NGESONTO elidlule osomabhizinisi babenomhlangano ohambe kahle neNational Energy Crisis Committee (iNECOM) lihambisana nabanye abaholi bamabhizinisi. I-NECOM isungulwe wuMengameli uCyril Ramaphosa njengengxenye yokuxazulula inkinga kagesi.
SIQALE isonto ngezindaba ezithi owayeyisikhulu esiphezulu eTransnet uMnu uBrian Molefe nowayewumphathi wezimali uMnu u-Anoj Singh bavele enkantolo yamacala abucayi ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa izigidi zamarandi ngesikhathi le nkampani kahulumeni ithenga izitimela.
KUSUKELA esemncane ubezithanda ezolimo kanti nokukhuliswa wugogo owayezifela ngezolimo kwenza wazithanda kakhulu. Kwasheshe kwamcacela ukuthi wumkhakha lona obalulekile empilweni yomuntu.
EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akufuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewubuthisha.
UKUXAZULULA inkinga yokungcola ngakubo uMnu uKgabo Pila noyise bazisukumela baqala inkampani yokuvuselela kabusha izinto.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo.
KUVULIWE kuleli sonto ukufaka izicelo zokuthenga amasheya ase-Old Mutual Bula Tsela ngaphansi kohlelo olwenzelwe ukunikeza abantu abamnyama ithuba i-Broad-based Black Economic Empowerment.
NGESONTO elidlule ibamba lomqondisi-jikelele emNyangweni wezeziMali ezweni uMnu u-Ismail Momoniat nomholi wehhovisi lesabelomali uMnu u-Edgar Sishi benze isethulo kwiNedlac ngohlelo abalulandelayo ngokulungiselela ukwethula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngo-Okthoba.
KULELI sonto ngithanda ukuthi sibheke abesifazane abenza izinto zenzeke emikhakheni abakuyona. Kuhle esikubonayo ngoba kusho ukuthi abantu besifazane sebengene shi emabhizinisini.
UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ngemva kokuwufundela kumenze wakhumbula uthando lwakhe lokutshala. UNksz uBongiwe Mchunu waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale ukulima ngo-2021 emva kokuphothula iziqu zokuba wunjiniyela kagesi. Ngale kothando lwakhe lokulima, uNksz Mchunu, … Read More
UMSIKI wengqephu waseDe Aar, eNorthern Cape, uNksz uFundiswa Gxoyiya kudingeke athi khumu kancane ebhizinisini lakhe ukuze aqonde kahle izifundo okwakufanele azifunde ngaphambi kokubuya nomfutho omusha.
KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela yokwenza umsebenzi ehlelekile, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphiwa.
INSELELO ayebhekana nayo ebhizinisini aqala ngalo yiyona emkhuthazile ukuthi aqhamuke nomqondo webhizinisi lesibili okumanje likhula ngamandla futhi ancintisana kulona nezinkampani zakwamanye amazwe.
YISINYATHELO esihle ukwethula umthetho ozovumela abantu ukuthi bakwazi ukuphephela emalini yabo yempesheni ngesikhathi besasebenza kodwa bebe beqhubeka nokongela umhlalaphansi.
NGISEBENZISA isikhathi esiningi ngibonisana nabanye abalingani ngokuthi amabhizinisi angasebenzisana kanjani kahle nohulumeni nabanye abantu.
KULELI sonto ngithanda ukubongela abantu besifazane kuyinyanga yabo ngenqubekelaphambili ezikhundleni abaziphethe ezimbonini ezihlukene ngisho nakwipolitiki.
UJU alumnandi nje kuphela kodwa lunezinto eziningi ezisiza impilo njengokukuvikela ekutheni umqondo wakho ungaphazamiseki ukukhumbula izinto nokwelapha izilonda.
I-AFRIKA inabantu abaningi abasebancane nabasengakwazi ukusebenza. Loku yiyonanto eyenza ihluke futhi engadlisela ngayo ogageni amanye amazwekazi.
