UNksz uNonkululeko Nkosi, omunye wabasunguli beMashesha Deliveries yaseDaveyton, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Basungule ibhizinisi elenza impilo ibe lula ebantwini baselokishini. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

BANGABANYE babantu okuthe ngokubheduka kweCOVID-19 babona intuba yebhizinisi elisha. Njengoba lesi sifo sivalele abantu emakhaya, bona baqhamuke nesisombululo sokusiza osomabhizinisi abenezitolo zokudla emalokishini ukuthi bangawi ngokusungula iMashesha Deliveries.

Leli bhizinisi elisebenza ngobuchwepheshe besimanje livumela amakhasimende ukuthi athenge ukudla okudayiswa emalokishini njengamakota, umgxabhiso, amagwinya nokunye bese bekulethela ekhaya.

IMashesha isungulwe ngonyaka odlule wuNksz uNonkululeko Nkosi noMnu uJabu Mashiane abangabangani. Izinze eDaveyton, eGauteng, kanti amalokishi elisagxile kuwo okwamanje ngawase-East Rand.

UMashiane uwummeli oneziqu ze-LLB zase-University of Johannesburg. UNksz uNkosi yena wazishiya phakathi izifundo zobummeli e-UNISA.

UNksz uNkosi, oneminyaka ewu-29, uxoxe noMbele ngebhizinisi labo. Uthe inhloso yabo wukusiza amabhizinisi asemalokishini akhule futhi nawo asebenze njengamanye amabhizinisi agcina zonke izimfanelo.

“Umngani wami kusukela sisesesikoleni (uMashiane) wangithinta ngelinye ilanga wathi kunabapheki abaningi abalishayayo ibhodwe eDaveyton kodwa abangasenayo indlela yokuthi ukudla kwabo kufinyelele kumakhasimende abo njengoba izwe livaliwe. Sibe sesiqhamuka naleli cebo lokubasiza ukuthi izitolo zabo zingawi nokuthi abantu bathole ukudla,” kulanda yena.

Abagcini nje ngokudiliva ukudla kodwa basiza nabantu abafisa ukuyocoshacosha igrosa encane phakathi nenyanga noma wubani osuke enezindlela ezincane adinga usizo ngazo.

UNksz uNkosi uthi: “Mhlawumbe kokunye usuke ukade uvakashele izihlobo zakho bese ukhohlwa wubisi lomntwana, thina siyakwazi ukuyokulandela lona sikulethele.”

Okwamanje banezitolo eziwu-15 zasemalokishini ase-East Rand abasebenzisana nazo. Bayadilivelana nokudla kwasezitolo ezinkulu ezifana noMcDonald’s.

IMashesha Deliveries iqashe abantu abayisihlanu, okungabashayeli abane nomuntu othatha ama-oda. Okwamanje ama-oda bawathatha ngoWhatsApp. Kungekudala amanye amakhasimende, ikakhulukazi intsha eqonda kahle ubuchwepheshe, bazowathuthela kwi-website ukuthi asebenzise yona uku-oda.

Elinye lamabhayisikili eMashesha Deliveries okudilivela amakhasimende

Nokho uNksz Nkosi uthi ngeke bawuvale uWhatsApp ngoba bayaqonda ukuthi yiyona ndlela elula kwamanye amakhasimende abo.

“Akulula kona ukuguqula amabhizinisi ajwayele ukuzenzela ngendlela yawo ukuwabonisa ukuthi nazi izinto okufanele zenziwe ukugcina zonke izimfanelo. Kokunye uthola ukuthi umama onesitolo sakhe thizeni umthumelela uWhatsApp ubuza into, kufanele uze ulandelele ngocingo ngoba engakuphenduli kanti isikhathi siyahamba.

“Kukhona nenkinga yokuthi imigwaqo yethu emalokishini akuyona yonke evelayo kuGoogle Maps. Kodwa umuntu ukhulile kakhulu futhi kuningi akufundile. Abantu emalokishini nabo bayazithanda izinto ezenza impilo ibe lula futhi bazimisele ukuzikhokhela.”

Banezinhlelo zokunabela kwamanye amalokishi ngokuqhubeka kwesikhathi.

UNksz uNkosi usanda kukhipha nencwadi yezingane ayibhalile esihloko sithi Khanya’s First Day at the Park, ayibhale ngoba ekhuthazwa wukuvalwa kwezwe njengoba wayengasebenzi ehleli ekhaya egade izingane zodadewabo.

Facebook: masheshadeliveries

Instagram: @masheshadeliveries

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo
You cannot copy content of this page