Abalawuli bayayibambezela imboni yobuchwepheshe, kusho izikhulumi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE abalawuli bemboni yobuchwepheshe bashintshe indlela abenza ngayo izinto ukuze bayeke ukubambezela izinto ezintsha ezizothuthukisa imboni ne-Afrika.
Leli yikhwelo elihlatshwe yizikhulumi kwi-Africa Tech Festival ebiseCape Town International Convention Centre kusukela mhla ka-7 kuya mhla ka-10 Novemba 2022.
I-Africa Tech Festival yingqungquthela yaminyaka yonke ehlanganisa abaholi bezinkampani zobuchwepheshe emhlabeni. Lona wunyaka ka-25 yasungulwa kanti kungokokuqala kuhlangenwe bukhoma kusukela kwaba neCOVID-19.
UMnu u-Andile Ngcaba, umSunguli noSihlalo we-Convergence Partners Investments, uthe umsebenzi kahulumeni nezinhlangano okufanele zilawule imboni wukwelekelela.
Uthe: “Mhlawumbe kufanele sishintshe amagama abo singasho ukuthi abalawuli ngoba umuntu uyalilandela igama lakhe nokwenza bagxile ekulawuleni bangabe besabheka ukuthi kuyasiza yini. Mhlawumbe uma bebizwa ngelinye igama elizobe lihambisana nokusiza imboni ithuthuke bazokwenza loko.”
UNks uFunke Opeke, isiKhulu esiPhezulu seMain One, yaseNigeria, uthe ngenkathi ubuchwepheshe buqala bungenisa ekuqaleni kweminyaka yama-2000, ohulumeni babezimisele futhi benza konke okusemandleni ukukhulisa imboni nokuheha abatshalimali abaqhamuka kwamanye amazwe.
“Nokho ngeshwa ngokuqhubeka kwesikhathi imithetho ihlulekile ukuhambisana nezidingo zemboni. Mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe futhi kuyadingeka ukuzinikela kukahulumeni,” kusho yena.

Omunye okhale ngokubanjezelwa yimithetho yabalawuli wuMnu uSiyabonga Mahlangu, i-Group Executive: Regulatory Affairs and Government Relations eTelkom. Uthe ziningi izinto ezishintshayo embonini yabo njengoba zingasekho izinkampani ezigxile ekuhlinzekeni amakhasimende ngomsebenzi owodwa kuphela, nokusho ukusebenzisana kakhulu futhi nezimboni ezihlukene.

“Akukwazi ukuthatha izinyanga eziwu-18 kuya kweziwu-24 ukuphasisa isivumelwano sabantu abasuke befuna ukuhlangana noma kukhona ofuna ukuthenga omunye. Kufanele abashayimthetho basebenze masinyane kunaloko ngoba embonini yethu izinto zishintsha njalo.
Uthe: “Kudala thina (eTelkom) saqala ukuba yingxenye yoshintsho. Ngithi kwakuseminyakeni ewu-15 edlule ngesikhathi sizama ukuthenga iBCX kodwa iKhomishini yokuNcintisana ayikwazanga ukubuka izinto ngeso lokuthi imboni ibheke kuphi, yagxila kokwakwenzeka ngaleso sikhathi nokwasekwenzekile. Kufanele abalawuli bakwazi ukubuka izinto ngeso elibanzi futhi bacabange ingomuso.”
Lezi zikhulumi zibalisa ngabalawuli nje, enye yezinto eke yabanjezelwa abashayimthetho eNingizimu Afrika wukudayisa i-spectrum, okugcine kuthathe iminyaka ewu-14 ngaphambi kokuthi kuphothulwe. Sigcine sidayisiwe kulo nyaka ngoR14.4 billion kanti kulindeleke ukuthi silekelele ukunciphisa amanani e-data.