Akuphuthunyiswe izinhlelo zokuphucula ezokuxhumana ezweni, kuloba uNtokozo Biyela

Share this now

KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuxhumana kangcono eNingizimu Afrika ngobuchwepheshe. Emhlabeni wonke amazwe athuthukayo kwezomnotho axhumana kangcono.

Yini eyenza loko na? Uma ubhekisisa kuyacaca ukuthi ubuchwepheshe kwezokuxhumana benza impilo ibe lula. Uzokhumbula mfundi wale ngosi ukuthi loku kwahlala obala ngesikhathi umhlaba wonke uvaliwe ngenxa ye-COVID-19. Ubuchwepheshe babaneqhaza elikhulu.

Ziningi izindawo lapha eNingizimu Afrika ezingakwazi ukuxhumana kahle ngobuchwepheshe, okwenza ngisho ukuthola ulwazi kwabahlala kulezozindawo lukhuni. Maningi amabhizinisi angabe enza kangcono kunaloku ayiko ukube ezokuxhumana zinhle ezindaweni zawo.

Uma ucabanga nje uyabona ukuthi kungaba lula ukuhweba nokusebenzisa amabhange. Ukufinyelela emakhasimendeni kungaba lula nokukhangisa ezinkundlelni zokuxhumana. Maningi amanye amabhizinisi angavuka ngenxa yokuthi sekulula ukusebenzisa ezobuchephweshe. Ngicabanga ukuthi ngisho nezemfundo zingathuthuka kakhulu, baningi abafundi ezweni abangakwazi ukufunda besebenzisa ubuchwepheshe.

Ngiye ngidabuke njalo uma ngibona izingane zethu ziqiqingana nemithwalo sengathi ziyemuka uma ziya ezikoleni. Ngizibuze ukuthi empeleni siphi isidingo sokuthi izingane zize ziphuke amaqolo zibe zifuna imfundo bubebukhona ubuchwepheshe obungenza yonke lento ibe lula? Izingane kungadingeka nje ukuthi ziphathe i-tablet ezizoyisebenzisa ngoba zizothola zonke izincwadi zezifundo ezizozifunda tablet.

Ngiye ngizibuze futhi ukuthi siphi isidingo sokufundisa izingane zakuleminyaka ukubhala? Kukangaki nje osukwini nawe mfundi wale ngosi uzithola kufanele usebenzise ipeni ukuze ubhale izinto ezithile? Uma kwenzeka isikhathi esiningi yingoba izinto vele okufanele sengabe kudala zafakwa kwezobuchwepheshe kodwa ngenxa yokuphikelela kwethu namanje sisafuna kusetshenziswe ipeni ukubhala.

Kuyathokozisa-ke ukuzwa ukuthi enye yezinkampani ezihamba phambili kwezokuxhumana ithi izofaka imali enkulu ukusabalalisa ezokuxhumana kulo lonke leli zwe ifinyelele ngisho emakhaya, lapho bengenazo ezokuxhumana ezisezingeni eliphezulu. Loku kusho ukuthi maningi amathuba okuthi amabhizinisi asemakhaya asimame. Kusho futhi ukuthi baningi abantu asebezokwazi ukuba yingxenye yalo mnotho wakuleli zwe ngenxa yokuthi sebezokwazi ngisho ukuhweba namazwe aphesheya ngisho bekoNquthu.

Ukusimama kobuchwepheshe kuyosiza abasemakhaya abanekhono lokuthunga imihlobiso abayidayisa emigwaqweni ukuthi sebengakwazi ngisho ukudayisela abantu bakwamanye amazwe. Abasadingi manje ukuthi lezi zinto zithengwe ngenani eliphansi abelungu bazithathe ziye edolobheni, bese bona bezithengisela abantu bakwamanye amazwe ngamanani aphezulu kodwa omama bebebengatholi lutho olutheni ngemisebenzi yabo yezandla.

Kusho futhi ukuthi ngisho kwabona omama basemakhaya bangakwazi ukwenza izinkundla zokuxhumana lapho bezoxhumana khona bebodwa bacobelelane ngolwazi kwezamabhizinisi. Okunye kusho ukuthi kungabalula manje ukusiza abantu basemakhaya ngezinsiza zezamabhizinisi ngaphandle kokuthi kube ibona abasuka emakhaya bagibele beze emadolobheni ngenxa yokuswela ulwazi.

Ngiyathemba ukuthi loluhlelo abeza nalo abezokuxhumana luzosheshe lusatshalaliswe ezindaweni zasemakhaya eNingizimu Afrika.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela 

You cannot copy content of this page