UMnu uTshepiso Manyoha noNksz uBoikano Sekwane, abanikazi beChuck Chilli yaseGoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Abawuvali umlomo abasizwe wumncintiswano wenkampani enkulu ukukhulisa ibhizinisi labo. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

YIZE bengadlanga umhlanganiso ohlelweni lokucija osomabhizinisi ngolwazi lokuphatha nokusimamisa amabhizinisi abo oluhlelwa yiFood Lover’s Market kodwa bathi ukuba kulona kwenze umehluko omkhulu ebhizinisini lokukhiqiza i-sauce.

UMnu uTshepiso Manyoha noNksz uBoikano Sekwane, abanikazi beChuck Chilli bakholwa wukuthi ukungenela i-The Seeds of Change Supplier Development Programme kulisize kakhulu ibhizinisi labo.

UNksz uSekwane uthi ngemva kokuba kulolu hlelo bathole ama-oda awu-12 000 ngaphezu kwawu-3 000 abavame ukuwathola. “I-Food Lover’s Market isisize kakhulu ngokudayisa amabhizinisi ethu kubatshalizimali abehlukene, yaphinde yasifundisa amacebo okwenza loko nokunye okuningi okusiza ukukhulisa ibhizinisi.”

Uthi waba nenhlanhla waqokwa ohlwini losomabhizinisi abawu-60 balolu hlelo olwenziwe ngobuchwepheshe besimanje isonto lonke, yena waba khona izinsuku ezimbili wenza nemincintiswano yosomabhizinisi ebiyingxenye yalo.

“Ngemva kwezinyanga ezimbalwa kudlule umncintiswano, iFood Lover’s Market yasifonela isazisa ukuthi izofaka umkhiqizo wethu ezitolo zayo ezingaphansi kohlelo lwe-Seeds of Change.

“Asinqobanga nokunqoba emncintiswaneni kodwa ithuba esilinikwe yiFood Lover’s Market lusisize kakhulu. Umkhiqizo wethu uqale ukutholakala ezitolo ngoNovemba ngonyaka odlule, loko kwayishintsha kakhulu inkampani yethu,” kusho uNksz uSekwane.

Umkhiqizo weChuck Chilli usulungele ukuthengwa

Ngenxa yokukhula kwebhizinisi iChuck Chilli isiqashe izisebenzi ezine ngokugcwele neziwu-12 eziyitoho.

Inhloko yakwandabazabantu eFood Lover’s Market uMnu u-Andrew Milson ithi lolu hlelo, nolusavulelekile kwabafuna ukufaka izicelo zokuba kulona, bahlose ngalo ukwenza umehluko emphakathini, bandise namathuba emisebenzi ezweni.

“Osomabhizinisi abasafufusa banenkinga yokuswela imakethe nezinto zokukhangisa amabhizinisi abo, ngakho sifuna ukubasiza bathole amakhasimende futhi sibacije nangolwazi oluzokwenza bakhule kwezamabhizinisi,” kusho uMilson.

Osomabhizinisi abafisa ukuba sohlelweni lweFood Lover’s Market, basengafaka izicelo zabo kwi-website yayo ngaphambi komhla ka-14 Mashi.

Facebook: Chuck Chilli

Instagram: chuckchillifood

You cannot copy content of this page