Asiphaphame singabantu abamnyama, nanku umnotho uqhubeka nokusiphunyuka, kuloba uNtokozo Biyela

Share this now

KULELI sonto ngithanda sibheke udaba olubalulekile futhi olubucayi olumayelana nokuthengwa kwamabhilidi eThekwini.

Ngesonto elidlule ngivakashele abanye osomabhizinisi abancane abasebenzela enkabeni yeTheku. Ngishiye imoto kwenye indawo yokupaka izimoto, nganqamula idolobha ngifuna nje ukuhogela umoya weTheku kwazise kade ngagcina.

Cha, iTheku lisafana njengaloku ngaligcina. Kuyaphithizela, kukhala amahuthi, nabantu bayamemeza emigwaqweni. Kuyajabulisa loku ngoba kusho ukuthi abantu abahlala eThekwini sebeyakwazi ukuqhuba amabhizinisi abo njengenjwayelo. Sebeyakwazi ukwenza imali ngoba osomabhizinisi abancane enkabeni yedolobha namaphethelo abaphila ngokudayisa emigwaqweni yeTheku sebekwazi ukuziphilisa futhi bondle ngemali abayenzayo.

Baningi abantu abamnyama abaziphilisa ngokudayisa. Loku kusho ukuthi isizwe esinsundu sinawo umqondo wokudayisa, hhayi le nto evame ukushiwo ngathi ukuthi thina esikwaziyo kuphela wukuthenga kwezinye izizwe nje.

Naku nokho okungidumazile. Nanamhlanje isizwe sakithi sisele emsileni kwezamabhizinisi. Cha, siyadayisa impela singabantu abamnyama kodwa angikholwa wukuthi wonke lo mnotho esiwenza emigwaqweni udliwa yithina kuphela. Kuyacaca ukuthi kunamanembe ezinye izinhlanga kuzo zonke lezi zinto esizidayisa emgwaqweni.

Kuyacaca ukuthi empeleni noma sigcwele imigwaqo yamadolobha sidayisa kuze kushe iphimbo, asikakabi nawo amandla okuzimela; sisesemseni wezinye izinhlanga.

Okubuye kwangidumaza wukubona ukuthi inqwaba yamabhilidi asenkabeni yeTheku isezandleni zamaNdiya. Uma ngilinganisa asebethenge uhhafu wamabhilidi enkabeni yeTheku, iningi lawo aseguqulwe aba yizindawo zokuhlala, ibhizinisi eselichume kakhulu.

Abelungu abebephethe la mabhilidi bawadayisile bathutha amabhizinisi abo bawayisa koMhlanga nakoBallito, lapho sebeqale khona ukwakha kabusha. Ngike ngaya eBallito ngempelasonto. Ngikhexile ngibona intuthuko eyisivinini esimangalisayo khona.

Nakhu-ke okungiphatha kabi. Kanti thina singabantu abamnyama siyovuka nini emaqandeni siqonde ukuthi ukuthenga umhlaba nokuthenga amabhilidi yikona okubaluleke kunazo zonke izinto empilweni, ikakhulukazi ekubambeni umnotho?

Njengoba amaNdiya esengene shi ekuthengeni amabhilidi enkabeni yedolobha, kusho ukuthi sesiyoloku sikhothama kuwona size siyongena egodini sincenga indawo yokusebenza? Kuyoba yiso leso nasezinganeni zethu. Kanti thina sokhululeka nini, siyophaphama nini ngempela?

Okunye okubuhlungu wukuthi amanye amabhilidi asephethwe ngisho ngabantu abaqhamuka kwamanye amazwe, ikakhulukazi ePhoyinti. Ngike ngakhala kwenye ingosi ngodaba lokuthi kwezinye izimboni sekukhona bona.

Yini eyenza sivumele ezinye izizwe zidle ifa lezingane zethu kodwa thina siqhomoloze nje singayisukumeli le ndaba? Angisho ukuthi kufanele senze okwenziwa yi-Operation Dudula sibe nodlame. Akuyona indlela yokulungisa izinto leyo.

Lolu daba sekunesikhathi lushisa ibunzi eNingizimu Afrika njengoba uNgqongqoshe wezemiSebenzi uMnu uThulas Nxesi esanda kwethula umthetho wokulawula indlela okuqashwa ngayo abantu bakwamanye amazwe futhi abasezweni ngokusemthethweni. 

I-National Labour Migration Policy izonquma isibalo okungafanele kweqiwe kusona sokuqasha abantu abaqhamuka kwamanye amazwe embonini yezolimo, ezokuvakasha nezindawo zokudla, eyezokwakha nezinye. Kuzochitshiyelwa nomthetho olawula amabhizinisi amancane, iSmall Business Act ngenhloso yokulawula ukuthi yiziphi izimboni abokufika abavumeleke ukusungula amabhizinisi kuzo.  

Asithembe ukuthi loku kuzosiza ukulungisa izinto.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

You cannot copy content of this page