Banxusa uRamaphosa ukuthi abe nomgogodla kanti abanye bathi abanathemba elitheni ebuholini obusha. USLINDILE KHANYILE uyabika

INHLANGANO yosomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) ihalalisele ubuholi obusha benhlangano ephethe izwe i-ANC, yathi kuyancomeka kakhulu ukubona isibalo sabantu besifazane abakhethiwe.
Nokho osomabhizinisi abancane nosomnotho bathi akukho okutheni abakubhekile kwabakhethiwe.
NgoMsombuluko uMengameli uCyril Ramaphosa uphinde waqokwa ukuthi abe wumengameli we-ANC okhethweni lwengqungquthela yokukhetha abaholi esongwe eNasrec, eGoli, eGauteng, ngoLwesibili. Uhlule owayewuNgqongqoshe wezeMpilo uDkt uZweli Mkhize.
Iphini likaRamaphosa kube wuMnu uPaul Mashatile kanti kwesikasihlalo kubuyiselwe uMnu uGwede Mantashe owuNgqongqoshe wokuMbiwa Phansi namaNdla.Â
Unobhala-jikelele omusha uMnu uFikile Mbalula, kuthi amaphini akhe wuNkk uNomvula Mokonyane noNks uMaropene Ramokgopa kanti umgcinimafa-jikelele wuDkt uGwen Ramokgopa.
Isikhulu esiphezulu seBBC uMnu uKganki Matabane sithe: “Isibalo sabantu besifazane abaqokelwe obuholini obuphezulu siyathokozisa. Izinkampani zaseNingizimu Afrika kufanele zifunde kuloku. I-BBC icela ubuholi obusha bungapholisi maseko buqhubeke nomsebenzi. Izwe liyabhubha, isikhathi sokukhuluma siphelile.”

Umbiko ohlaziya ukuthi izinkampani ezihweba eJohannesburg Stock Exchange (iJSE) ziqhuba kanjani ngokunikeza abantu besifazane amathuba i-Status of Gender on JSE-Listed Boards Report, oshicilelwe ngenyanga edlule, uthe zingaphansi kuka-10% izinkampani ezinamabhodi anesibalo esilinganayo sabesifazane nabesilisa. Uthe eziwu-32 azinabo nhlobo abesifazane emabhodini azo.
Umbiko wengeza ngokuthi ezinkampanini eziwu-195 ezishintshe abaqondisi bamabhodi ngo-2020, eziwu-51 kuzo zihlehlele emuva.
UMatabane unxuse uRamaphosa ukuthi abe nomgogodla ekuthatheni izinqumo ezizoxazulula inkinga kagesi, ukukhulisa umnotho, ukuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu, ukweseka amabhizinisi asafufusa, ukuphucula impilo yabantu, inkohlakalo, ubugebengu nezinye izinto eziphazamisa ukuvuselela umnotho.
“Umthetho wokufukula amabhizinisi amnyama (iBBBEE Act) uzoba neminyaka ewu-20 ngo-2023. I-BBC izosebenzisana nenhlangano ephethe nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi umthetho usebenza kahle ukuze isibalo sabantu abamnyama abanamabhizinisi sizosuka kulesi esingaphansi kuka-5% njengamanje, sikhuphukele kwesingaphezu kuka-50%. Loku kubandakanya nokuqinisekisa ukuthi lo-40% obekelwe ukuthi kuthengwe emabhizinisini aphethwe ngabantu besifazane uba semthethweni futhi uyafakwa kwiPublic Procurement Bill,” kusho yena.Â
UMatabane uthe bazocela umhlangano ophuthumayo nabaholi abasha be-ANC.
Umengameli weSMME Forum uMnu uTebogo Khaas uthe abalindele lutho olutheni ebuholini obusha bukaKhongolose.
“Uma ngibheka umbiko owethulwa umengameli ngesikhathi evula ingqungquthela, anginathemba elitheni. Embikweni wakhe wayesakhuluma ngokususa izinto eziphazamisa osomabhizinisi abancane, into osekuyiminyaka ikhulunywa. Eminyakeni emibili ezayo i-ANC izobe igxile ekuzameni ukuwina ukhetho, akukho okuzoshintsha,” kusho yena.
Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uhambe emazwini kaKhaas. Uthe ayikho into etheni okufanele ilindelwe obuholini obusha. “Namhlanje iyaphela le ngqungquthela kodwa akukaze nakancane kubhungwe ngemigomo yomnotho, azikho izinto ezintsha okuqhanyukwa nazo. Yebo ngoJulayi kwakuyingqungquthela yemigomo kodwa ngokwazi kwami kufanele le ngqungquthela kube iyona eshayelela isipikili kuleyo migomo.”
UGqubule uthe mhlawumbe ushintsho luyoze lubonakale ngo-2024, kuye nokuthi umphumela wokhetho uyobe uthini.