EMVA kweminyaka ulindile, umphakathi waseMakhasaneni, KwaZulu-Natali, uthole amatayitela nezinsizakusebenza zokulima zenani elingaphezu kukaR1 billion. Kepha laba balimi sebenovalo lokuthi izinhlelo zabo zokukhula kwezolimo zingase ziphazanyiswe wukuthi kuhlongozwa umsebenzi wemayini endaweni.
UKUPHINDA kwakhe amabanga amathathu kabili kanjalo nokuthola ithuba lokuyofunda kwamgqugquzela ukuthi afise ukusiza abanye abafundi, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya njengakubo. Ngesikhathi ewuqala lo msebenzi kwakungesilo ibhizinisi futhi wayengaboni ukuthi kungaba yibhizinisi.
WAWUMCHAZA umbhoshongo kagesi ayewubona eseyingane. Ayekwazi ngawo wukuthi yilapho kuqhamuka khona umsakazo njengoba babewubiza nge-FM pole. Isifiso sakhe kwakuwukuthi ngelinye ilanga aqwale lo mbhoshongo, okuyisona esamholela ezifundweni zobunjiniyela.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, kodwa ngangiyithola uma kade ngikhalela umama uma ehamba noma (ngikhumuke) izinyo bese ethi ugogo angilibeke esicathulweni igundane lizongipha imali.
UKUPEPENYEKA ngezimbembeshwana ezimasondokazi amane yibhizinisi lokungcebeleka elingavamile lapho kwakhe indlu emnyama khona. Cishe nosomabhizinisi abamnyama abanama-quad bike ngeke beqe esandleni uma bebalwa.
ENYE yezinkinga engihlangabezana nazo uma ngixoxa nabalingani kuhulumeni, izinyunyana nezinhlangano ezingenzi inzuzo yindlela ababuka ngayo osomabhizinisi – njengenhlangano eyodwa abangaxoxisana nayo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yokuvalela abantu besifazane ngaphandle emabhizinisini. Kuyadabukisa ukubona ukuthi nango-2022 kusenomqondo obhedayo wabanye abantu besilisa wokwenza nzima impilo kubantu besifazane abangosomabhizinisi noma abafisa ukuba ngosomabhizinisi.
UKHULE ecabanga ukuthi uyise “uyahlupheka” ngoba wayengaqashiwe njengabanye abantu. Kepha wavuleka amehlo ngonyaka ambona ngawo edayisa izinkomo ukuze abakhokhele esikoleni nezingane zakubo.
“WENZA kanjani (ukuthi) isizukulwane esilandelayo sibone ukuthi imfundo yiwona khiye wempumelelo njengoba kugcwele abantu abaneziqu abahluphekayo nezigebengu ezicebile?”
OSOMABHIZINISI abasafufusa baKwaMhlabuyalingana, eNyakatho yeKwaZulu-Natali, bakhala ngomasipala ngokubabulala ngendlala njengoba bethi baxoshwe emakethe asebeneminyaka besebenzela kuyona. Basola omunye wabaphathi bakamasipala abathi usanda kuqashwa kanti uzenzela umathanda.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, kwakuyimali yokukhokha irenti nokuthenga ukudla.
AMABHIZINISI amancane asengozini yokuwa noma kuzoncipha inzuzo ayenzayo uma engayisukumeli indaba yokuguqula indlela asebenza ngayo ukuze ahambisane nobuchwepheshe besimanje kanti loku kubeka imisebenzi engcupheni.
KUSAZOTHATHA isikhathi ngaphambi kokuthi amanani okudla nokubiza kwezinye izinto, okudalwa wukwehla kwamandla emali kuyeke ukuqonga, kanti kudingeka ukuthi abathengi bazibambe ziqine ngoba nophethroli kulindelwe ukuthi unyuke ngamawala ngenyanga ezayo, ngaphandle uma uhulumeni uzophinde ungenelele.
NGABE osomabhizinisi sebekulungele ukuba nogesi osebenza kahle? Kulula ukugcina sesikhohlwa wukubaluleka kokuba nesisombululo esizosisiza isikhathi eside ukuphehla nokusabalalisa ugesi ngenxa yokucinywa kukagesi okungapheli.
KULE ngosi ngithanda sibheke ukuthi mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuthi uhulumeni udede emsebenzini wokuhlinzeka ngentuthuko, kunalokho udlulisele izintambo zokwenza lo msebenzi kubantu.
