Category: Inkunz’ emidwayidwa
Unoxhaxha lwezitifiketi emikhakheni eminingi osekhaleni lokuguqula indlela ezobuciko ezibukwa ngayo. Uxoxe noLANGA KHANYILE
EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akufuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewubuthisha.
Kwamsiza ukuba nabamcathulisayo osekhulise enye yezinkampani ezihlonishwayo kwezokukhangisa nokuxhumana. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela yokwenza umsebenzi ehlelekile, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.
Owakhuliswa ngabazali abasebenza emphakathini uhamba ezinyathelweni zabo futhi ufeza iphupho lakhe nelewele lakhe eselenda. Uxoxe noLANGA KHANYILE
NGEMVA kweminyaka esebenza emkhakheni wamabhange, ukusebenzela izikhondlakhondla zamabhange amabili eNingizimu Afrika, ukudla umhlanganiso ngemiklomelo emikhulu namathuba okusebenza embonini ezimele umakadebona emkhakheni wamabhange usegxile obizweni lwakhe – ukuletha ithemba lapho amathuba eyivelakancane khona.
Ngesonto elidlule obeyisikhulu esiphezulu eTelkom uthe khumu esikhundleni, wedlulisa izintambo kuMnu uSerame Taukobong. Unconywa ngapha nangapha ngamagalelo akhe kule nkampani kahulumeni yezokuxhumana. Ngezinye zezinto azenzile, sichicilela kabusha ingxoxo aba nayo noMbele ngo-2020. Waxoxa noSLINDLILE KHANYILE
UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.
Uneminyaka eyivile kwengu-20 angena embonini yezakhiwo oke waphatha nasezinkampanini ezinkulu, njengokusho kukayise. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
UMLOMO uyadala. Sisho njalo isiZulu. Kube njalo empilweni kasomabhizinisi osemnkantshubomvu emkhakheni wezakhiwo, ugesi namanzi. Ekhula uyise wayehlale ethi kumele afundele umsebenzi ophathelene nokuphatha amabhizinisi khona ezokhombisa abantu bezinkampani ezinkulu ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.
Owafundela omunye umkhakha unobizo lokukhiqiza osomabhizinisi. Manje usengene shi ekusunguleni izikole ezizimele ezicija ingane ikwazi ukubhekana nezinselelo zesikhathi esiphila kusona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
“INGANE ephume kimina nginesiqiniseko sokuthi ngeke ihlale ekhaya iswele umsebenzi ngoba ifundiswe ukucabanga ngendlela ethize, ifundiswe ukuqala ibhizinisi, ifundiswe ukuphatha ibhizinisi, ifundiswe ukuthi izimele. Ingahlala izinyanga ezimbalwa ingasebenzi kodwa ngeke ihlale isikhathi eside ngoba izobe imatasa icabanga, ihlanganisa uhlaka lwebhizinisi ezolenza nako konke ekudingayo ukuze iphumelele empilweni. Uma iqashwa kuhle (simbonge) uNkulunkulu kodwa uma kungenzeki ngeke ihlale ekhaya ngoba (izingane) sizifundise ukuthi zicabange.”
Usewuqweqwe lukasomabhizinisi owaqala ngokusebenza esitolo sikayisemkhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
ABAHOLI bezinkampani bangesabi ukuvulela izisebenzi isifuba futhi baveze obala yonke into uma kusuke kunezinselelo ngoba isikhathi esiningi yiyona ndlela yokuthi bathole amaqhinga amasha. Loku kuyasiza nangokuthi izisebenzi zibathembe futhi zisebenzisane nabo ekutholeni izixazululo zenkinga esuke ikhona ngaleso sikhathi.
Kukho konke akwenzayo ugqugquzelwa wukuletha uguquko ezinhlakeni zomnotho njengoba ethi umthetho weBEE uyabatotosa labo okumele badedele amatomu omnotho. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngeBEE, ubuholi nokunye
ESEPHOTHULE umatikuletsheni wathola itoho lokuba wumabhalane nelokuba wuthisha ukuze ezoqongelela imali yokuya enyuvesi. Kubangani bakhe abase bevele besenyuvesi kukhona ababemxoxela ngendlela i-Accounting elikhuni ngayo futhi babethi akekho ophothula iziqu zakhona ngesikhathi esibekiwe okuyiminyaka emithathu.
Lolu qweqwe lukasomabhizinisi lufakazela isisho esithi ubudoda abukhulelwa. Nakuba esemncane kodwa uwumakadebona emkhakheni wamabhizinisini. Uxoxe noLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe
KUNEZINTO ezimbalwa eziqapheleka ngesikhulu esiphezulu senkampani egxile kumshwalense nezemfundo. Okokuqala wukuthi ibhizinisi lisegazini kuye. Okwesibili wukuthi unothando lwento ayenzayo. Okwesithathu, nokumqoka, wukuthi uyivulandlela endleleni yokuphatha ibhizinisi, phecelezi i-innovator. Okokugcina wukuthi uyakholelwa emandleni abantu abamnyama ebhizinisini.
Usesebenze ezimbonini ezihlukene kanti konke lapho edlule khona siyabonakala isandla sakhe. Manje la magalelo adume ngawo sekubhekwe ukuthi awasebenzise ukulekelela uMasipala waseThekwini uxhumane kangcono nezakhamuzi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe
UMHOLI ukwazi ukuzuza izinto ezinhle nezinkulu uma enobudlelwano obuhle nabambisene nabo ngoba akuyena ngqo owenza umsebenzi kodwa yilabo abasuke bengaphansi kwakhe. Ngakho kumqoka ukuba nobudlelwano obuhle nobaholayo, ukwazi abakulindele kuwena futhi ukuhloniphe kanti nezwi lakho ulisebenzise.
Ukuxakwa yizindlela zezinkampani ezinkulu nezazinqinda nenkolo yakhe kwamgqugquzela ukuthi asungule inkampani yakhe, okungenye yezinkulu kwezabantu abamnyama ezicwaninga amabhuku futhi ziluleke ngemisebenzi yobunjiniyela nezokwakha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
KUNEZINTO ezimbili uMnu uZakhele Mkhize, umsunguli we-Entsika Consulting, azifunda ekhuleni kwakhe asabambelele kuzona nanamhlanje. Okokuqala wukuthi zimisele emsebenzini okuhlalele ngaleso sikhathi ungakhathazeki ngekusasa. Okwesibili wukuthi ungasabi ukucela usizo futhi nawe uselule isandla uma omunye umuntu edinga usizo ngoba yiyona ndlela yokwakha ubudlelwano nabantu.
Wenza ezibukwayo eTelkom, inkampani kahulumeni kodwa hhayi ebalwa nezidinga ukutakulwa. UMnu uSipho Maseko uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe
UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.
Ingwevu kwezamabhizinisi ithi abantu abamnyama abangacabangi ukuthi izinto zizobalungela ngenxa yebala labo kuphela kodwa kumele bazikhandle futhi bafunde. Ixoxe noSLINDILE KHANYILE
ABAHOLI abakhona njengamanje eNingizimu Afrika abagculisi neze, abaziphethe kahle futhi abazi lutho. Lona wumbono kasomabhizinisi osemnkatshubomvu, uDkt uReuel Khoza.
UKhoza, ohlonishwa nakwezemfundo ngamagalelo akhe, uthe iningi labaphethe kwezepolitiki kuleli licabanga ukuthi kudingeka ukuthi litoyitoye nje kuphela ukuze libe ngabaholi kanti lokho akwanele nge-21st century.
WENZA ezibukwayo embonini yamanz’ olwandle nakuba kunemicikilisho ewundendende. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe lweminyaka
UMTHETHO ogqugquzela ukuthi kube noguquko kwezomnotho oluzovulela abantu abamnyama amathuba, iBlack Economic Empowerment (iBEE), awuthelanga zithelo ezitheni embonini yezamanzi olwandle ngoba izinkampani eziningi ezikhona ngezakwamanye amazwe nokwenza ukuthi zingayigqizi qakala indaba yalo mthetho ngoba aziwudingi.