AMAHOLIDI kaKhisimusi aseqalile kanti ezinye zezinto ezijwayelekile ngalesi sikhathi wukuhlukanisa izitokfela. Abanye bazihlukanisa ngasekuqaleni kukaDisemba kanti abanye bazihlukanisa ekupheleni kwawo ngoba imali basuke beyongela izidingo zikaJanuwari nokuvula kwezikole.
INHLANGANO yosomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) ihalalisele ubuholi obusha benhlangano ephethe izwe i-ANC, yathi kuyancomeka kakhulu ukubona isibalo sabantu besifazane abakhethiwe.
UKUSULA kwesikhulu esiphezulu e-Eskom uMnu u-André de Ruyter akumangalisi futhi ngeke kuzixazulule izinkinga le nkampani ephehla ugesi enazo.
OSOMABHIZINISI abasafufusa kufanele bazihluphe ngokucwaninga futhi bonge imali ukuze basizakale ngayo yonke indlela oshintshweni olulethwa wubuchwepheshe besimanje.
ISIKHATHI sobumnande ekade silindelwe ngabomvu sifikile. Abantu abaningi bazothatha isikhathi baphumule bakhokhe umoya ngaphambi kokuqala konyaka omusha. Kuyishwa ukuthi lesi sikhathi sonyaka sidume ngezinhlekelele ezifana nezingozi zomgwaqo nobugebengu njengoba abantu behamba, bevakasha futhi bejabula ezweni naphasheya nabangani nemindeni.
YINI umsebenzi weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eNingizimu Afrika?
SESISONDELE isikhathi sokuphithizela ngaphambi kokuthi sihlukanise unyaka singene onyakeni omusha u-2023. Lona kube wunyaka ongemuhle neze kosomabhizinisi abaningi. Khumbula ukuthi siqale lo nyaka siphuma eminyakeni emibili ebimibi, neshiye osomabhizinisi abaningi beshayekile.
ESEYINGANE uNkk uThulisile Thokoane wayefisa ukuba wummeli noma isosha ngoba wayekholwa wukuthi yiyona ndlela yokusiza iNingizimu Afrika. Nokho ngesikhathi eba wusomabhizinisi nombhaki, uthole ukuthi uyakwazi ukusiza umphakathini ngokudayisa isinkwa nsuku zonke.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Encane uma kunohambo lwesikole. Kwakuba wuR2. Uma kube uR5 yayisuke iningi kakhulu. Ngiyakhumbula nje ukuthi uR10 ngawunikwa kanye ngifunda u-Grade 9 sihamba nesikole sengifunda amabanga aphezulu.
UKUQONGA kwamanani amafutha okupheka ngenxa yempi yase-Ukraine ngezinye zezinto ezithwalise kanzima abantu baseNingizimu Afrika. Nokho kukhona osomabhizinisi asebeqhamuke nesisombululo sokulekelela abathengi, ikakhulukazi basemalokishini.
UKUTHOLA ibhonasi yinto ejabulisa kakhu kanti yisikhathi sokuthakasela umvozo wokuzikhandla kwakho unyaka wonke. Ibhonasi futhi yithuba lokuthi sikwazi ukwenza ebesifisa ukukwenza okudinga imali. Uma sicabanga ukusebenzisa imali kumele sicabangisise.
IZINHLANGANO zamabhizinisi ahlelekile ziphokophele ukubona iNingizimu Afrika isebenza kahle. Uhulumeni uneqhaza elikhulu ekufezeni loko.
KULELI sonto ngithanda sibheke izindlela abantu abanganciphisa ngayo ukumosha imali ngoKhisimuzi noNcibijane.
UNGQONGQOSHE wokuThuthukisa uMphakathi, ezoLimo, ukuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya neMvelo eGauteng uNks uMbali Hlophe wethule amadela angomahambanendlwana ayishumi.
KUSUKELA ngoJanuwari iminyango kahulumeni izophoqeka ukufaka amabhizinisi amancane uma ikhipha amathenda. Kuzofanele ibhekele kakhulu abanikazi bezinkampani ezisafufusa abebencishwe amathuba.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngikhule ekhaya la imali yayibhekelela khona ukuthi kulale kudliwe qha. Okunye bekugcina. Ngisho kuhanjwa nesikole bengingena ngopotsho ebhasini, phambili ngidle (umphako wabanye).
BAQALE ibhizinisi labo ngonyaka odlule benamaphupho amakhulu okukhula. Amaphupho lawo abawabona esezofezeka njengoba besanda kudla umhlanganiso emklomelweni wosomabhizinisi abasafufusa ahlelwa yihhovisi likaMengameli iPresidential SMME Awards.
UKWEHLA kwamandla emali okuhambisana nokunyuka mawala kwemalimboleko ekubeni umnotho ungakhuli emhlabeni, ugesi ocikizelayo, imiphumela ehambisana nokufakwa kwi-grey list nokungakhuli komnotho waseNingizimu Afrika yizinto ezibeka imboni yezimali engozini enkulu ezweni.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.