UMnu uMpho Makwana uqokwe wawusihlalo webhodi entsha ye-Eskom

Izithombe: wuGoogle

‘Banamava abasebhodini entsha ye-Eskom kodwa….’ uSLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

AMALUNGU ebhodi entsha ezokwengamela i-Eskom anamava nesithunzi futhi kuxutshwe kahle abantu abanamakhono ahlukene. Loko kukodwa akusho ukuthi bazophumelela ukulekelela ukuguqula izinto kule nkampani kagesi ethwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika.

Zisho kanje izingqapheli ziphawula ngebhodi entsha emenyezelwe wuNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan ngesonto elidlule.

Ememezela le bhodi, uGordhan uthe izoholwa wuMnu uMpho Makwana ozoba wusihlalo. UMakwana wake waba yilungu yebhodi ye-Eskom. Abanye abaqokiwe ngoDkt uBusisiwe Vilakazi, uMnu uLwazi Goqwana, uMnu uClive Le Roux, uMnu uLeslie Mkhabela, uMnu uMteto Nyati, uNks uFathima Gany, uNks u-Ayanda Mafuleka, uDkt uTsakani Mthombeni, uDkt uClaudelle von Eck, uNks uTryphosa Ramano noMnu uBheki Ntshalintshali.

UMnu Nyati ngomunye wabaholi abahlonishwayo bebhodi entsha ye-Eskom

Ukucima kukagesi kuyabhebhetheka, kunokuthi kube ngcono kanti besekunesikhathi kukhalwa ngebhodi endala abanye abebelibuka ngokuthi alenzi lutho olutheni ukulungisa isimo. Abanye bayakhala nangezikhulu ze-Eskom, ikakhulukazi isikhulu esiphezulu uMnu u-Andrè de Ruyter abathi kufanele axoshwe.

Ungoti wezokuphatha amabhizinisi uNksz uDudu Msomi noyisikhulu esiphezulu seBusara Leadership Partners uthi umsebenzi webhodi ukwengamela okwenziwa yizikhulu zenkampani.

Uthi nakuba ithimba elihlanganisiwe kungabantu okungangatshazwa amava abo kodwa izinto zihlukile emabhizinisini kahulumeni. “Into ethi ayibe lukhuni emabhizinisini kahulumeni (eyokuthi) isikhulu esiphezulu siqokwa wungqongqoshe, ngakho kukhona ukubukeleka phansi kwebhodi futhi akubukeki kahle uma sikhuluma ngemigomo yokuphatha kahle izinkampani okufanele ilandelwe. Izikhulu zalezi zinkampani zixhumana kakhulu nohulumeni ngenxa yeminyango kahulumeni.

“Kuyathembisa uma sibheka abantu abaqokiwe nendlela abaxutshwe ngayo kodwa njengoba kade besho nabanye abake baphatha e-Eskom, ekugcineni kuya ngokuthi yini eyenzekayo enkampanini uqobo. Njengamanje kuthiwa isikhulu esiphezulu asikaze sicacise kahle ukuthi luthini uhlelo ngokuyingqikithi yomsebenzi e-Eskom – ukuphehla ugesi,” kusho yena.

UDkt uTsakani Mthombeni yilungu elisha lebhodi ye-Eskom

Ukucima kukagesi eNingizimu Afrika kwaqala ngo-2008 kanti eminye imizamo eyenziwa ukulungisa le nkinga wukwakhiwa kweziteshi zikagesi ezintsha iKusile neMedupi. Kepha kuze kube manje lezi ziteshi azisebenzi kahle, kunaloko le nkampani isele nenkebenkebe yesikweletu esicela kuR400 billion.

Imizamo yokwandisa abaphehli bakagesi abazimele nabazophehla ugesi ovuselelekayo ayikabiphi njengoba lezi zinhlelo zibambezeleka futhi kuzothatha okungenani iminyaka emibili ngaphambi kokuthi kube khona into ephathekayo. 

USolwazi uBonke Dumisa, usomnotho ozimele, uncome abantu abaqokiwe njengoba ethe akekho kubona oyinkonyane ethuka isisinga.

“Ebhodini (le-Eskom) awukwazi ukufaka abantu okuwukuthi bazofundela khona ukuthi kwenziwa njani uma uhlala ebhodini. Bonke laba bantu banesipiliyoni. Ngeke sikubalekele ukuthi imfundo nayo ibalulekile kodwa loko kukodwa akwanele, uyabadinga nabantu abawuqonda kahle umnotho waseNingizimu Afrika futhi abakwazi ukubuka izinto ngeso elibanzi.

“Angifuni ukungena endabeni yesikhulu esiphezulu kodwa enye inkinga ebhekene ne-Eskom ngabantu abangafuni ukukhokhela ugesi njengabantu abahamba ngezingqovungqovu zezimoto kodwa abathi abantu baseSoweto abavunyelwe ukuthi bakhokhele ugesi uR100. Kukhona amabhunu ahlakanipha agijima asayina izinkontileka ezingapheli. Kade kwakushintshwa izikhulu eziphezulu e-Eskom kodwa kungasizi futhi sekuke kwaqokwa abantu abayaziyo into abayenzayo njengoPhakamani Hadebe kodwa abahlalanga sikhathi esitheni,” kusho uSolwazi uDumisa.

UMnu uNhlanhla Ngubane, isikhulu esiphezulu seNETASQ Surveillance, ubancomile abaqokiwe kodwa wakhala ngendlela uGordhan enze ngayo njengoba ethe alucacile uhlelo alulandelile ukuhlanganisa le bhodi entsha.

“Sengathi uvele wavuka ekuseni wathi ngiyabathanda laba, ngakho ngizobaqoka. Kufanele sikhumbule ukuthi siphuma esikhathini lapho kade kugwamandwe khona amandla ombuso, kungalandelwa izinto ezifanele ngokuphatha izinkampani. Kukhona izinto esithenjiswe zona ukuthi zizokwenziwa ngendlela ehlukile.

“Angibasoli abaqokiwe; abantu abanamava futhi abaphathe kahle izinkampani njengoNyati kodwa kukhona abanye abantu engingenasiqiniseko sokuthi bazokwazi yini ukusebenza ngokuzimela njengoMafuleka, isikhulu esiphezulu seFASSET esebenza neSeta,” kukhala uNgubane.

You cannot copy content of this page