I-International Monetary Fund (i-IMF) iphothule uhambo lokuvakashela kwayo eNingizimu Afrika. Le nhlangano ebolekisa ngemali iqale ukuba nemihlangano ezinkundleni zokuxhumana ngobuchwepheshe kusukela mhla ka-15 kuya mhla ka-25 kuJanuwari, okuhambisana nezinhlelo ezimile zokubhunga ngezinto ezithinta umnotho naleli zwe. Ithimba le-IMF lidingide ukuthuthukiswa komnotho nohulumeni, neBhange loMbuso, izinkampani zikahulumeni, amabhizinisi namanyuvesi.

Share this now

Inkampani kahulumeni ethutha impahla ngezitimela nangemikhumbi iTransnet isimemezele ukuthi ikomkhulu lophiko lwayo oluphethe amachweba iTransnet National Port Authority lizothuthela echwebeni laseNgqura eBhayi, eMpumalanga Kapa. Okwamanje amahhovisi alolu phiko aseThekwini naseGoli. I-Transnet ithe izokonga uR25 million wokuqasha amabhilidi lapho la mahhovisi ekhona manje. Ikomkhulu elisha lizoba sebhilidini iMendi okungelale nkampani nelakhiwa ngoR255 million ngo-2017 kodwa elingasetshenziswa ngokuphelele. Ithe kumanje isezingxoxweni nezisebenzi ezithintekayo kulolu shintsho kanti yethemba ukuthi yonke into izobe isiphothuliwe ekupheleni kukaMashi

Share this now

INGENA ilakanyana imiyalezo yenduduzo ngokushona kukaNkk uDolly Mokgatle obengumunye wosomabhizinisi abahlonishwayo ezweni. UNkk uMokgatle ubewummeli kodwa oneminyaka egxile emabhizinisini kanti uke waphatha izikhundla ezihlukene emabhizinisini kahulumeni afana ne-Eskom neTransnet. Ushone ngempelasonto. Izinkampani ezihweba eJSE njenge-Telkom neBid Corporation ngezinye zalezo ezidlulise amazwi enduduzo. UNkk uMokgatle, obewusihlalo weTotal, ubehlala nasemabhodini aseRothschild and Co SA, IQ Business, SA SME Fund neBushveld Minerals. Ushiye umyeni wakhe nabantwana abahlanu.

Share this now

INKAMPANI ekhiqiza iphepha iMondi imemezele ukuthi izothenga u-90.38% wamasheya e-Olmuksan, inkampani yaseTurkey esembonini ngo-€66 million (R1.2 billion). I-Olmuksan iyinkampani ehamba phambili kule mboni eTurkey kanti ihweba kwi-Instabul Stock Exchange. Ngonyaka wezimali ophele ngoSepthemba 30 ngonyaka odlule ingenise u-€150 million (R2.7 billion). Isikhulu esiphezulu eMondi uMnu u-Andrew King sithe: “Siyajabula ngaleli thuba lokukhulisa umsebenzi wethu eTurkey nokungenye yezimakethe ezikhula ngamandla. Sisalinde ukuthi abalawula ezokuncintisana bakuphasise loku kanjalo neminye imibandela. Sithemba ukuthi sizophothula yonke into ngesigaba sokuqala sango-2021.”

Share this now

AMANANI okudla asalokhu ekhuphuka njengoba ngoNovemba ebewuR4 018,22 esuka kuR3 916, 72 ngo-Okthoba, nokusho ukunyuka ngo-2.6%. Ezinyangeni ezintathu ezidlule ukudla kunyuke ngo-4.2%. Loku kuvezwe wumbiko wocwaningo wePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group nolugxile ekulandeleni ukuthi amanani okudla abiza malini, ikakhulukazi uhlobo lokudla oluthengwa ngabantu abahola kancane nabaphila ngezibonelelo zikahulumeni. Lolu cwaningo olwenziwa ezitolo zokudla eziwu-44 nasemabhusha awu-30 lwenziwa KwaZulu-Natal, eGauteng, eNorthern Cape naseNtshonalanga Kapa.

