Category: Ezinohlonze
Ukuphucula indlela okusetshenziswa imali kahulumeni ngayo sekufanele kubonakale kwizidingo zomphakathi, kusho umcwaningimabhuku. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUNOMEHLUKO omuhle endleleni okuphathwe ngayo imali kahulumeni ngonyaka wezimali u-2021/22 njengoba yandile iminyango kahulumeni ethole imibiko yezimali emihle. Nokho kusadingeka ukuthi kuqiniswe isandla ekuqikeleleni ukuthi loku kuholela ekuphuculeni indlela izidingo zomphakathi ezihlinzekwa ngayo.
Abalawuli bayayibambezela imboni yobuchwepheshe, kusho izikhulumi. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUFANELE abalawuli bemboni yobuchwepheshe bashintshe indlela abenza ngayo izinto ukuze bayeke ukubambezela izinto ezintsha ezizothuthukisa imboni ne-Afrika. Leli yikhwelo elihlatshwe yizikhulumi kwi-Africa Tech Festival ebiseCape Town International Convention Centre kusukela mhla ka-7 kuya mhla ka-10 Novemba 2022.
Intshisekelo yokulwa nesihlava sokuhlukumeza yenze basungula i-app elekelela abantu baphephe. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE
UKUHLUKUMEZA abantu besifazane, izingane, abanebala elimhlophe nabathandana nabanobulili obufana nobabo ngezinye zezinselelo ezinkulu ezibhekene neNingizimu Afrika. Yilesi sihlava nesigameko sokuthumba amantombazane esikole awu-276 eChibok, eNigeria, ngo-2014 okugqugquzele abanikazi beGreeneye Consortium … Read More
Umnotho waseNingizimu Afrika uzulelwa ngamanqe ngengozi entsha. USLINDILE KHANYILE uyabika
ZINGAHLE zande izinselelo ezithwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika njengoba sekuvele ukuthi maningi amathuba okuthi ifakwe ohlwini okukleliswa kulo amazwe athathwa njengayigcini imiyalelo ebekwe yiFinancial Action Task Force (iFATF) elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi i-grey list.
Izikhulumi engqungqutheleni zithe akubhukulwe ngokuphindiwe ukuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.
Izingqapheli zixwayisa ngokuthi abathengi basazodonsa kanzima njengoba nemalimboleko kubhekwe ukuthi inyuswe. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUSAZOTHATHA isikhathi ngaphambi kokuthi amanani okudla nokubiza kwezinye izinto, okudalwa wukwehla kwamandla emali kuyeke ukuqonga, kanti kudingeka ukuthi abathengi bazibambe ziqine ngoba nophethroli kulindelwe ukuthi unyuke ngamawala ngenyanga ezayo, ngaphandle uma uhulumeni uzophinde ungenelele.
Usengozini umnotho waseThekwini ngoba isenkulu ingozi yezikhukhula ngaphandle uma kutholakala isisombululo ngokushesha. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUZOTHATHA izinyanga ezintathu ngaphambi kokuthi umnotho waseThekwini usebenze ngendlela obusebenza ngayo ngaphambi kokuhlasela kwezikhukhula ezibhoke ngesonto eledlule. Loku kulindeleke ukuthi kwehlise umnotho wedolobha ngo-1.8% njengoba idolobha lilahlekelwa wuR28 million ngosuku ngenxa yokuvalwa kwamabhizinisi ungakabalwa umonakalo owenzeke kwingqalasizinda.
Yiphupho nje elingeke lifezeke ukulawula intengo kaphethroli, kusho ongoti. USLINDILE KHANYILE uyabika
AKUKHO okutheni okungenziwa wuhulumeni ukulawula intengo kaphethroli ngoba ingxenye enkulu yayo yilena engekho ezandleni zawo njengoba kuya namandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Kunjalo nje mancane namathuba okuthi ayeke ukubamba intela exhasa iRoad Accident Fund (iRAF) neSouth African National Roads Agency (iSanral).
Kuthiwa zinhle izinhlelo zokwethula ugesi ongaphehlwa ngamalahle inqobo nje uma zizovikela imisebenzi. USLINDILE KHANYILE uyabika
IZOLO kuphinde kwaqala ukucishwa kukagesi eNingizimu Afrika ngokwesigaba sesibili, nokuyinto u-Eskom othe izoqhubeka kuze kube wuMgqibelo. Lesi simemezelo sale nkampani ephehla ugesi siphinde sakhombisa ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuthi izwe lithole ezinye izindlela zokuphehla ugesi.
