AMANDLA OMCWANINGIMABHUKU
NGAPHAMBI kwango-2018, besekwaphenduka ikhorasi ukuthi uma umCwaningimabhuku-Jikelele esechicilele umbiko wakhe kuyabaliswa futhi kugxekwe abantu abajutshwe ukugada imali kahulumeni ngokuthi uyabehlula umsebenzi.
Leli khorasi beliculwa kabili ngonyaka – uma kukhishwa umbiko wezifundazwe neminyango yezwe noma sekukhishwa umbiko womasipala.
Nakuba iminyaka ibisuke ishintshile nemali ithe ukuhluka kancane kodwa ingqikithi yale mibiko ibifana – imali kahulumeni ibisetshenziswa budedengu, ingalandelwa imithetho ebekiwe yokuthenga izimpahla, kuqashwa ongoti abazimele nalapho isidingo singekho khona, izisebenzi zikahulumeni bezithola izinkontileka zokuhlinzeka uhulumeni ngomsebenzi, nokuphambene nomthetho, nemibiko ibingahlanganiswa ngesikhathi nangendlela efanele.
Kusenjalo namanje kodwa ukhona umehluko njengoba sekuchitshiyelwe umthetho olawula ukucwaninga amabhuku, nokwenzeke ngo-2018.
Izolo sibike ukuthi la mandla engeziwe anikwe iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele asethela izithelo njengoba sekukhona omasipala asebesukumile balungisa izinto abebengazenzi kahle.
Kwabanye omasipala akubuyiswanga nje imali kahulumeni ebiphume kungafanele kodwa labo abakwenzile loko bathathelwe izinyathelo zomthetho kanti abanye baphelelwe wumsebenzi.
Kumanje kukhona omasipala abayisithupha iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele eseliphakamise ukuthi abaphenywe wuphiko oluphenya amacala athinta imali iFinancial Intelligence Centre. Kulabo masipala kunemali kahulumeni esetshenzisiwe kodwa akucaci ukuthi ishone kuphi kangangokuthi akwaziwa nokuthi yimalini ephumile ngenxa yokuthi abawagcini amarekhodi ngendlela efanele.
Ezinye zezinto ezibuthaka ngeNingizimu Afrika selokhu kwathatha uhulumeni wentando yabantu wukuthi imandla ekukhombeni ukuthi yini eyonakele. Kunemibiko yamakhomishini, kunezingqungquthela ezibanjwa mihla namalanga kubhungwa ngokuthi uhlelo lubhimba kuphi kodwa akukuningi okwenziwayo ukulungisa izinto.
Esinye isibonelo saloku nje okwenzeka emabhizinisini kahulumeni. Kwakuwu-2010 ngenkathi kuqokwa ikomidi elalithunywe ukuthi libuyekeze amabhizinisi kahulumeni, elaliholwa wuNkk uRiah Phiyega.
Ezinye zezinto ezashiwo ngaleso sikhathi wukuthi maningi kakhulu la mabhizinisi, ngakho leli komidi lalizobheka ukuthi awekho yini okufanele avalwe noma ahlanganiswe. Kepha nanamuhla iNingizimu Afrika isazama ukuxazulula izinkinga ezikhungethe amabhizinisi kahulumeni.
Yingakho-ke siwuMbele sikuncoma ukuthi iyabonakala imiphumela yamandla athe xaxa eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele. Abantu baseNingizimu Afrika abasadingi ukutshelwa ngezinkinga ababhekene nazo ngoba kade bazazi.
Kuyoba kuhle nezinye izinhlaka zikahulumeni zisike iphethini eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele.