Category: Isivuno
Kunempikiswano ngomthetho wezolimo ohlose ukuhlomulisa abalimi abancane. UTEBOGO MOKWENA uyabika
UMNYANGO wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usuthembise iPhalamende ukuthi ukuchibiyela umthethosivivinyo obhekelela imikhiziqo yezolimo i-Agricultural Products Standards Amendment Bill kuzosiza abalimi abasafufusa abahluleka wukuthola amakhasimende kalula.
Nakuba akhula efisa ukuba wumlimi, ufundele omunye umsebenzi ogcine ephelele ekulimeni. Manje uthemba imvula ngezithelo zomhlabathi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU
UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ngemva kokuwufundela kumenze wakhumbula uthando lwakhe lokutshala. UNksz uBongiwe Mchunu waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale ukulima ngo-2021 emva kokuphothula iziqu zokuba wunjiniyela kagesi. Ngale kothando lwakhe lokulima, uNksz Mchunu, … Read More
Abalimi abasanda kubuyelwa wumhlaba bashaya amakhala ngemayini ehlongozwayo endaweni. UMOKGADI MOGY MASHAKO uyabika
EMVA kweminyaka ulindile, umphakathi waseMakhasaneni, KwaZulu-Natali, uthole amatayitela nezinsizakusebenza zokulima zenani elingaphezu kukaR1 billion. Kepha laba balimi sebenovalo lokuthi izinhlelo zabo zokukhula kwezolimo zingase ziphazanyiswe wukuthi kuhlongozwa umsebenzi wemayini endaweni.
IKhomishini yokuNcintisana izophenya ngotaku lwabalimi abasafufusa
UKUZE iqonde ukuthi kungani abalimi abasafufusa beshaywa indiva yizinkampani ezinkulu, iCompetition Commission isiyethule uphenyo lomphakathi oluzobheka ukuthi kungakanani ukuncintisana emakethe, indlela okuklanywa ngayo amanani emikhiqizo, izingqinamba ezibhekana nabalimi, ikakhulukazi abasafufusa.
Wengamele udedangendlale wepulazi oqeqeshelwe ezolimo nosimamayo kule ndima. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
UKUBAMBA ngezandla zombili wonke amathuba awanikwayo kuletha imiphumela emihle kumlimi osemncane. Ayiminingi iminyaka aseyisebenze embonini yezolimo kodwa ukuzikhandla nokuzimisela kwakhe emsebenzini awenzayo kwenze wanikwa isikhundla sokuba yimenenja jikelele yepulazi elikhulu nelinezisebenzi ezingaphezu kuka-500.
Waqaphela ukuthi inkulu indaba emhlabathini ngenkathi ebambe itoho epulazini osenepulazi elithi yena. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
UBEHOLA ibhakede likatamatisi ngenkathi ebamba amatoho emapulazini umlimi osemncane waseMzimkhulu, KwaZulu-Natali. Kepha zishintshile izinto njengoba esephakela amasuphamakethe. UNksz uMbali Bengu, oneminyaka ewu-29, uyisitshudeni saseDurban University of Technology (eDUT), lapho esesemaphethelweni … Read More
Ukudeleleka komlimi ngenxa yeminyaka yakhe nomzimba wakhe akumvimbanga ukuthi afake isivuno sakhe ezitolo ezinkulu. Manje lezi zitolo ezaqala ngokumeya sezidla entendeni yesandla sakhe. Uxoxe noLANGA KHANYILE
LILODWA igama angachazwa ngalo umlimi waseMthatha, eMpumalanga Kapa. Uzulazayithole. Unjalo uNkk uSiphesihle Kwetana, oneminyaka ewu-26. Uma efuna into uyaphokophela aze ayithole. Ngaphezu kokuba wuzulazayithole unesinye isikhali – ukukhulunyelwa wumsebenzi wakhe, … Read More