Ongoti babheke ngabomvu udaba lwesibonelelo sikaR350 kwisabelomali saphakathi nonyaka. USLINDILE KHANYILE uyabika
NGESONTO elizayo uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwethula isabelomali sakhe sokuqala. Nakuba isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, iMedium-Term Budget Policy Statement, kungesiso esokwenza izinguquko ezitheni kodwa zikhona izinto ongoti ababheke ngamehlo abomvu ukuthi uzothini ngazo.
Kuleli sonto eligqugquzela ukuhlelwa kwemali uSLINDILE KHANYILE uxoxe nongoti abakucebisa ngokwenza loku kahle
NGOMSOMBULUKO izisebenzi zenye yezimboni ezinkulu eNingizimu Afrika, imboni yokusansimbi, ziqale isiteleka ngoba zifuna ukunyuselwa amaholo ngo-8% ekubeni umqashi ubeke etafuleni u-4.4% kulo nyaka. Amalungu iNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) athe azoteleka umqashi aze agobe uphondo njengoba ethe ngonyaka odlule azwelana naye ngesikhathi kungasebenzeki ngenxa yeCOVID-19.
Kuyathokozisa ukubona ukubambisana okuhle phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso
NAMI ngifisa ukuphosa esivivaneni ekwemukeleni umengameli omusha weBusiness Unity South Africa (iBUSA) uSolwazi uBonang Mohale nephini lakhe uMnu u-Adrian Gore. Bathatha izintambo ngesikhathi esimqoka. Bangabaholi amava abo aziwayo futhi banaso sonke isipiliyoni sokuthi kudingekani ukuze amabhizinisi asimame futhi asize iNingizimu Afrika ukuthi iphumelele.
Lukhulu lubhekwe kuGodongwana onconywa wongoti ngokuba namava nesisoka. USLINDILE KHANYILE uyabika
UNGQONGQOSHE omusha womNyango wezeziMali unawo wonke amava adingekayo kumuntu ophethe lesi sikhundla. Uyaziqonda izimiso zomnotho kanjalo nemigomo yenhlangano ebusayo i-ANC.Kuphela nje osekuzocacisa ukuthi uyaphumelela yini wukuthi izomeseka yini inhlangano yakhe ezinqumweni azithathayo nokuthi unomgogodla kangakanani.
Ungoti uthi akufanele basolwe osomabhizinisi abazophosa ithawula, bashaye bachithe uma sebekhokhelwe wumshwalense. USLINDILE KHANYILE uyabika
IZINKAMPANI eziningi sezikhiphe imiyalezo ezibophezelayo ekwakheni kabusha nasekuvuseleleni izitolo ezilimale ngenxa yezibhelu zangesonto eledlule. Nokho bakhona abazophosa ithawula kanti akufanele basolwe abasolwe ngalokho. Usho kanje ungoti wemboni yezakhiwo, uNksz uLynette Ntuli, oyisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions.
Amanye amabhizinisi ngeke esavuka ngemva kwezibhelu zokutapa. USLINDILE KHANYILE uyabika
“BAYISHISILE indawo yami kodwa abalushisanga uthando lwami. Ngizovuka noma ngingazi ukuthi kuzongithatha isikhathi esingakanani kodwa khona ngizovuka. Okubuhlungu nje wukuthi ukushayeka kwami wukushayeka (kwezisebenzi zami) futhi uma ngithatha isikhathi eside ukuvuka kusho ukuthi (nazo zizohlupheka) isikhathi eside.”
Kuntwela ezansi ngokuvuseleleka komnotho kodwa ukucinywa kukagesi kuyayikhinyabeza le mizamo. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUNEZIMPAWU eziletha ithemba ngokuvuka komnotho eNingizimu Afrika kodwa ukuqhubeka kokucinywa kukagesi kuyalishabalalisa leli themba ngoba kubonakala ukucinywa kukagesi kuyinto esazoqhubeka. Lona wumbono wongoti abaphawula ngezibalo ezisanda kukhishwa yiStatistics South Africa, … Read More