UMNU uBheki Mkhize, isikhulu esiphezulu seFNB Wealth and Investments, uhola ithimba elinomsebenzi omkhulu wokuqikelela ukuthi imali etshalwa ngamakhasimende abo iphephile, iyakhula futhi ayakuzuza asuke ekuhlosile ngayo.
INHLANGANO yosomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) ihalalisele ubuholi obusha benhlangano ephethe izwe i-ANC, yathi kuyancomeka kakhulu ukubona isibalo sabantu besifazane abakhethiwe.
ESEYINGANE uNkk uThulisile Thokoane wayefisa ukuba wummeli noma isosha ngoba wayekholwa wukuthi yiyona ndlela yokusiza iNingizimu Afrika. Nokho ngesikhathi eba wusomabhizinisi nombhaki, uthole ukuthi uyakwazi ukusiza umphakathini ngokudayisa isinkwa nsuku zonke.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Encane uma kunohambo lwesikole. Kwakuba wuR2. Uma kube uR5 yayisuke iningi kakhulu. Ngiyakhumbula nje ukuthi uR10 ngawunikwa kanye ngifunda u-Grade 9 sihamba nesikole sengifunda amabanga aphezulu.
UKUQONGA kwamanani amafutha okupheka ngenxa yempi yase-Ukraine ngezinye zezinto ezithwalise kanzima abantu baseNingizimu Afrika. Nokho kukhona osomabhizinisi asebeqhamuke nesisombululo sokulekelela abathengi, ikakhulukazi basemalokishini.
UKUTHOLA ibhonasi yinto ejabulisa kakhu kanti yisikhathi sokuthakasela umvozo wokuzikhandla kwakho unyaka wonke. Ibhonasi futhi yithuba lokuthi sikwazi ukwenza ebesifisa ukukwenza okudinga imali. Uma sicabanga ukusebenzisa imali kumele sicabangisise.
IZINHLANGANO zamabhizinisi ahlelekile ziphokophele ukubona iNingizimu Afrika isebenza kahle. Uhulumeni uneqhaza elikhulu ekufezeni loko.
KULELI sonto ngithanda sibheke izindlela abantu abanganciphisa ngayo ukumosha imali ngoKhisimuzi noNcibijane.
UNGQONGQOSHE wokuThuthukisa uMphakathi, ezoLimo, ukuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya neMvelo eGauteng uNks uMbali Hlophe wethule amadela angomahambanendlwana ayishumi.
KUSUKELA ngoJanuwari iminyango kahulumeni izophoqeka ukufaka amabhizinisi amancane uma ikhipha amathenda. Kuzofanele ibhekele kakhulu abanikazi bezinkampani ezisafufusa abebencishwe amathuba.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngikhule ekhaya la imali yayibhekelela khona ukuthi kulale kudliwe qha. Okunye bekugcina. Ngisho kuhanjwa nesikole bengingena ngopotsho ebhasini, phambili ngidle (umphako wabanye).
BAQALE ibhizinisi labo ngonyaka odlule benamaphupho amakhulu okukhula. Amaphupho lawo abawabona esezofezeka njengoba besanda kudla umhlanganiso emklomelweni wosomabhizinisi abasafufusa ahlelwa yihhovisi likaMengameli iPresidential SMME Awards.
UKWEHLA kwamandla emali okuhambisana nokunyuka mawala kwemalimboleko ekubeni umnotho ungakhuli emhlabeni, ugesi ocikizelayo, imiphumela ehambisana nokufakwa kwi-grey list nokungakhuli komnotho waseNingizimu Afrika yizinto ezibeka imboni yezimali engozini enkulu ezweni.
NGENKATHI abantu nezinkampani bekhombisa ukukhathalela imvelo, ukusebenzisa ubuchwepheshe obuvikela imvelo kuya ngokuya kuba yinto ebalulekile kunakuqala. Empeleni imakethe yobuchwepheshe obuvikela imvelo inani lale makethe belingaphezu kuka$10 billion ngo-2020 kanti kulinganiswa ukuthi lizofika ku-$74bn ngo-2030. Ukonga ugesi ngenye yezinto zokuqala lapho ubuchwepheshe bunganciphisa khona umphumela wabo olimaza imvelo.
UBUGEBENGU obuhleliwe buya ngokuya buba yingozi enkulu emnothweni wethu. Benza umonakalo omkhulu ngaphezu kwemigomo emibi noma ukwehluleka ukuhlinzeka abantu ngezidingo.
SESIYA emaphethelweni onyaka. Impela u-2022 awubanga muhle neze emabhizinisini amaningi abantu abamnyama. Ziningi izinto ezingahambanga kahle.
ZIMBILI izinto eziholele umfuyi wezinkukhu nomlimi waseningizimu yaseThekwini kwezolimo – uyisemkhulu ongasekho nendawo adabuka kuyona.
AKAZIHLUPHI ngemisebenzi athi uma eyibheka abone ukuthi awukho umehluko azowenza emphakathini ikakhulukazi ukuphucula impilo yabantu abampofu. Uthi kumqoka kuye ukuthi ethi ebangenisela abanikazi benkampani imali kodwa nempilo yabantu ibe ngcono.
UMTHUNGI owakhuliswa wugogo wakhe owayebakhroshela amajezi ebusika uhamba ezinyathelweni zikagogo wakhe.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ekhaya imali wawungaphiwa, wawuthengelwa okucelayo. Uma kwenzekile wayinikwa wumuntu, wawubuzisiswa ukuthi ubekusuke ngani maqede ithathwe kuwe ngoba kwakuthiwa ingane ethanda imali izofunda ubugebengu.
