ASIQALE KABUSHA

Share this now

NGABE baningi abantu abasizakele emalini ebekelwe ukulwa nomphumela omubi weCOVID-19 ukube indlela okwenziwa ngayo eminyangweni kahulumeni ihlelekile futhi yenziwa ngesinono.

Futhi ukube ezobuchwepheshe eminyangweni ziyashesha, zisebenza ngendlela eyiyo, iminyango iphakelana ngolwazi; ngabe ayikho intuba yokuhlomulisa abantu okungafanele njengoba kwenzekile ngemali kapoyinandi nezinye izabelo ezikhishwa wuhulumeni.

Lilonke yilokhu okushiwo wuMcwaningimabhuku-Jikelele uNksz Tsakani Maluleke ngenkathi ethula umbiko wesibili obucwaninga ukuthi isetshenziswe kanjani imali eyabelwe ukulekelela abakhahlanyezwe wubhubhane, olwaqala ngoMashi.

UNksz uMaluleke uthe nakuba ukhona umehluko omncane uma beqhathanisa nangenkathi bethula umbiko wokuqala ngoSepthemba kodwa njengezwe besingenza kangcono kunendlela okwenzeka ngayo njengamanje.

Bekungeke-ke kuse izinto sezenziwe ngendlela elungile ngoba nakhu sekunobhubhane ezweni, lena yinto edinga ukuthi yenziwe kungonakele lutho zonke izinsuku uma kuqhutshwa umsebenzi eminyangweni kahulumeni. 

Loku esikubonayo ngalo mbiko, kuwumphumela wokuthi minyaka yonke ihhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele liye lizibalule izinto eziphambene ezenziwayo ngendlela imali ephathwa ngayo kodwa kube khona abaphikelelayo baphule imithetho.

Nakuba kuncomeka ukuthi kubuyiselwe esikhwameni sikapoyinandi uR3.4 billion obukhokhelwe abantu kungafanele kodwa usemkhulu umsebenzi wokukhuculula okusafanele wenzeke. 

Ukukhwabanisa imali yeCOVID-19 kufana nokweba imali yesoso njengoba abantu befa ngapha nangapha. Loku kukhombisa nokuthi abanye babantu abasebenzela uhulumeni abananembeza futhi abayihloniphi imisebenzi yabo.

UNksz uMaluleke uthe asisebenzise esikufundile ngalesi sikhathi ukulungisa lapho kuxega khona futhi siphucule ezobuchwepheshe eminyangweni kahulumeni.

Njengoba sekukwazile ukuthi kubuyiselwe imali emuva, kukhona nabathathelwa izinyathelo, makube yisiqalo sokwenza kabusha lokhu ngoba sesiphelile isikhathi sokuthi kulokhu kubatshazwa njalo uma uMcwaningimabhuku-Jikelele ekhipha umbiko.

You cannot copy content of this page