Share this now

IPHINI likaNgqongqoshe wezeziMali uDkt David Masondo livakashele echwebeni laseThekwini lapho lihlangane khona nezikhulu zakwaTransnet National Port Authority (TNPA) njengengxenye yomsebenzi wakhe ohlelweni i-Operation Vulindlela. Lolu wuhlelo olwenziwa ngokubambisana wuMnyango wezeziMali nehhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa ukuqinesekisa ukuthi izinto zenziwa ngokucophelela, ngendlela efanele nangokushesha. UMasondo uthe kumqoka ukuthi izinhlaka zonke ziphucule ubuholi nokwenziwa kwezinto emachwebeni. Ezinye zezinhlaka ezimqoka kulokhu ngabaqoqi bentela, amaphoyisa, I-TNPA, iTransnet Port Terminals noMnyango wezoLimo. Abaqoqi bentela bathe leli chweba laseThekwini liphunyukwa wumsebenzi otholwa ngamachweba amazwe angomakhelwane, nokuyinto abathe kumele ishintshwe.

Share this now

I-TELKOM ithe ilindele ukuthi umbiko wayo wohhafu wonyaka wezimali ophele ngoSepthemba 30 uveze ukuthi inzuzo engenile ngesheya ngalinye ikhuphuke ngo-15% kuya ku-25% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo nyakenye. Le nkampani yezokuxhumana ithe kusebenzeke kahle nakuba bekunzima ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19. Inzuzo uma ingakathathwa intela nenzalo nokwehla kwenani lempahla ikhuphuke ngo-5%, yafinyelela kuR5.6 billion. Imiphumela egcwele izokhishwa ngoNovemba 10

Share this now

ICLICKS ithe imali engenayo inyuke ngo-9.6% yafinyelela kuR34.4 billion ngonyaka wezimali ophele ngo-Agasti 31 kwathi inzuzo yona yanyuka ngo-10.4% yafinyelela kuR2.8 billion. Le nkampani eke yaba sematheni ngenxa yesikhangiso ebesicwasa izinwele zabantu besifazane abamnyama ithe ezinye izitolo zayo zike zaphazamiseka ngesikhathi izwe livaliwe kanti nabantu abaphathwanga umkhuhlane njengokujwayelekile nokube nomthelela emalini engenile. Kodwa ithe futhi isibalo sabantu abathenge besebenzisa i-internet sinyukile.

Share this now

IKOMIDI lasePhalamende elibhekelele ukuqokwa koMcwaningimabhuku-jikelele liphakamise ukuthi kuqokwe uNksz uTsakani Maluleke njengoMcwaningimabhuku-jikelele omusha.

Share this now

UMcwaningimabhuku-jikelele osezoshenxa, uMnu uKimi Makwetu, umbongele uNksz uMaluleke. UMakwetu uthe akangabazi ukuthi uNksz uMaluleke ukulungele ukwenza lo msebenzi. Osekuzolandela manje wukuthi iPhalamende kumele lisemukele lesi siphakamiso bese lisidlulisela kuMengameli, okuzothi … Read More

UHULUMENI usumemezele uhla olubuyekeziwe lamazwe athathwa njengayingozi kakhulu nokuzofanele ukuthi abantu bakhona bafake izicelo zemvume zokuza kuleli. Uhulumeni uthe lolu hla lwenziwe ngendlela yokubheka ukuthi kungabhebhetheki iCOVID-19 kodwa futhi kuvikelwe imisebenzi. Lawo mazwe yi-Argentina, iGermany, iPeru, iBangladesh, i-India, iPhilippines, iBelgium, i-Indonesia, iRussia; iBrazil, i-Iran, iSpain, iCanada, i-Iraq, i-United Kingdom, i-Chile, i-Italy, i-USA, iColombia, iMexico, iFrance neNetherlands.

