UMnu uSesinam Dagadu, umsunguli weSnooCODE i-app esiza umuntu abe nekheli Isithombe: Sithunyelwe Asafufusa Ezanamuhla Izindaba Wethule ubuchwepheshe obusiza wonke umuntu abe nekheli. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE November 14, 2022 Share this nowABANYE abantu abalutholi usizo nentuthuko kwezinye izingxenye zase-Afrika ngenxa yokuthi akufinyeleleki kalula kubona ngoba bengenakheli. Ukungabi nakheli kwenza ukuthi baphuthelwe ngamathuba atholakala ngenxa yobuchwepheshe besimanje.
Ezanamuhla I-SHOPRITE yethule i-akhawunti yasebhange njengoba ithe umuntu sebengakwazi ukusebenzisa iMoney Market njenge-akhawunti yanoma yiliphi ibhange. Lesi sitolo esidayisa ukudla sithe akukho mali ezokhokhiswa umuntu ngenyanga, kuphela nje umuntu uzokhokha uR5 uma ezokhipha imali. Ngale-akhawunti abantu bangakwazi ukuhola. September 2, 2022 Share this now
UNksz u-Anele Shezi ongumnikazi we-Anele The House Madam yaseDundee, KwaZulu-Natali Izithombe: Zithunyelwe Ezanamuhla Ufisa ukwenza okwahlula abazali onebhizinisi lokuhlaza ezindlini. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE January 24, 2022 Share this nowUKUBONA abazali bakhe bezama kaningi ukuqala amabhizinisi ehlukene kodwa angasimami kwenza afise ukuqhubeka nokusebenza kanzima ukuze aqede lolo khondolo lwasekhaya ngebhizinisi lakhe lokuhlanza ezindlini.
Ezanamuhla IBHANGE loMbuso iSouth African Reserve Bank linqume ukungayiguquli imbalimboleko ku-3.5%. Lithe lesi kube yisinqumo esiwu-elethu. September 23, 2021 Share this now
UNksz uNoluthando Chisane, umsunguli we-Uthando Glow Skin Care, yaseThekwini, KwaZulu-Natali Izithombe: Zithunyelwe Ezanamuhla Uphendule inkinga yokukhula enenselelo yesikhumba isinkwa sakhe osenebhizinisi lezimonyo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE August 11, 2021 Share this nowUKUKHULA enomzimba omubi namabala abenza angabukeki yikona okugqugquzele umsunguli wenkampani yezimonyo.
Ezanamuhla NgoLwesihlanu kuqopheke umlando ngenkathi iFNB yemukela amasheke okokugcina. Isikhulu esiphezulu seFNB uMnu uJacques Celliers sithe: “Njengoba sigubha ukuphela kwesahluko esidala, sivula esisha sokukhokha ngezindlela zesimanje zokukhokha. Ngenxa yaloko ukuqedwa kwale ndlela yokukhokha enomlando onothile kuyinto enkulu kithina namakhasimende ethu, nokho sikholwa wukuthi ikusasa lokukhokha liqhakazile kithina sonke; ikakhulukazi ngoba siyiFNB sibheke endleleni entsha yokukhokha.” January 25, 2021 Share this now
Ezanamuhla Inhlangano elawula ukusebenza kwezinkampani ezihlinzeka ngemali iFinancial Sector Conduct Authority imema umphakathi ukuthi uphawule ngamagama abantu ababili okuzokhethwa kubona ozovala isikhala sikaKhomishana wayo. Imibono kumele ithunyelwe lingakashoni elangoLwesibili mhla ka-26 kuJanuwari. Emva kwenhlolokhono yabantu abayisihlanu abahlungwa ezicelweni eziwu-90, kusale abantu ababili nokuzokhethwa phakathi kwabo. BangoNksz u-Astrid Ludin noMnu u-Unathi Kamlana. Uma le nhlangano isiyitholile imibono emphakathini izobe isihambisa isiphakamiso kuNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni. Abafisa ukuphawula ngalaba bangathumela ku: Shortlisting.Panel@treasury.gov.za noma bathumele kuMnu uNgoni Mangoyi kuP/Bag X115, Pretoria, 0001. January 25, 2021 Share this now
Ezanamuhla Isikhulu esiphezulu se-African Bank uNksz uBasani Maluleke sisulile kulesi sikhundla. Sizogcina kuso ekupheleni kuka-Ephreli. UNksz uMaluleke usethole umsebenzi kwenye indawo kanti leli bhange seliqoke uMnu uGustav Raubenheimer njengesikhulu esiphezulu esibambile. UNksz uMaluleke ubenesandla esikhulu ekuvuseleleni nasekuthuthukiseni leli bhange eminyakeni emithathu edlule. URaubenheimer uyisikhulu esibhekelele izimali kuleli bhange. Usihlalo webhodi ye-African Bank uMnu uThabo Dloti uthe: “Siyamethemba uGustav ukuthi uzowuphatha kahle umsebenzi bebambisene nezinye izikhulu kuze kube sivala isikhala. Siyambonga ngokuvuma ukuphatha lesi sikhundla okwesikhashana. Ithimba labaphathi liholwa nguBasani lakhe isisekelo esiqinile inkampani ezokwazi ukuqhubeka naso ukuthuthukisa impilo yesibasebenzelayo futhi iqhamuke nezindlela ezintsha zokuhlinzeka imali.” January 25, 2021 Share this now
Ezanamuhla UMazibuko echaza ngokwenza abantu badidanise inetwork marketing namabhanoyi January 14, 2021 Share this now