana uthe uMogajane ukhethe ukungayivuseleli inkontileka … Read More
UTHANDO lwakhe lusemkhakheni wezemidlalo. Kuyena ezemidlalo aziwona umdlalo nje kodwa ziwubizo; ubizo lokwenza umehluko empilweni yabantu abasha.
IZINKAMPANI zakwamanye amazwe zijwayele ukuhlela imihlangano neminyango kahulumeni ethile kanjalo neBusiness Leadership South Africa (iBLSA), ngaphambi kokutshala imali eNingizimu Afrika. Ithe ukunyuka le mihlangano muva nje.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokushiya emsebenzini uziqalele ibhizinisi lakho, into eshayisa ngovalo kwabaningi. Uma ubheka uyabona ukuthi kukhona abantu abanengcindezi yokufuna ukushiya emsebenzini abakuwo bayosungula okungokwabo.
UMnu uMpumelelo Zikalala uchaza umthetho okuhloswe ngawo ukulawula isibalo sabantu bakwamanye amazwe abaqashwa eNingizimu Afrika
MHLA uMnu uGodfrey Rasogo eqala ukuzwa ngokulima ngaphandle kokusebenzisa inhlabathi wafunda okuningi ngo-lettuce nokuthi unamuphi umsoco. Waqaphela ukuthi nakuba abantu babewudlela ukunciphisa umzimba kodwa wawungasuthusi ngendlela ababecabanga ngayo.
KUBO bonke ubunzima asebeke babhekana nabo baqhubekile bama ngenxa yokuthi ibhizinisi labo lihlukile kunamanye futhi izimpahla abazidayisayo zinethuba lokwenza izinto ezinkulu, okubalwa kuzona ukuqasha abantu abaningi.
UKHULE enenkolelo yokuthi ngeke asebenzele omunye umuntu ngoba wayebuswa wukufuna ukuqala ibhizinisi azoziphilisa ngalo. Nokho uzamile ukusebenza esethole umsebenzi esitolo kodwa kwala ehlulwa wukuthobela umthetho womqashi.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni. Kwakuvame ukuba wuR2 ngosuku.
UMA ibhizinisi lakho lisamile emva kwesivungungu seCOVID-19 kusho ukuthi uyakwazi ukuphatha ibhizinisi. Loko futhi kwandisa namathuba okuthi amabhange akusize uma ufisa ukuboleka imali.
YIZE ebhekane nobunzima esaqala ibhizinisi waze waphoqeka ukuthi alivale, waphinde walivula kodwa ukholwa wukuthi maningi amathuba embonini yokuvubela nokudayisa ikhofi.
NGICELA iziphakamiso zenu. Izibalo zabantu abangasebenzi ngesonto elidlule ziveze ukuthi isibalo sentsha engasebenzi siwu-65%, okuyinto ethusayo. Kumele sikushintshe loku.
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngokushintsha indlela esenza izinto ngayo siyisizwe, ikakhulukazi esinsundu, kwezamabhizinisi noma izinto eziphathelene nezamabhizinisi.
U-FNB uqhamuke nezindlela ezintsha zokuheha amakhasimende amasha nokwenza lawa akhona ahlale futhi asebenzise eminye imikhiqizo yawo ngokuwalekelela akwazi ukufinyelela ezintweni angenazo, ikakhulukazi lezo ezidinga ubuchwepheshe besimanje.
UKUZE iqonde ukuthi kungani abalimi abasafufusa beshaywa indiva yizinkampani ezinkulu, iCompetition Commission isiyethule uphenyo lomphakathi oluzobheka ukuthi kungakanani ukuncintisana emakethe, indlela okuklanywa ngayo amanani emikhiqizo, izingqinamba ezibhekana nabalimi, ikakhulukazi abasafufusa.
KUYE ngamagama enkehli ngemizamo yokuphungulela abantu baseNingizimu Afrika umthwalo wokubiza kwentengo kaphethroli. Kusukela ngoLwesithathu kulindeleke ukuthi intela ebizwa nge-general fuel levy yehle ngoR1.50.
ABANTU baseNingizimu Afrika bayazi ngamalungelo abo njengabathengi kodwa abangakuqondi kahle wukuthi kufanele bawasebenzise kanjani la malungelo ukuze abasize. Loku kudalwa yimvelaphi yabantu, indawo abahlala kuyo kanjalo nohlanga lwabo.
UKUBA necebo lesibili kuhlenge ibhizinisi lakhe kwagwema nokuthi angashaywa yinduku eyodwa kabili yokugcina ephoqeka ukuvala ibhizinisi ngenxa yomphumela omubi wegciwane iCOVID-19.
BEKUHLALE kumkhathaza ukuzwa izindaba zokwanda kwezigameko zokuntshontshwa kwezingane elokishini, kumphule umoya kakhulu ukuthi ezinye zazo ziyanukutshezwa noma zitholakale sezibulewe.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa u-50c noma uR1 uma ngiya esikoleni.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.