UMCWANINGIMABHUKU-jikelele waseNingizimu Afrika uNksz uTsakani Maluleke uthi ukhathazekile ngokuboshwa komunye wezisebenzi zaleli hhovisi eGauteng esolwa ngenkohlakalo. UNksz Maluleke uthe izinsolo ezibekwe lesi sisebenzi ngeke bazithathe kancane. Uthe bakhathazekile futhi baphoxekile kakhulu ngokwenzekile. Uthe akuhambisani nendlela yokuziphatha abayilindele kwizisebenzi zabo. Uthe balindele ukuthi zonke izisebenzi zabo ziziphathe ngendlela efanele futhi zihloniphe umsebenzi, ngakho-ke ubugebengu abamukelekile kanti kumele badedele umthetho wenze umsebenzi wawo. Ngokwemibiko, enye yezimenenja ehhovisi lomcwaningimabhuku eGauteng izame ukugwazela isikhulu sehhovisi lomNyango wezaseKhaya kade iyofaka isicelo se-passport.

Share this now

I-VISUAL International Holdings isiqoke uNkk uZanele Mbokazi-Nkambule njengomunye wabaqondisi bebhodi layo. Le nkampani ethuthukisa izakhiwo iqale ukuhweba eJSE ngo-2014. UNkk uMbokazi-Nkambule uwusomabhizinisi nosaziwayo oneminyaka engaphezu kwewu-20 esebenza emkhakheni wezokusaza, izindaba nokuxhumana. Waqala ukwaziwa ewumsakazi kuKhozi FM kanti kusukela ngo-2001 usungule inkampani yakhe iMirror PR & Events, neyenza nemicimbi efana namaCrown Gospel Awards. Une-BA Honours yase-University of Natal, esibizwa nge-UKZN.

Share this now

ABANTU abangasebenzi eNingizimu Afrika sebewu-32.6%, nokuyisibalo esikhukhuphukile sisuka ku-32.5%. Loku kuvezwe yizibalo zekota yokuqala ka-2021 ezikhishwe yiStatistics South Africa ekuqaleni kwesonto. Isibalo sabangasebenzi lesi esibizwa nge-expanded definition of unemployment sona sinyuke ngo-0.6% njengoba sebewu-43.2%. Ngokwalezi zibalo abantu abasebenzayo banciphe ngabawu-28 000, njengoba sebengu-15.0 million, kanti abangasebenzi bawu-7.2 million njengoba benyuke ngabawu-8 000. Abantu asebephelelwe wumdlandla wokufuna umsebenzi banyuke ngabawu-201 000 kanti abangenaqhaza emnothweni hhayi ngoba bephelelwe wumdlandla banciphe ngo-38 000.

Share this now

UNgqongqoshe wezeziMali uTito Mboweni, ngemva kokuboniswa yiPrudential Authority (iPA), uvume ukuthi i-Access Bank Plc ibe ngabanikazi abasha beGrobank. I-Access Bank yibhange laseNigeria elitholakala i-Afrika yonke, i-United Kingdom ne-Asia. I-PA nomNyango wezeziMali ngemva kokuhlola izinto banelisekile ukuthi loku kuzosiza iGrobank nabafake imali kuyona. Loku kuzokwenzeka izigaba ezimbili. Okokuqala kuzothinta amasheya obunikazi obuwu-48.95%, kuthi obesibili kube ngabamasheya ajwayelekile eGrobank acela ku-90.35%. I-Grobank izoshintsha igama ibizwe nge-Access Bank (South Africa) Limited. Imbangela yalolu shintsho ebunikazini beGrobank kube yisifiso sePA nabaphathi beGrobank ukuvikela leli bhange nabantu abafake imali kulona ngemva kobunzima ebelibhekene nabo. UNgqongqoshe uthe: “Siyethemba ukuthi abanikazi abasha bazoxhumana nabantu abafake izimali nabatshalimali ngokushesha. Silifisela inhlanhla enkulu leli bhange nabanikazi balo abasha.”

Share this now

IBHANGE loMbuso limemezele ukuthi imalimboleko ngeke iguquke ku-3.5%. Enza lesi simemezelo uMphathi waleli bhange uMnu uLesetja Kganyago, uthe lesi yisinqumo abavumelane ngaso bonke beyikomiti elenza lesi sinqumo. Uthe balindele ukuthi umnotho wehle ube ku- -0.2% ekupheleni kwekota yokuqala yonyaka kusuka ku-1%, abebewuqagulile ngoJanuwari. Nokho uthe balindele ukuthi umnotho ukhule ngo-3.8% kulo nyaka. “Ukubuyela emazingeni esasiwabona ngaphambi kobhubhane kuzothatha isikhathi. Nakuba imithetho yokuvalwa kwezwe ingasawunqindi kangako umnotho kodwa ukucinywa kukagesi kumandla kanti nokuthengwa kwempahla akwenzeki kangako seloku kuphele uDisemba. Ukunyuka kwamanani kawoyela kunyuse izindleko zokuthenga kwamanye amazwe nokube nomthelela emalini ebingenile,” kusho yena. UKganyago uthe balindele amandla emali abe okungenani ku-3.3% cishe unyaka wonke wango-2021, esuka ku-3.4% abebeke bawuqagula. Usomnotho omkhulu e-FNB, uNkk uMamello Matikinca-Ngwenya uthe bebesilindele lesi sinqumo. Uthe okwenziwa yiBhange loMbuso wukuzama ukubhalansisa ingozi yokunyuka kwamandla emali kanjalo nokuntenga ekukhuleni komnotho.

