AKULUNGISI UKUMBAMBATHA
OSOMABHIZINISI abazomelana nezinselelo ezidalwe yiCOVID-19 abebevele benza izinto kahle, behlonipha ibhizinisi futhi beyibuyisela inzuzo ekukhuliseni ibhizinisi ngesikhathi izinto zisahamba kahle.
Washo kanje eminyakeni emibili edlule uMnu uMax Mqadi weMax’s Lifestyle yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.
Loku ayekusho kuyiqiniso ngisho kukhulunywa ngokuphatha umnotho. Izinkinga zomnotho waseNingizimu Afrika ziningi futhi zijulile namhlanje ngoba sekumbondelana izinto esingenamandla okuzilawula eziqhamuke umnotho uvele ungaphethwe kahle.
Izwe lenzelwe phansi yinkohlakalo eyenziwa udede emabhizinisini kahulumeni nasembonini ezimele, kunyuswa imiholo ngaphezu kwaloku obekufanele, kwayekwa ezemfundo zabheda, nokwenze amanyuvesi aqhubeke akhiqize izifundiswa ezineziqu ezingasadingeki emnothweni futhi kwabanjelelwa kwinqubomgomo edlebelekise ukungalingani phakathi kwabacebile nabantulayo.
Manje sekunenselelo yokuthi izinto ezihluphayo yilezo ezingalawuleki, umnotho nekusasa lezwe kusemseni wabanye abantu. Kuthi kupheshwa ngapha, kuvuze kwenye indawo njengoba kubonakala ukulandelana kwezigameko zeCOVID-19, udlame olwaqubuka ngoJulayi wonyaka odlule, izikhukhula, ukuqonga kwamanani ezimpahla ngenxa yokubiza kukawoyela ngenxa yempi ephakathi kweRussia ne-Ukraine.
Kunemibiko ethi kunovalo lokuthi kunabantwana abazobhuqwa yindlala ngenxa yokubiza kokudla. Kunenqwaba yamabhizinisi asewile ngenxa yazo zonke lezi zimo futhi maningi namanye asengozini yokuwa.
Uphethroli usubiza ngaphezu kukaR20 ilitha, nokuthi umi lapha ukhona yingenxa yokungenelela kukahulumeni umise i-general fuel levy. Le ndlela imiNyango wezeziMali nalowo wokuMbiwa Phansi namaNdla eyenze ngayo iwuphungulile umthwalo futhi bekufanele kube khona uhulumeni akuzamayo.
Kepha iqiniso wukuthi lolu sizo lwesikhashana nalo kukhona lapho luwulimaza khona umnotho ngoba le ntela engasangeni kukhona okungasezukwenziwa futhi kukhona enye indlela okuzofanele uhulumeni ayithole ngayo. Akuwona amasentshana lawa uhulumeni owadedelile kodwa wuR4.5 billion.
Akekho owaziyo ukuthi izophela nini impi ephakathi kweRussia ne-Ukraine kanti ngisho ingaphela kusasa akusho ukuthi izinto zizovele zibuyele kokwejwayelekile kanjalo nje.
Loku kusho ukuthi cishe uhulumeni kusazofanele uqhubeke ngemva kwango-Agasti ukungenelela ngokumisa i-general fuel levy, okuyinto empeleni engathi shu ngoba kufana nokuqhumbuza ithumba kuphume ubomvu okwesikhashana kodwa liphinde limile ngoba awulikhamanga wakhipha nomnyombo walo.
Ngamanye amazwi kuyambambathwa nje kodwa lena yokumisa i-general fuel levy akusona isisombululo. Enye yezinto esekwaze kwafana neculo nje ukuyisho yindaba yokulungisa inkohlakalo ekwiRoad Accident Fund (iRAF), okungenye yezinto ezinesandla enanini likaphethroli.
Kumanje iRAF ihlulekile ukwethula umbiko wayo wezimali ePhalamende njengoba ungazange ucwaningwe yiHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele. Yiloku kuziphatha kanye kwabaphathiswa amabhizinisi kahulumeni okuphinde kuhluphe ezweni.
Akulungiswe umnyombo wezinkinga zomnotho ukuze izwe likwazi ukumelana nalezo elingenamandla okuzilawula.