UNkk uQueeneth Mutele, omunye wabasunguli beQ-ton Cooking Oil yasePitoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Baxazulula inkinga yokubiza kwamafutha okupheka. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

Share this now

UKUQONGA kwamanani amafutha okupheka ngenxa yempi yase-Ukraine ngezinye zezinto ezithwalise kanzima abantu baseNingizimu Afrika. Nokho kukhona osomabhizinisi asebeqhamuke nesisombululo sokulekelela abathengi, ikakhulukazi basemalokishini. 

UNkk uQueeneth Mutele nomyeni wakhe uDavid sebethule awabo amafutha iQ-ton Cooking Oil ePitoli, eGuateng. Lona wumqondo abebenawo kudala kodwa umsebenzi wabambezeleka ngenxa yeCOVID-19. 

“Yinto esasikade siyicabanga kodwa sithe asisukume uma sesibona ukuthi sikhulu kangakanani isidingo samafutha abiza kahle. Sisasebenza nenkampani ezinze eGoli okuyiyona ekhiqiza amafutha. Thina siyawapakisha, sifake igama lethu bese siyawadayisa ezipaza zasemalokishini eGauteng naseLimpopo,” kusho yena. 

UNkk uMutele, okhulele emabhizinisini uqeqeshelwe ukusebenza kwandabazabantu emasosheni. Uthi waqala ukuzama ukuzenzela imali esesesikoleni. Uthi: “Into yokuqala engayidayisa empilweni yami yi-boerewors eyosiwe. Umama wayengithengela ama-boerewors roll, ngihambe ngingena umuzi nomuzi ngiwadayisa. Umsebenzi wakhula isikhashana kanti ngaso leso sikhathi abazali bami bavula ispaza ngakho ngayijwayela indaba yamabhizinisi.”

Uthi ukuphatha ibhizinisi kuhluke kakhulu kunokuqashwa. “Usuku nosuku lunezinselelo nezifundo zalo ngoba ngifunda okuningi emakhasimendeni ethu. Ngiyakujabulela ukuzimela nokulawula isikhathi sami.”

Uthi ibhizinisi baliqale ngemali yabo, athi kwakuyinselelo ngasekuqaleni. “Enye inselelo wukungathenjwa nokuncintisana nezinkampani ezinkulu. Abantu abakuthembi kahle uma usanda kuqala kodwa ngokuhamba kwesikhathi bayanda abakwesekayo uma abantu sebeqala sebekwazi.”

Amafutha eQ-ton Cooking Oil

UNkk uMutele uthi kuyinto enkulu ukuthi sebephumelele ukuliqala nokulethula leli bhizinisi. “Ukuqala ibhizinisi ulisusa phansi akuyona into elula. Ngiyathanda nokuthi amakhasimende ethu ayasitshela imibono yawo futhi imvamisa isuke imihle.”

UNkk uMutele utshele iVutivi Business News ukuthi isifiso sakhe wukungena ezitolo ezinkulu zokudla lapho bezoqhudelana khona nezinkampani ezindala zikakalakateni. 

You cannot copy content of this page