KUFANELE kulungiswe izinkinga ezivalela ngaphandle abanye abantu, inkohlakalo, ububha nokuntuleka kwemisebenzi ukuze iNingizimu Afrika iphumelele.
ISIYAVUNA iNingizimu Afrika ngenxa yokuchitshiyelwa komthetho olawula ukucwaninga amabhuku, nowanika iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele amandla engeziwe eminyakeni emithathu edlule.
NJENGOBA umbiko wokugcina weKhomishini yeJaji uRaymond Zondo usuthuliwe, sekuyisikhathi sokuthi kuthathwe izinyathelo. Kumele sivuselele isithunzi seNingizima Afrika njengezwe elingathenjwa ukuthi linomthetho osebenzayo. Iminyaka yokugwamanda amandla ombuso ngezindlela ezikhinyabeza izikhungo zikahulumeni ezakhelwe ukuqinisekisa ubulungisa nokuthi abaphethe bayaphendula, ililimaze kakhulu igama lezwe.
NAMUHLA ngithanda sibheke isimo esibhekene naso singamazwe ngenxa yempi phakathi kweRussia ne-Ukraine. Ithe le mpi uma iqala kwabonakala ngokushesha ukuthi amanani kawoyela namafutha okupheka aloku enyuka kancane kancane.
UNQUME ukuhlanganisa uthando lwakhe lobuchwepheshe bamakhompyutha nolwezolimo ukuze asize izwe liyeke ukuthenga ukudla elingakwazi ukuzikhiqizela kona kwamanye amazwe.
NGEMVA kweminyaka esebenza emkhakheni wamabhange, ukusebenzela izikhondlakhondla zamabhange amabili eNingizimu Afrika, ukudla umhlanganiso ngemiklomelo emikhulu namathuba okusebenza embonini ezimele umakadebona emkhakheni wamabhange usegxile obizweni lwakhe – ukuletha ithemba lapho amathuba eyivelakancane khona.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, sasingaphiwa imali ngoba yayiyivelakancane.
IHHOVISI loMcwaningimabhuku-jikelele lizobuyekeza ukuthi kufanele yini liqhubeke nokunika omasipala abaletha imibiko yezimali engahlanganisiwe ngendlela ithuba lokuyilungisa.
USUKU lweNtsha lusikhumbuza u-1976 mhla intsha isukuma ilwa nohulumeni wobandlululo. Ngesonto elidlule ngizithole sengibuka izinselelo ezibhekene nentsha namhlanje. Zihlukile kakhulu kodwa kucacile ukuthi kumele sigxile ekuzixazululeni.
KULELI sonto ngithanda sibheke isihloko esimayelana nokugqugquzela izingane zethu ukuthi ziqale ngokusebenza kuqala ngaphambi kokuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.
KUBANTU abaningi ukudla okonakele nomunye udoti yizinto okufanele zilahlwe ngoba zisuke zingasenamsebenzi walutho. Kepha kunomlimi imfucuza eyigugu kuye njengoba ingenye yezinto azisebenzisayo ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokulima, ezinempilo futhi ezivikela imvelo.
NGESIKHATHI ezichithela isizungu nekhehla lasendaweni elalinebhizinisi lokungcwaba wayenganakile ukuthi kuzomholela ebhizinisini. Leli bhizinisi lakhe lokubaza selizale elinye njengoba esengene shi nakwezolimo kanti nakhona izinto zihamba kahle kangangokuthi ubona sizofezeka isifiso sakhe sokuthatha umhlalaphansi lapho eqashwe khona ngokugcwele engakabi neminyaka ewu-50.
UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan usencome umsebenzi owenziwe yiTransnet ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli nangoMeyi emzileni emqoka wokuthutha izimpahla phakathi kwaseThekwini naseGauteng.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngikhulele emakhaya, ngakho kuleya minyaka besingekho kakhulu isidingo semali kodwa besiphiwa ngomalume uma behlile eGoli.
SIMELANE kahle nezinselelo esibhekane nazo siyizwe, ikakhulukazi eCOVID-19, sibambisane kahle uhulumeni nosomabhizinisi.
KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yokuba qotho ekwenzeni izinto ebhizinisini. Ngisuswa yisivunguvungu esibhokile ezweni. UMengameli uCyril Ramaphosa umbuleke izinqe ngento eyenzeka ngo-2020 abezama ukuyifihla.
