UMnu uTshokolo Nong, umphathi weNont Legal yaseGoli, eGauteng

Isithombe: Sithunyelwe

Basebenzisa umthetho ukukhulisa amabhizinisi asafufusa. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UKUBONA izinkampani abaqale ukuzisiza zikhula ekubeni inkampani ephethwe umuntu oyedwa, zigcine seziqashe abanye abantu futhi zinabele nakwezinye izindawo yiyonanto ebajabulisa ukudlula imali abayenza ngebhizinisi labo.

UMnu uTshokolo Nong, umphathi weNont Legal, inkampani yabameli egxile ekusizeni osomabhizinisi abasafufusa ngezidingo zomthetho ezihlukene.

Uthi imvamisa baqala ukusebenza nezinkampani okuwukuthi yonke into isuke isathembele kumnikazi wenkampani. “Ziningi izinto ezikhubaza izinkampani ezisafufusa njengokugcina imithetho ethile, ukubhala kahle izinkontileka, izivumelwano phakathi kwabanamasheya enkampanini, izindaba zentela nokunye. Enye yezinto esiziphokophelayo wukusiza izinkampani ukuthi ziyeke ukuba yizinkampani okuwukuthi ukusebenza kwayo kuncike kumnikazi wenkampani.

“Uma umuntu ebheka emuva ebona ezinye zezinkampani esiqale nazo sekuyizinkampani esezikhulile zaqasha abantu futhi sezinamagatsha nakwezinye izindawo ezweni, loko kuyasijabulisa kakhulu ngoba kusho ukuthi sibe nesandla ekukhuleni komnotho,” kusho yena.

INont Legal ikomkhulu layo liseGoli, eGauteng, kodwa isinegatsha eThekwini, KwaZulu-Natali. Ineminyaka ewu-12 yasungulwa. Iqashe abantu abane kanti iphinde isebenzisane nezitshudeni ezifundela iziqu zomthetho ukuze zithole isipiliyoni.

Enye yezinselelo ebhekana nosomabhizinisi abasafufusa wukungabi nayo kahle imali njengoba umsebenzi usuke ucikizela ngasekuqaleni kanti nalapho usuke usuvuthiwe khona babuye bahlushwe wukungakhokhelwa ngesikhathi. Loku kwenza bakuhlehlise ukwenza ezinye izinto njengokuba nabameli.

“Yinto esiyaziyo leyo kodwa enye yezinto esiyenzayo wukuthi sawabheka amanani ethu ukuze angalumi emakhasimendeni ethu, nokungakho eqala kuR1 000 bese kuya nokuthi yini umuntu adinga ukwenzelwa yona,” kusho uNong.

Uthi eqala ukuba nentshisekelo yokuba wummeli wagqugquzelwa wukungabibikho kobulungisa ayebubona ngenkathi ekhula ngama-’80s. Uthi kuthe eseqalile ukuqeqeshelwa lo msebenzi, wabona ukuthi lena yimboni ebanzi, nokusho ukuthi akudingi ukuthi umuntu asebenze ukulwela amalungelo abantu kuphela.

“Kubalulekile ukuthi uthembekile yini, unolwazi olungakanani. Enye into umuntu wayefuna nokutshengisa ukuthi nabameli babantu abamnyama bayakwazi ukwenza ezinye izinto futhi bazenze ngendlela eseqophelweni eliphezulu.”

UNong uthe nakuba iNont Legal isineminyaka iyibambile kodwa ukukhulisa ibhizinisi yinto engelula. Ululeka osomabhizinisi nabafisa ukuwaqala ukuthi kuhle ukubekezela, ukuzinikela nokuqala ibhizinisi emkhakheni umuntu anothando lawo.

Facebook: Nont Legal Consultants

You cannot copy content of this page