ASIZINUKE AMAKHWAPHA

Share this now

IMBONI yotshwala isiqalile ukunxenxa uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi abuyekeze isinqumo sakhe sokuvala ukudayiswa kotshwala uma usudlulile uJanuwari 15 ngemva kokuthi izwe libuyiselwe esigabeni sesithathu sokuvalwa kwezwe kuze kube yilolu suku.

Izinhlangano ezehlukene ezimele izinkampani ezikulo mkhakha, okubalwa kuzona iCraft Brewers Association of South Africa, zizikhalele kuRamaphosa zathi ukuvalwa kwezinkamba zikaFaro kubeka engcupheni imisebenzi njengoba bezivele zisazikhotha amanxeba okuvalwa kwezwe okwenzeka ngonyaka odlule.

Kuyiqiniso okushiwo abale mboni ngengozi yokuphela kwemisebenzi. Ukuvalwa kotshwala kuthinta izitolo, amathaveni, izindawo zokudlela nezinye izimboni eziningi.

Utshwala buvalwe sekusele izinsuku ezimbalwa kuhlukaniswe unyaka, nokulahlekisele bonke ababudayisayo izizumbulu zemali ngoba abantu bayabubutha utshwala ngalesi sikhathi; njengoba besuke bebhiyozela ukuphela konyaka.

Omunye umphumela omubi waloku usazobonakala namhlazane kubikwa ngentela eqoqiwe ezweni ngoba nalapho izoncipha intela ebizokhokhwa yilezi zinkampani. Ngonyaka odlule intela eqoqiwe ibe ngaphansi ngoR300 billion kulena eyayilindelekile; ukuvalwa kwezwe kwaba nesandla esikhulu kuloku.

Akungatshazwa futhi ukuthi sisazobona kuqhubeka ukuncipha kwemisebenzi. Kodwa-ke ngoba asilaleli singabantu baseNingizimu Afrika, ayikho into uhulumeni angayenza ngoba ukuyekelela abantu babhuqwabhuqwe yiCOVID-19 akusiso isisombululo.

Kuyishwa ukuthi abantu badinga ukuthi bavalelwe futhi kubekwe engcupheni imisebenzi ukuze basiqonde isimo esibhekene naso ukuthi sinzima kangakanani.

Yebo, uhulumeni unawo amaphutha awenzile futhi cishe ubengayihlelela kangcono indaba yomgomo wokuvikela lesi sifo kodwa iqiniso wukuthi uzamile ukwenza into ezosiza wonke umuntu, ivikele abantu kanjalo nomnotho wezwe.

Kodwa kunokuthi sibambisane nohulumeni ngokuqhubeka nokulandela imigomo yokufaka izifonyo, singasondelani, sigeze izandla futhi singaphuzisani futhi singashiyelani “is’kefu”, thina sivele sakushaya indiva konke loko; kwangathi kukhona othe ayisekho iCOVID-19 eNingizimu Afrika.

Sivele sasangana, senza imicimbi ngapha nangapha, sahambela imingcwabo ngendlela ebesenza ngayo lesi sifo singakahlaseli, sagijimela emasontweni, sakhohlwa yizifonyo nokugeza izandla.

Akekho futhi ongcono, abancane, abadala, abafundile, abangafundile, abasemadolobheni, abasemakhaya; sonke besizenzela ukuthanda kwethu.

Zolo loku umhlaba ubusishayela izandla ngokuthi senze kangcono kakhulu kunamazwe amaningi ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo kodwa namhlanje sekunabantu abangaphezu kuka-1.1 million abathelelekile nabawu-30 524 abafile kanti izibhedlela zigcwele ziyasisitheka.

Singabantu baseNingizimu Afrika ake sizinuke amakhwapha, sikhumbule ukuthi ngeke sakwazi ukuphila ngokuthi izwe lihlale livaliwe. Kusezandleni zethu ukukhetha ukuphila nokufa.

You cannot copy content of this page