UDUME ngokuthanda izingane emndenini wakhe kangangokuthi ngisho kunomcimbi kubo uyaziwa ukuthi yena unakekela izingane. Bathi abanye bezikhathaza ngokuthi konke kumi ngomumo yini ngomcimbi, yena usuke ebuza ukuthi izingane zihlinzekelwe ngakho konke yini ezizokudinga njengokudla, indawo yokulala nokunye.
WAZI eneminyaka ewu-11 ukuthi angathanda ukuba wumuntu wesifazane wokuqala e-Afrika ukuya emkhathini kanti nakuba kungakenzeki kodwa ziloku zivelile izimpawu zokuthi yiphupho elizogcina lifezekile.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, uma ikhona kodwa bekungabi yinto yanjalo.
OSOMABHIZINISI abazomelana nezinselelo ezidalwe yiCOVID-19 abebevele benza izinto kahle, behlonipha ibhizinisi futhi beyibuyisela inzuzo ekukhuliseni ibhizinisi ngesikhathi izinto zisahamba kahle. Washo kanje eminyakeni emibili edlule uMnu uMax Mqadi weMax’s Lifestyle … Read More
INSIZWA yaKwaMhlanga, eMpumalanga, yasungula ibhizinisi layo ngoba ikholelwa ekwenzeni imisebenzi yezandla ehlukene. Loku kwayisiza ngoba kwahlenga ibhizinisi layo ngesikhathi izwe livaliwe.
UMASIPALA waseThekwini wethule isabelomali sango-2022/23 esibuyekeziwe uchaza ukuthi umi kuphi ngesicelo sesibonelelo osifake emNyangweni wezeziMali sokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli nangoMeyi, ezidale umonakalo olinganiselwa kuR5.8 billion.
NGESONTO elidlule besikhunjuzwa ukuthi ubugebengu buhlupha kangakanani kuleli zwe. Ngekota yokuqala yango-2022 izibalo zobugebengu obuhambisana nodlame njengokubulala, ukudlwengula nokushaya, zinyuke ngendlela ethusayo.
KULE ngosi ngithanda sibheke isimo esiguqukayo eNingizimu Afrika ngezinto eziningi ezimayelana nengqalasizinda. Uma ubheka uhulumeni usuyehluleka ukugcina ingqalasizinda isezingeni elifanele.
I-SOUTH African Association of Meat Importers and Exporters (i-AMIE) ikholwa wukuthi ukudayisela i-European Union inyama yenkukhu kuzodala amathuba okusimamisa le mboni eNingizimu Afrika.
“KHULISA umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.”
WASIZWA wukuthi abazali bakhe bangapholisi maseko ukusukuma bayofuna usizo uma bebona okusolisayo ngaye. Lolo sizo aluthola eneminyaka ewu-14 lwamenza wakwazi ukuqeda isikole, waze wayoqeqeshelwa ukuba wudokotela.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, kwakuyimali yokuyiphatha esikoleni. NangoDisemba sasiphiwa uma ubaba (ebhonasile).
INTOMBAZANE yasemajukujukwini aseXobho, eningizimu yeKwaZulu-Natali, ikhula ayikhumbuli ibona kudliwa amaphilisi futhi kuphuzwa imithi kubo. Empeleni uninakhulu wale ntombazane namuhla esiyintokazi wayeyihebeza indaba yemithi yesilungu.
KUNGENZEKA uhulumeni ugcine ungakwazanga ukuphinde ubuyisele intela kaphethroli i-general fuel levy njengoba izinkomba ziveza ukuthi isimo somnotho sisazoba nzima futhi namanani kawoyela eqhubeka nokudla amagalani njengoba izolo ebemi ku$122.08 umphongolo.
KUBALULEKILE sithi ukubhekisisa isimo sethu eNingizimu Afrika. Kula masonto ambalwa kade ngiseWashington DC, eMelika, ngisohlelweni lokucathuliswa oluxhaswe wuhulumeni waseMelika. Ingimangazile indlela enhle okubukwa ngayo iNingizimu Afrika.
KWENYE yezingosi ngakhuluma kabanzi ngokubaluleka kokuthi sakhe umnotho wethu singabantu abanmyama. Loku ngangikuthathela ekutheni sengathi yithina kuphela eNingizimu Afrika abantu abamnyama abangenandaba nokwakha owethu umnotho kodwa zonke ezinye izinhlanga zinowazo.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.