Category: Emxhakeni
Lungisa isimo sakho semali ngokubuyekeza imishwalense yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika
YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.
Abantu kumele bangacabangeli inamhlanje kuphela uma sebeya empeshenini ngoba kulula ukuthi imali isheshe iphele. USLINDILE KHANYILE uyabika
ABANTU abaningi abasuke sebethatha umhlalaphansi eNingizimu Afrika bakhetha uhlobo lwempesheni oluthembele kakhulu ekutheni kwenzakalani ezimakethe zemali ngoba basuke becabangela imanje kunokubheka okuzobasiza ngomuso futhi kuqinisekise ukuthi banempesheni ezobanakekela impilo yabo yonke.
Ungoti wezabathengi wasebhange ucebisa ngemigomo emihlanu yokuphatha imali umthengi angaqala unyaka ngayo
UKUPHELA kukaJanuwari bekusho ukuqala konyaka omusha, unyaka omusha oletha amathuba amasha okuthi sibuyekeze indlela esiphatha imali ngayo futhi siqale uhlelo lokuphatha imali olusha ukulungiselela izinyana ezisele onyakeni. Ngeshwa sisabhekene nengwadla yeCOVID-19 nokuqhubeka nokusimisa kabi ngasezimalini. Yingezikhathi ezinjena lapho siyaye sikhuthaze khona abathengi ukuthi babhekisise izinto abanamandla okuzenza ukuphatha imali yabo kahle nokunakekela ikusasa.
Abama-medical aid bathi bazimisele ukusiza uhulumeni ukufinyelela kubona bonke abantu abawu-40 million okumele bagonywe kodwa bayaziqhelelanisa nokuthi sebevumile ukukhokha uR6.8 billion ukuze kugonywe nalabo abangesiwo amalungu abo
INHLANGANO engenzi inzuzo newubumbano lwezinkampani ezihlinzeka ngomshwalense wezempilo, phecelezi ama-medical aid, iBoard of Healthcare Funders (iBHF) isikuqinisekisile ukuthi labo abangamalungu alezi zinkampani bazowuthola umgomo weCOVID-19 kodwa nazo zizowagoma ngokulandela uhla lwabantu okumele kuqalwe ngabo njengokusho kukahulumeni.