ABASIXOLELE OSIYAZI

Share this now

UMENGAMELI uThabo Mbeki uyokhunjulwa emlandweni waseNingizimu Afrika yentando yabantu njengomengameli owayekhuthele kodwa ikakhulu owaqhakambisa ubu-Afrika ekwenzeni izinto. Loku kwakumqoka.

Kepha futhi uyokhunjulwa njengomengameli okwabhubha izinkumbi zabantu ngenkathi ebambe amatomu ombuso bebhujiswa yisandulelangculazi. Kakade isiZulu sithi akunasoka lingenasici. Kuwona wonke umsebenzi omuhle uMbeki noNgqongqoshe wakhe wezeMpilo uDkt uManto Tshabalala-Msimang isici sabo esikhulu yindlela okwafa ngayo izinkumbi zabantu ngenxa yesandulelangculazi.

Ngenkathi yena, yena wansondo owafundela ezomnotho, nongqongqoshe wakhe, owayewudokotela wezempilo, befaka izipopolo indaba yokuthi izimpawu zokugula ziyasibanga yini isifo nokuthi abantu abangathembeli emishanguzweni kuphela kepha babheke izindlela zokwelapha zesiNtu (ugaligi, i-African potato no-beetroot) nokulwa impi yokuthi yimiphi imishanguzo elungele iNingizimu Afrika, kwabhubha abantu ababalelwa ku-330 000 (ngokwehealth-enews).

Nokuthi siyakhuluma sikhulumela abantu abanjengephini likangqongqoshe wezempilo (ngaleyo nkathi) uNozizwe Madlala-Routledge, umengameli wenhlangano ephikisayo Inkosi uMangosuthi Buthelezi nezifundiswa ezinjenge-microbiologist ne-immunogeneticist uSolwazi uMalegapuru Makgoba abaphumela obala baphikisa uMbeki, bathi akadedele imishanguzo ethithibalisa isandulelangculazi. 

Namuhla iningi lezakhamuzi zaseNingizimu Afrika liyavumelana ngokuthi imishanguzo yayihlenga impilo yabantu abaningi.

Asikho lapho-ke namhlanje. Lesi sahluko esingemnandi sisikhunjuzwa yimpicabadala yobhubhane iCOVID-19. Umphumela wayo ukhahlameze umnotho; kwawa kwaphinde kwasala izinkampani zitabalasa, izisebenzi zaphelelwa wumsebenzi, uhulumeni wathwala kanzima, kwabhuqabhuqeka izinkumbi zabantu.

I-COVID-19 iphundla abantu ngapha nangapha. Uhulumeni kaCyril Ramaphosa wenza izaba eziningi ukunqanda amanzi ukuthi angangeni endlini, okubalwa nemizamo yokuthola umgomo wegciwane. Yebo, kunepolitiki eningi ngemvelaphi, amanani, njalonjalo kwemigomo. Kufanele futhi ama-Afrika ayibuze yonke le mibuzo. Kepha futhi kumqoka ukuhlenga impilo yabantu.

Emizamweni yokusindisa abantu kuleli sonto umengameli, enkulumweni yakhe ngemigomo yokuvalwa kwezwe, umemezele uhlelo lokusabalalisa umgomo weCOVID-19. Isimemezelo belu usenza ngokulalela ongoti abanjengoDkt uZweli Mkhize, uSolwazi uSalim Abdool Karim nabanye, abaziwayo ngamava abo kwezokwelapha nokucwaninga ngamagciwane.

Nokho-ke kuyadumaza ukuzwa ukuthi ngalolu hlelo lomgomo sekunongoti bakuma-“Extra-Strong” abafafaza ukuthi lo mgomo uyicebo lokubhuqabhuqa ama-Afrika futhi uhambisana nomkhankaso wengqalasizinda ye-5G, okuyimpi ye-USA neChina. Lezi “zazi” zisabalalisa ama-video ezinkundleni zokuxhumana ngobufakazi betulo lokuqotha ama-Afrika. Isimanga njalo wukuthi labo“ngoti” basebenzisa ubuchwepheshe besimanje be-3G ne4G – lapho iNingizimu Afrika ikhona manje. Umbuzo osalayo uthi ngabe ubuchwepheshe besimanje obusetshenziswa wososayensi basehlathini abunabuthi yini.

Bakhuluma kanjena nje bashaya ngezitembu zomgomo ngasehlombe. Bagonyelwa uvendle, isimungumungwane nozagiga. Namhlanje umgomo sekungowokuqotha ama-Afrika!

Kweletulo lokuqotha ama-Afrika osiyazi abasho ukuthi wubani njengoba izinkampani ezinamahhovisi umhlaba wonke zizohweba nobani uma ziqotha ama-Afrika njengoba ngokwezinhlelo zokudlondloba zidinga izimakethe zase-Afrika.

Okunye abangakusho wukuthi ngale kokuthi oDkt uMkhize noSolwazi uKarim bahubhuza akaBhejane ngegciwane abalibona ngezipopolo, ngabe ososayensi bezobuchwepheshe bokuxhumana abanjengoSolwazi uTshilidzi Marwala nabo basifaka ehlathini yini.

Okuhle wukuthi uRamaphosa, osenyamana mbana ebantwini abaningi ngezizathu zombusazwe, uthe ukugoma akuphoqelekile. Ngakho siwuMbele sinxusa bonke abantu ukuthi basebenzise ilungelo labo ukuvuma noma ukwala umgomo kepha akungafakwa abantu ehlathini ngokubona itulo lapho lingekho khona.

Sinxusa abantu bangalesi sikhathi ukuthi bangangeni esahlukweni somlando njenga”babulali” besikhathi sikaMbeki.

You cannot copy content of this page