I-WOOLWORTHS isidayise inkampani yayo yase-Australia iDavid Jones. Ithengwe i-Anchorage Capital Partners, inkampani yabatshalimali yase-Australia. Kunemigomo nemibandela okufanele ifezwe kodwa iWoolworths ithe ilindele ukuthi yonke into iphothulwe ekupheleni kwangoMashi ngo-2023. Isikhulu esiphezulu eWoolworths uMnu uRoy Bagattini sithe lokhu kuhambisana nezinhlelo zabo zokubuyekeza nokuguqula izinto enkampanini. Uvumile ukuthi ababezama ukukwenza ngenkathi bethenga iDavid Jones eminyakeni embalwa edlule akuphumelelanga.

Share this now

IBHANGE loMbuso linyuse imalimboleko ngo-75 basis points namhlanje yafinyelela ku-6.25%.  Loku kusho ukuthi amabhange asezobolekisa ngo-9.75% amakhasimende. Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe amanani ezimpahla asaqhubeka nokuqonga kanti neminotho yamazwe amaningi isantenga, isimo esesibhebhezelwe yimpi yeRussia ne-Ukraine. UKganyago uthe sebelindele ukuthi umnotho womhlaba ukhule ngo-3% kanti owaseNingizimu Afrika babheke ukuthi ukhule ngo-1.9%.

Share this now

IKHOMISHINI yokuNcintisana igasele emahhovisi ezinkampani zomshwalense ezisola ngokuphula umthetho. Ithi lezi zinkampani zike zibonisane ngamanani okufanele ziwakhokhise amakhasimende ngemishwalense ehlukene njengowokungcwaba, owomhlalaphansi, owezifo eziyisimbelambela, nokuphambene nesigaba 4 (1) (b) (i) soMthetho wokuNcintisana. Lezi zinkampani yiBrightRock Life, iDiscovery, iFMI yakwaBidvest Life, iHollard, iMomentum, i-Old Mutual neSanlam. I-Old Mutual neDiscovery sebekhiphe izitatimende ezithi bazobambisana nekhomishini.

Share this now

I-TRANSNET Port Terminals imemezele izinkampani ezizimele ezohlunga kuzona kwezosebenzisana nazo ukuphucula amachweba aseThekwini naseNgqura. Inkontileka ezosayinwa abazokhethwa eyeminyaka ewu-25. Lezi zinkampani yi-APM Terminals AMI Management DMVEST, iChina Harbour Engineering Company Ltd and Guangzhou Port, iCOSCO Shipping, iDP World Limited, iGlobal Ports Services, iGrindrod Freight Services and Hamburger Hafen Und Logistik Atkiengesellschaft, i-International Container Terminal Services, iRed Sea Gateway Terminal and MMC Port Holdings Sdn BhD, iStar Classic Investments Limited and Abu Dhabi Ports, iTerminal Investment Limited and Remgro Limited ne-APM Terminals AMI Management DMCEST.

Share this now

ININGIZIMU Afrika ikleliswe yaba ngeyesibili ohlwini oluhlola ukuthi indlela izwe elenza ngayo isabelomali ivuleleke kangakanani, i-2021 Open Budget Index. Kulolu hlu, i-International Budget Partnership luhlola amazwe awu-120. INingizimu Afrika ithole amaphuzu awu-86 kwawu-100 uma kuhlolwa ukuzinikela kwayo ukwenza yonke into ibe sobala. Nokho lapho kubhekwa khona iqhaza elibanjwa wumphakathi ithole amaphuzu awu-19 kwawu-100. Izwe eliphume phambili kube yiGeorgia.

Share this now

I-DURBAN Chamber of Commerce & Industry (iDDC&I) isigxeke ukuvala umgwaqo uN3 ophakathi kwaseThekwini naseGoli okwenziwe ngabashayeli bamaloli. Le nhlangano yosomabhiznisi ithe lesi senzo sicekela phansi izinhlaka zomnotho. I-DDC&I ithe akukwazi ukuthi kungaphinde kube khona enye into ezophazamisa umnotho emva kweCOVID-19, ukutapa izimphla ngonyaka odlule nokuhlasela kwezikhukhula kulo nyaka. Ithe umnotho waKwaZulu-Natali uthembele kulo mzila njengoba kuyiwona oxhumanisa abahwebi nechweba.

Share this now

UMNYANGO wamaBhizinisi kaHulumeni uthi usebenzisana neTransnet, uhulumeni waKwaZulu-Natali ne-Eskom ukuzama ukubuyisela isimo kwesejwayelekile ekusebenzeni kwechweba laseThekwini. Ukusebenza kuleli chweba nakwamanye amabhizinisi kuphazanyiswe yizikhukhula ezihlasele kulesi sifundazwe, nokugcine kubikwe ukuthi zidlule nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-300. Lo mnyango uthe ukusebenza kwemikhumbi bekumisiwe kuleli chweba kanti kukhona nengqalasizinda ecekeleke phansi

Share this now

I-Durban Car Terminal iphule irekhodi layo lonyaka ngokuphatha izimoto eseziqediwe ukwakhiwa ezingu-531 755 esikhathini esiyizinyanga eziwu-12 esiphele ngoMashi. Umkhiqizo oxubile wenze izibalo zezimoto ezingeniswe ezweni zibe wu-53% ezibalweni zonke okufaka kakhulu izimoto ezincane. Kube ngu-34% ezibalweni zonke kusuka ngonyaka odlule. Kusuka ngoSepthemba iDurban Car Terminal izophatha izimoto zakwaFord iRanger. Nezinhlobo ezihlukene zeChery neJAC zizokwenza ukuthi kunyuke umthamo wezimoto.

Share this now

IBHANGE loMbuso limemezele izinguquko ezikhundleni eziphethwe ngamaphini omphathi walo. UNksz uFundi Tshazibana useyisikhulu esiphezulu sophiko iPrudential Authority, isikhundla azosiphatha kuze kuphele inkontileka yakhe ngoJulayi wango-2024. UMnu uRashad Cassim uzobheka uphiko iFinancial Markets and International Cluster. UMnu uKuben Naidoo uzophatha iFinancial Stability and Currency Cluster. Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe lezi zinguquko zihambisana nendlela okwenziwa ngayo emhlabeni njengoba ethe kumqoka ukuthi amaphini akhe akwazi ukuyenza yonke imisebenzi.

Share this now

IKHOMISHINI yokuNcintisana iphasise ukuthi iHIS Holding Limited ithenge ama-tower awu-5 713 kwiMTN SA. Lezi zinkampani sezizoba yizimbangi njengoba kukhona ama-tower engawadayisanga iMTN SA. Imibandela ebekwe yikhomishini ithi iMTN SA ayivumelekile ukudiliza eminyakeni emibili yokuqala idayisile futhi kumele ithuthukise amabhizinisi amancane ngoR60 million njalo ngonyaka kuze kuphele iminyaka ewu-10. I-IHS kumele ifinyelele kuLevel 4 weBBBEE ezinyangeni eziwu-18, kuthi eminyakeni ewu-4 ibe isikuLevel 1.

Share this now
You cannot copy content of this page