I-NATIONAL Union of Mineworkers (iNUM), engabanye babanikazi be-Ubank, ithi isinqumo seBhange loMbuso sokufaka leli bhange ngaphansi komlawuli yiqhinga lokuphoqa ukuthi ivume ukuthengwa yi-African Bank, nethi ifuna ukukhokha “utiki” owuR100 million ukulithenga lonke leli bhange.
KUNINGI umlimi waseLimpopo akuthandayo nakufisayo njengokuguqula umhlaba osesigodini sakubo ukuthi ukwazi ukukhiqiza abazokudayisa ukulwa nobubha nokwakha amathuba emisebenzi.
NGESIKHATHI eyeka umsebenzi ayeqashwe kuwona embonini yezokwakha ngoba enzela ukugxila ebhizinisini lakhe lokudla, wayengalindele ukuthi lizophumelela ngokushesha.
NGEMVA kwango-1994 uhulumeni wobandlululo usugobe uphondo ekucindezeleni abantu bomdabu e-Afrika, umuntu esenevoti eNingizimu Africa, kunohlobo losomabhizinisi olwaqubuka – amaRupert amnyama.
NGESILATINI kuthiwa in vino veritas, okusho ukuthi lapho kunomvini (iwayini) khona, kuneqiniso noma oqhabule iwayini uyazikhiphela iqiniso.
Usemcane wawuphiwa imali?
Yebo, ngenkathi abazali besaphila
NAKUBA kwakunzima ukushiya umsebenzi wakhe esitolo esikhulu sezimpahla zokugqoka kodwa yisinqumo angazisoli ngaso.
NGICELA ukubonga kakhulu iNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngokubona kufanele ukungiqoka ukuthi ngibe wuShansela walesi sikhungo esihloniphekile. Ngilamukela leli thuba ngesikhathi esibuhlungu emlandweni wezwe lethu. Lobu buhlungu benzeka ngenxa yokungenzi kahle nokungasebenzi kahle (kwezinye izinto). Uma sibheka okwenzakalayo, sibonani?
ASIJWAYELE ukuma kancane sibuyekeze indlela inqubomgomo yethu esithuthuke ngayo. I-Operation Vulindelela, uhlelo lwehhovisi likaMengameli nomNyango wezeziMali, seluzuze izinto eziningi nakuba ezinye zisabanjwe yimicikilisho ngaphambi kokuthi zisebenze kahle kodwa siphezu kwazo.
KULE ngosi ngithanda sibheke isifo sokungahloniphani singabantu abamnyama kwezamabhizinisi. Akubalulekile noma ngabe uwena umnikazi webhizinisi noma usebenza ebhizinisini noma liphi.
ISIZULU sithi inkunzi isematholeni. Kunjalo nakumakadebona kwezokuphatha, usomabhizinisi, isishabasheki sabantu abakhubazekile nesikhulumi sezinkulumo ezikhuthazayo.
KWAKUNGENELE ukuqhamuka emndenini owenza izitini ukuqinisekisa ukuthi ukhiqiza izitini ezisezingeni phezulu. Isifiso sakhe sokwenza imizi yaselokishini ibemihle njengeyaselungwini yisona esimgqugquzela zonke izinsuku.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa.
USEPHOXEKE kaningana usomabhizinisi kodwa kukho konke lokhu kuphoxeka ubethola isifundo, nokumsizile njengoba imikhiqizo yenkampani yakhe isitholakala nakwamanye amazwe aseNingizimu ye-Afrika.
USIZO oluhlinzekwa wuhulumeni ukutakula amabhizinisi akhahlanyezwe yiCOVID-19, udlame olwabheduka ngoJulayi wango-2021 nezikhukhula ezisanda kuhlasela KwaZulu-Natali ngeke lusize ngalutho futhi lufike emva kwendaba.
KUYISHWA ukuthi emva kweminyaka engaphezu kwemibili kwahlasela iCOVID-19 wuhhafu kuphela wabantu abadala abagonywe ngokugcwele. Loku sekuzohlupha thina manje njengoba kuqina ukuhlasela kwaleli gciwane okwesihlanu.
KULE ngosi ngithanda sibheke lento encomekayo engiyibona yenzeka eNingizimu Afrika. Uma uqaphelisisa uzobona ukuthi ayanda ama-brand amasha asungulwa ngabantu abamnyama kanti nabantu bakithi sebethanda ukuthenga ama brand asungulwe ngabakubo kunakwamanye amazwe.
WAYAZI ukuthi ngelinye ilanga uyoba nebhizinisi nokungakho engapholisanga maseko ngokuliqala njengoba kwathi eqeda enyuvesi lase likhona.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.