UNksz uMbali Msweli noNksz uNkosingiphile Mbatha abasunguli bemikhiqizo ye-African Butter Essentials

Izithombe: Zithunyelwe

Baqala bezithakele izimonyo, bagcina sebethakela abanye nokwatshala umqondo wokusungula ibhizinisi. UZIMBILI VILAKAZI uxoxe noyedwa

Share this now

IZINKINGA zesikhumba ababenazo zaholela ekusungulweni kwebhizinisi labo lezimonyo zomzimba elikhula ngesivinini.

Usho kanje uNksz uNkosingiphile Mbatha, obambisene noNksz uMbali Msweli ebhizinisini lezimonyo i-African Butter Essentials.

Laba bangani, bobabili abaneminyaka ewu-30,  batholana eMangosuthu University of Technology lapho ababenza khona izifundo zobunjiniyela. Ibhizinisi baliqale ngo-2016, bedayisela izihlobo nabangani.

UNksz uMbatha uthi umphakathi baqale ukuwudayisela ngo-2018 emva kokuzigculisa kusukela ngo-2013 ukuthi ngempela imikhiqizo yabo iyasebenza.

“Uthando lwethu lokusungula izimonyo lwaqala emva kokuthi sibona ukuthi sobabili sinezinkinga zesikhumba. Besiye siyalelwe abantu abahlukene, okubalwa nodokotela, ebesibahamba ukuthi asisebenzise izinto ezithile ezizosisiza. Emva kwesikhathi eside sihlanganisa izinto ezahlukene ebesiziyalelwa abantu, sazibuza ukuthi kungani le nto singayiphenduli ibe yibhizinisi ngoba sebekhona vele abeza kithina bezocela ukuthi sibahlanganisele loku okusisizayo nathi,” kulanda yena.

Ibhizinisi labo lizinze Esikhawini, enyakatho yekwaZulu-Natali, kanti abathengi bemikhiqizo yabo baseNingizimu Afrika yonke nasemazweni angomakhelwane okubalwa kuwona iSwatini neNamibia.

Ezindaweni ezikude bathembela ezinkampanini ezithumela izimpahla, abaseduze bafika mathupha bezozithengela bese kuthi abadayisa emazweni angomakhelwane bayazilandela isitokwe abazosidayisa emazweni abo.

Uthi ayikho into ebanika ugqozi njengokuthola imiyalezo emnandi yamakhasimende abo.

“Ukubona amakhasimende ethu ejabulile nokuwabona esizakala … Sibona abantu bebuyelwa wukuzethemba ngenxa yemikhiqizo yethu. Ukuthola imiyalezo evela emakhasimendeni athokozile kusinika umfutho wokuthi siqhubeke sisebenze ngokuzikhandla,” kusho uNksz uMbatha.

Okunye okubagqugquzela kakhulu wukuzwa abantu abathenga kubona ngesibalo esithe xaxa ukuze nabo bazidayisele ngokwabo bebuya bezosho ukuthi ukudayisa le mikhiqizo sekubasize ukuthi bakwazi ukuyisa ibhodwe eziko.

Ngenxa yokukhula kwemakethe sebenezisebenzi eziyisihlanu ezibalekelela ukuhlanganisa umkhiqizo kanti basanda kunezelela eminye imikhiqizo eyisihlanu okuyiDaily Facial Moisturizer, Double Action Exfoliating Mask, Purifying Facial Cleanser, Salt Body Scrub neMoisturizing Body Lotion.

Imikhiqizo yokunakekela isikhumba ye-African Butter

“Le mikhiqizo siyengeze emva kokucelwa yiwona amakhasimende ukuthi sifake imikhiqizo ephelele yomzimba. Abaningi bebekhala ngokuthi bafuna ukusebenzisa imikhiqizo yakwa-African Butter kuphela ngisho noma begeza imbala,” kusho yena.

Ngezinselelo ababhekane nazo, uthe babengenayo imali eyanele ukuqala ibhizinisi nokuthi bazithole belahlekelwa yimikhiqizo uma beyithumela emakhasimendeni akude.

“Loko kusifundise izinto eziningi, kwasivula namehlo ukuthi sijoyine imishwalense yezimpahla ukuze uma kuphinde kulahleka imikhiqizo, sazi ukuthi ibhizinisi alizukuthinteka. Kwasithatha ukuthi silahlekelwe yimikhiqizo yenani elilinganiselwa kuR20 000 ukuthi sivuleke amehlo mayelana nokubaluleka kokutholela ibhizinisi lethu umshwalense. Kuba njalo kwesinye isikhathi, ufunda emaphutheni enzeka ngesikhathi ukhula ebhizinisini,” kuchaza uNksz uMbatha.

Uthe nelabo ibhizinisi alisalanga ngaphandle emabhizinisini ashayekile ngenxa yeCOVID-19.

“Kube nzima kakhulu. Nakuba sikwazile ukuphila kodwa sisalulama emonakalweni (odalwe) iCOVID-19, ikakhulukazi imibandela yokuvalwa kwezwe. Kwakunzima ukuthumela imikhiqizo ebantwini ngoba izinkampani eziningi ezithumela izimpahla zazingasebenzi. Okunye obekwenza kungahambi kahle wukuthi abantu esisebenza nabo kakhulu yilaba abathenga ngesibalo esikhulu ukuze nabo bazidayisele. Njengoba imibandela yokuvalwa kwezwe ibingabavumeli ukuthi baphume bayodayisa, loko bekwenza ukuthi nabo bangathengi isitokwe; ngakho-ke ukudayisa kuthintekile ngempela kodwa isimo sesingcono kakhulu manje,” kuqhuba yena.

Bamatasa banezelela eminye imikhiqizo ngaphezu kwale asebenayo, ukuhlanganisa ukusebenzisana phakathi kwabo noClicks nokuthola imigudu efanele ukuze bakwazi ukuthumela imikhiqizo yabo emazweni ahlukene.

Ugqugquzele intsha enesifiso sokungena emkhakheni wezamabhizinisi ukuthi isinyathelo sokuqala okufanele ukuthi isithathe ukuqala.

“Into ebalulekile wukuthi uqale. Qala, emva kwaloko uzocathula ngendlela,” kweluleka uNksz uMbatha.

Instagram:@africanbutteress

You cannot copy content of this page