Cabanga ngendlela ehlukile uma uwusomabhizinisi ngala maholidi kaKhisimusi, kuloba uNtokozo Biyela

Share this now

KULELI sonto ngithanda sibheke izindlela abantu abanganciphisa ngayo ukumosha imali ngoKhisimuzi noNcibijane.

Uma ubhekisisa, ziyisikhombisa kuphela izinsuku phakathi kukaKhisimuzi noNcibijane kodwa kuyamangalisa ukubona ukuthi bangaki abantu abasanganiswa yilesi sikhathi sonyaka bazithole sebengene ezikweletini kungafanele. 

Yebo, yisikhathi sokujabula nemindeni yethu kodwa loko akusho ukuthi singaqapheli ukuthi siyisebenzisa kanjani imali yebhonasi kwabasebenzela izinkampani ezisawakhokha amabhonasi.

Futhi lesi sikhathi asisho ukuthi sisangane emakhanda singabe sisacabangela ikusasa ngoba sithi sithokozisa umzimba osebenza kanzima. Kuhle ukuzijabulisa kodwa sibuye nganeno, asikho nje isidingo sokwenza sengathi siyasiqabuka lesi sikhathi ngoba njalo ngonyaka siyafika, sidlule.

Ngiye ngiluleke osomabhizinisi ukuthi yisikhathi esihle lesi sokuzenzela imali ngoba abantu banesandla esilula bashiswa imali, ngisho bethenga ababali ukuthi bakhipha imali engakanani, wonke umuntu usuke ezijabulisa. Abantu bafuna ukujabulisa izingane zabo nemindeni.

Ngakho-ke kuhle ukuthi noma yini oyidayisayo kube yizinto abantu abazidingayo ngalesi sikhathi sonyaka. Ungadayisi izincwadi zesikole ngoDisemba kodwa abantu imiqondo yabo ingekho lapho bona befuna izinto ezizojabulisa izingane nemindeni yabo. Loko bayokubona ngoJanuwari uma kuvulwa izikole. Maningi amabhizinisi angenziwa ngesikhathi sikaKhisimuzi kuphela, abuye avalwe uma usudlulile.

Ungaqala ibhizinisi le-spit braai, uqale ube uthatha ama-oda okuyokosela imindeni ethile inyama yemvu ngoKhisimuzi. Ungaqala ube uthenga amaqhwa ngenani eliphansi kwabenza amaqhwa, wena ufake imadlana ethe xaxa ukuze ukwazi ukudayisa ngoKhisimuzi nangoNcibijane. Uma unemali nesikhathi, ungazithengela futhi umshini wokwenza amaqhwa.

Ungaqala ubhake amakhekhe ngamabhakede ukuze udayisele abantu abangenaso isikhathi sokubhaka amakhekhe ngalesi sikhathi noma uqale wenze imihlobiso yemicimbi emincane uma unekhono lokuhlobisela imicimbi.

Ungaqala nebhizinisi lokugada izingane ngoba baningi abantu abazithola benenkinga yokuthi bazozishiya kuphi izingane uma besaya emsebenzini noma kufanele bahambele imicimbi ethile. Ungavula indawo lapho abantu bezoshiya khona izingane uhhafu wosuku noma usuku lonke, wena wenzele izingane isidlo sasekuseni, emini nasebusuku. Uhlanganise ama-package ehlukene abazali abazozikhethela wona.

Uma ezoshiya ingane noma izingane uhhafu wosuku, uzokhokha inani elithile, uma ezozishiya usuku lonke futhi afune nokuthi zidle khona la, uzokhokha imali ethize, kanti futhi abanye ungabakhokhisa ngehora kuye ngokuthi ingane bazoyishiya isikhathi esingakanani.

Ungenza umahambanendlwana wokwenza izinwele uye kubantu ngoba iningi lezindawo zokwenza izinwele nokucwala izinzipho zisuke zigcwele phama. Bakhona abantu abangakujabulela ukuthi uye kubona. 

Maningi amanye amabhizinisi abantu abangawenza. Okubalulekile wukuthi babheke emiphakathini yangakubo ukuthi yiluphi usizo oludingekayo, bazakhele imali kanjalo.

Wena njengosomabhizinisi cabanga ngendlela ehlukile. Musa ukumosha imali ngalesisikhathi. Yonga imali, bayeke abashiswa imali. 

UKhisimuzi noNcibijane yizinsuku ezimbalwa, awudingi ukubhubhudla yonke imali onayo. Okungcono ungathenga ukudla okuzohlala izinyanga eziyisithupha zonke kunokuthi udle imali noma ukudla ngezinsuku eziyisikhombisa kuphela.

Yenza kangcono, cabanga kangcono. Nginifisela okuhle kodwa emabhizinisini enu.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

You cannot copy content of this page