Share this now

I-Standard Bank yethule namhlanje umbiko wezimali wohhafu wonyaka ophele ngoJuni 30. Leli bhange lithe nakuba likwazi ukuzibamba ziqine kodwa ukuhlasela kweCOVID-19 kuzwelile, ikakhulukazi lapha eNingizimu Afrika. Imali leli bhange eliyibeke eceleni ukuhlinzekela lezo zikweletu amakhasimende alo azohluleka wukuzikhokha inyuke yafinyelela kuR11.3 billion nokucishe kuphindaphindwe kathathu uma kuqhathaniswa nohhafu wango-2019. Lokhu yikho okube nomthelela ekutheni kwehle inzuzo ngo-40%, yaba nguR7.7 billion.

Share this now

UNGQONGQOSHE wezeZimali kuleli uMnu uTito Mboweni usenxuse iPhalamende ukuthi limvumele ethule isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, iMedium Term Budget Policy Statement, mhla ka-28 Okthoba. Loku kusho ukuhlehlisa lesi simemezelo ngesonto njengoba besihlelelwe ukuthi sethulwe mhla ka-21 Okthoba. UMboweni uthe lesi sicelo usenza ngenxa yesimo esingejwayelekile esikhona nesidalwe wukuqubuka kweCOVID-19, okuholele nasekutheni kube khona isabelomali esiyisipesheli esethulwe ngoJuni. Lo mnyango uthe uhulumeni usazibophezele ekubopheni izifociya nokuyikona okudinga yizwe njengamanje, nokuyinto abathe lesi sabelo esizokwethulwa sizokuveza futhi loku. Wenza lesi sicelo nje uMboweni ngoLwesine (kusasa) kulindeleke ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ethule umbiko ozoba wumkhombandlela wokuvuselelwa komnotho

Share this now

UKUKHIQIZWA kwempahla kuleli kwehle ngo-10.8% ngo-Agasti uma kuqhathaniswa no-Agasti wango-2019 ngokusho kwezibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa kuleli sonto. Izimboni ezibe nomthelela kakhulu kuloku kube ngezezimoto, nezehle ngo-30.7%; okusansimbi, okwehle ngo-11.7%; ukudla neziphuzo, okwehle ngo-6.8%; iphepha okwehle ngo-11.9% namakhemikhali, injoloba neplastiki, ukukhiqizwa kwakho okwehle ngo-5.4%. Nokho uma kuqhathaniswa u-Agasti noJulayi walo nyaka, umkhiqizo unyuke ngo-3.6%.

Share this now

I-COMPETITION Tribunal inqume ukuthi ngeke usavunyelwa uShoprite ukuthi ube nezivumelwano ezithi yiwona kuphela ongaba yisitolo sokudla lapho usuke uqashe khona. Le nhlangano ebheke ukuncintisana ithe lezi zivumelwano kumele ziphele ngokuphazima kweso ezindaweni ezingaphandle kwasemadolobheni bese kuthi emadolobheni khona kumele kuphele iminyaka eyisihlanu seziphelile. Lesi sinqumo sizovuna abezitolo ezincane futhi sizokwenza nabathengi bakwazi ukukhetha ezitolo eziningi.

Share this now

I-CAPITEC ikhiphe umbiko wemali wohhafu wonyaka ophele ngo-Agasti. Inzuzo yehle ngo-78%, yafinyelela kuR650 million uma kuqhathaniswa nohhafu wonyaka ka-2019 kanti nophiko olugxile kwezamabhizinisi lulahlekelwe nguR47 million. Leli bhange lithe nakuba iCOVID-19 ishaye yezwela nakulona kodwa isibalo samakhasimende alo sinyukile sisuka ku-13.9 million ngoFebhuwari nonyaka safinyelela ku-14.7 million ekupheleni kuka-Agasti nokwenze imali engenile uma ingabalwa lena yabahluleke wukukhokha ibe nguR11 billion.

Share this now
You cannot copy content of this page