ABALAWULI bemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) baxwayisa abantu ukuthi baqaphele uma besebenzisana nenkampani iMiWay Team Mining abathi ihlinzeka ngosizo lwemali ingagunyaziwe. I-FSCA ithe ngokolwazi enalo iTeam Mining ithi isebenzisana ne-EasyEquities, inkampani esemthethweni nenegunya lokuhlinzeka ngemali kodwa okungelona iqiniso. I-FSCA igcizelele ukuthi iTeam Mining ayihlanganise lutho nenkampani yomshwalense iMiWay.

Share this now
You cannot copy content of this page