UKUSEBENZA embonini yokungcebeleka yinto ayithanda kusukela esafunda isikole kangangokuthi ngisho uma ayesuke ezama ukwenza ezinye izinto okungekona ukuzisebenza wayengabi nomdlandla ofanayo naba nawo uma ezisebenza. Yingakho ethe ngisho eseqede isikole akangakapholisa maseko wasungulai ibhizinisi.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, kwakuba wu-5c kanti ngangigoloza ukuya esikoleni ngingenawo.
UWUNJINIYELA wobuchwepheshe ongakaze akujabulele ukusebenzela omunye umuntu njengoba ayengakwazi ukuba namaphupho amakhulu. Emva kweminyaka yezifundo ezinzima, Usomabhizinisi waseGoli, eGauteng, wasungula iGlo Mo Solutions esiza ngemisebenzi yekhompyUtha.
UKONGA, ukutshala imali nokulungiselela umhlalaphansi akukona okwabadla izambane likapondo kuphela. Lezi yizinto wonke umuntu okufanele azikhuthalele ukuze imali imsebenzele kangcono.
SENGIKE ngabhala phambilini ukuthi elinye lamasu aseqhulwini kwiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukweseka ukuvuselela ezobulungisa.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuthi singenza kanjani ukwakha umnotho wethu singabantu abamnyama. Ngike ngaphakamisa emasontweni edlule ezinye zezindlela okumele sizenze ukubuyisa umnotho ezandleni zethu ngoba ngeke nangengozi laba abawukinatele bawubuyise.
ISIFISO sokuba nebhizinisi yimbewu eyatshaleka esaqeqeshelwa umsebenzi. Kwadingeka ukuthi benze ucwaningo ngokudingekayo uma umuntu ezoqala ibhizinisi olwaluyingxenye yezifundo ze-Business Management Diploma eDurban Institute of Technology, esibizwa ngeDurban University of Technology.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Bengiphiwa uma ngiya esikoleni kodwa ethe xaxa ubaba ubengifunela umsebenzi engizowenza egcekeni ukuze ngiyithole.
IZINHLANGANO zosomabhizinisi aziboni ngaso linye ngesimemezelo esisanda kwenziwa wumengameli wezwe mayelana nemizamo eyenziwayo ukuxazulula inkinga yokucima ugesi osekuneminyaka ewu-14 ikhinyabeza umnotho waseNingizimu Afrika.
Iphupho likaThulani Sicongwana wukusungula izindawo zokugunda ezisesitayeleni kuwo wonke amalokishi kanti uzoqala ngezimbili Ekurhuleni.
UHLELO lukaMengameli lokulungisa inkinga kagesi olumenyezelwe ngesonto elidlule lubalulekile. UMengameli uCyril Ramaphosa usezame ngazo zonke izindlela ukuxazulula inkinga kagesi, njengokuvulela izinkampani ezizimele indlela ukuze zibe ngabanye babaphehli bakagesi abakhulu. I-Business Leadership South Africa (iBLSA)iyawuncoma lo mzamo.
KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yengqungquthela yomgomo ye-ANC ebingesonto elidlule. Cha, asihlaziyi ezepolitiki ngoba thina siyingosi yezamabhizinisi kodwa sonke siyazi ukuthi ezepolitiki zinomphumela ongakanani emabhizinisini.
NAKUBA kujwayelekile ukuzwa ukuthi amabhizinisi amancane ayasokola futhi aze avalwe ngenxa yokucinywa kukagesi, amanye awo athola izindlela zokungaphinde athembele kugesi.
UWUMUNTU othi uma esebonile ukuthi akwenzayo akumsebenzeli bese eyasukuma athathe izinyathelo zokukushintsha ukuze ezothola umphumela awufisayo. Yiwona lowo mqondo omgqumgquzele ukuthi asungule ibhizinisi elingelinye lalawo asefike kwezakala embonini akuyona.
UTHANDO lwesikhumba nokunakekela abantu lumenza washiya phakathi izifundo zesayensi ayezenza e-University of KwaZulu-N wakhetha ukuyokwenza ezokunakekela isikhumba nempilo i-somatology ngoba ekholwa wukuthi udalelwe ukusiza abantu ngazo.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.