Bangenise okumfula ugeleza abathungela abantu abafisa ukukhangisa izinkampani zabo. Omunye wabo uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UGXUME wahlala uma ethola ithuba lokukhulisa ibhizinisi lakhe elithungela izikole, amaqembu epolitiki, abasebenza ezibhedlela nosomabhizinisi abafisa ukukhangisa amabhizinisi abo.
UMnu uPhilani Zondi, odabuka eNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal, usungule iPSAM Printings ezinze eThekwini, eKZN, ngo-2020.
Ngonyaka odlule iDurban University of Technology (iDUT) igqugquzele izitshudeni ezinamabhizinisi ukuthi zifake izicelo zokuxhaswa. I-Innobiz DUT ixhase iPSAM ngemali, imishini yothunga nokugaya iphepha, izeluleko zokuphatha ibhizinisi, yayilekelela ngokubhalisa ibhizinisi. Kuyisizile ukufundela ukuthunga ngoba yisona sizathu esenza ukuthi ikwazi ukuvula leli bhizinisi.
UNksz u-Akhona Nkosi, owumqondisi wePSAM, uthi sekuke kwanzima ebhizinisi kangangokuthi bake bacabanga nokulivala ngenxa yokungabi namakhasimende. Kwathi kusenjalo bathola umyalezo wokuthi ezinye zezikole eThekwini zicela bazithungele imifaniswano yesikole, nokuyilapho bathola khona umdlandla wokuqhubeka nebhizinisi.

Nezikhukhula zango-Ephreli noMeyi nazo zibenzele phansi zacekele phansi imishini yabo. “Ukuba nomshwalense wamabhizinisi kusilekelele ngoba ukwazile ukusikhokhela okuningi okwashabalala,” kusho yena.
I-PSAM Printings, esanda kuhambela umbukiso wamabhizinisi iDurban Business Fair, isisimeme kangangokuthi isiqashe abathathu.
“Njengoba (besikwiDBF besikhangisa) ngezimpahla esizithungile, senzela abantu bakwazi ukubona umsebenzi wethu, bawuthande batshele abanye ngathi. Mhlawumbe singathola abazothenga noma abazofisa sibathungele,” kusho uNksz uNkosi.
Isifiso sabo wukuthi iPSAM Printings idlondlobale igcine isithungela izikole zaseNingizimu Afrika nokwandisa isibalo sabantu ebaqashile.