Share this now

I-STEINHOFF International isimemezele ukuthi ixoxisana nebakweletayo emazweni ehlukene, okukhona nabaseNingizimu Afrika, ngenhloso yokuthi ifinyelele esivumelwaneni esizokwenza kuphele uhide lwamacala ebhekene nawo ngezinsolo zokungaziphathi kahle kwababephethe le nkampani. Le nkampani engabanikazi be-Ackermans, uPep, i-Incredible Connection, iTekkie Town ithi isifinyelele esivumelwaneni nezinkampani zemishwalense nabanye babantu ababeyizikhulu zayo ukuze ikhokhe imali efunwa ngabayibophayo. Nokho igcizelele ukuthi ngalesi sinyathelo ayisho ukuthi kunecala elivumayo. Uma sekuphothulwe yonke imicikilisho, ithi izokhokha uR966.3 million ukuze kukhokhelwe ababenamasheya bese futhi yengeza ngoR263.5 million ukuze kukhokhelwe eyayinezinkontileka nabo kanti abemishwalense bona bazothola isinxephezelo esicela kuR228.4 million uma sekubalwa nezindleko. I-Steinhoff International kwavela ukuthi yakhuphula inzuzo nenani lempahla yayo ngoR250 billion ongekho, nokwaholela ekwehleni ngamandla kwamanani amasheya ayo eJSE, nokwalahlekisela abatshalimali ngezizimbulu.

Share this now

Umnotho waseNingizimu Afrika wehle ngo-7% ngo-2020 uma kuqhathaniswa nango-2019. Loku kuvezwe yizibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa kuleli sonto. Lokhu kungenxa yokuhlasela kweCOVID-19 okuthikameze umnotho kuvalwa izwe. Ithe loku yikona kwehla komnotho okukhulu kunakho konke ngonyaka owodwa kusukela ngo-1946. Imboni yezokukhiqiza naleyo yezitolo, ukudayiswa kwezimoto, ezokudla nezindawo zokuhlala zithe ukusiza kancane njengoba zenze ukuthi umnotho ukhule ngo-1.5% ngekota yokugcina ka-2020. Imboni okuyihambele kahle ngeyozolimo, yona ekhule ngo-13.1% ngonyaka odlule.

Share this now

I-Transnet nophiko labaseshi iSpecial Investigating Unit (i-SIU) sebefake isicelo enkantolo sokuthi kubuyekezwe inkontileka futhi kumiswe izinkontileka ezine ezasayinwa yile nkampani ngo-2014 zokuthenga amaguzu awu-1 064 nadla uR54 billion. Kuthiwa lena ngenye yemisebenzi emikhulu eyenziwa yibhizinisi likahulumeni. Lezi zinkontileka zasayinwa neBombardier Transportation South Africa, iChina South Rail (esibizwa ngeCRRC E-Loco Supply), iChina North Rail (esibizwa ngeCNR Rolling Stock South Africa) neGeneral Electric South Africa Technologies. I-Transnet neSIU bathi emaphepheni abawafake enkantolo ukuthengwa kwalamaguzu kwenziwa kusethenziswa uhlaka olwalungenziwanga kahle olwaveza ukuthi kunesidingo sawo kanti futhi bathi imithetho, imiyalelo kahulumeni nemigomo yale nkampani yashaywa indiva ngesikhathi kukhishwa la mathenda, kusayinwa izinkontileka futhi kukhokhelwa lezi zinkampani ezine. Ngo-2018 iTransnet izamile ukuxoxisana nalezi zinkampani ukulungisa umonakalo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya nokungakho isidlulele enkantolo.

Share this now

INKAMPANI yezokumbiwa phansi i-Implats ithi ilindele ukuthi inzuzo inyuke ngo-318% kuya ku-338% noma phakathi kukaR14.1 billion noR14.7 billion, isuka kuR3.3 billion kuhhafu wonyaka wezimali ophele ngoDisemba 31. Le nkampani ekhiqiza i-platinum ithi imali engenile ngesheya lilinye ibheke ukuthi ikhuphuke ngo316% kuya ku336% noma ngo-1 812c no-1 899c isheya kanti ngesikhathi esifanayo ngonyaka wezimali odlule le mali yayingu-436c. I-Implats ithi amabhuku ayo abengakabuyekezwa ngabacwaningimabhuku bangaphandle.

Share this now
You cannot copy content of this page