KUNOMEHLUKO omuhle endleleni okuphathwe ngayo imali kahulumeni ngonyaka wezimali u-2021/22 njengoba yandile iminyango kahulumeni ethole imibiko yezimali emihle. Nokho kusadingeka ukuthi kuqiniswe isandla ekuqikeleleni ukuthi loku kuholela ekuphuculeni indlela izidingo zomphakathi ezihlinzekwa ngayo.
EMBANGWENI yemiholo, izinyunyana zifuna kugxilwe kuphela ezingxoxweni eziphakathi kwezisebenzi nabaqashi. Azifuni ezinye izinhlaka ezinjengomphakathi nosomabhizinisi zingenelele odabeni oluthinta amaholo.
NGEMPELASONTO edlule kuqale iNdebe yoMhlaba yebhola. Kimina kuvuke isasasa elalikhona ngenkathi lemidlalo izodlalelwa eNingizimu Afrika. Ngizibuze ukuthi ngabe mangaki amathuba ebhizinisi iQatar ewavulele osomabhizinisi bakhona, njengoba inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFIFA ithe ilindele ukwenza inzuzo ewu-$3 billion emva kwale midlalo.
UKUHLASELA kobhubhane iCOVID-19 kusazwela kwezinye izingxenye zemboni yezolimo kanti izinselelo le mboni ebhekene nazo sezengezwe yimpi yeRussia ne-Ukraine eholele ekushodeni kukagesi emhlabeni nokwehla kwamandla emali.
NGELINYE ilanga umndeni wakwaGopal waseGoli, eGauteng, wawuhleli nezihlobo nabangani kuphekwe ukudla okunomsoco nokuconsisa amathe kodwa ezinye izivakashi zazifisa okubabayo ekudleni kwazo.
UKUBONA impilo entofontofo ephilwa wuyisemkhulu noninakhulu ngenxa yempesheni abayihola esikhwameni sempesheni sezisebenzi zikahulumeni ngenye yezinto ezimgqugquzelayo emsebenzini wakhe, ezimenza awuhloniphe futhi aqonde ukubaluleka kwawo.
Usakhula wawuphiwa imali?
Kwakuthukela nje ngithole uR1noma uR2, kodwa kwakungajwayelekile.
ZININGI izinto okungabe zisebenza kangcono futhi ngokushesha kuhulumeni ukube uphiko oluqondene nokuqhamuka nezinto ezintsha kusetshenziswa ubuchwepheshe lunegunya lokuphoqa iminyango kahulumeni ukuthi isebenzise izindlela ezintsha.
UKUVELELA embonini okuncintiswana kuyona kakhulu njengeyamadayimane akulula kodwa emva kweminyaka ewu-14, izelamani seziphumelele.
NJENGOBA umhlaba wonke ugubha i-International Fraud Awareness Week, eqale mhla ka-13 kuya mhla ka-19 Novemba, kuhle ukukhumbula ukuthi amaqola angakuthola noma nini noma kuphi. Yazi okufanele ukuqaphele uma usebenzisa ubuchwepheshe.
IMBONI yethu yezezimali yiyona ehamba phambili eNingizimu Afrika. Asivamile ukukhuluma ngezinhlekelele esizigwemile uma siqhathanisa nendlela esigxila ngayo emigodini esiphonseke kuyona.
NGESONTO elidlule ngikhulume ngendaba yokwenza isiqiniseko sokuthi sibandakanya intsha kuyo yonke into esiyenzayo. Kuleli sonto ngithanda sibheke izindlela eziningi zokwakha amathuba emisebenzi ezindaweni zakithi singabantu abamnyama.
MANINGI amathuba okuchuma komsebenzi wabalimi nabafuyi kodwa kukhulu abangakuzuza uma besebenzisa ubuchwepheshe.
KWAPHELA iminyaka eyisishiyagalolunye engakwazi ukuyofundela umsebenzi emva kokuphothula uMatikuletsheni.
ABANYE abantu abalutholi usizo nentuthuko kwezinye izingxenye zase-Afrika ngenxa yokuthi akufinyeleleki kalula kubona ngoba bengenakheli. Ukungabi nakheli kwenza ukuthi baphuthelwe ngamathuba atholakala ngenxa yobuchwepheshe besimanje.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Thina ekhaya sasihlupheka kakhulu, nganginganikwa imali. Ngisho nasesikoleni ngangiphatha ukudla okusale ngayizolo.
IZINKAMPANI ezisafufusa zisala ngaphandle uma kukhulunywa ngezinto ezihlose ukuthuthukisa zona kanti abantu bezinkampani ezinkulu bayathanda ukuzikhulumela, okuyinto engalungile.
KUKLONYELISWE osomabhizini bezobuchwepheshe kuma-15th Africa Tech Festival Awards, ngoLwesithathu eCape Town International Convention Centre eNtshonalanga Kapa ngoLwesithathu, usuku lwesibili lwale ngqungquthela esineminyaka ewu-25.
KUFANELE abalawuli bemboni yobuchwepheshe bashintshe indlela abenza ngayo izinto ukuze bayeke ukubambezela izinto ezintsha ezizothuthukisa imboni ne-Afrika. Leli yikhwelo elihlatshwe yizikhulumi kwi-Africa Tech Festival ebiseCape Town International Convention Centre kusukela mhla ka-7 kuya mhla ka-10 Novemba 2022.
BANINGI abantu abanamaselula e-Afrika kodwa lokho kukodwa akusho ukuthi kuzokwenza bakwazi ukubamba iqhaza futhi bahlomule emathubeni azoqhamuka ngenxa yokuthuthuka kobuchwepheshe besimanje iFourth Industrial Revolution.
UDISEMBA ususemnyango. Uyisikhathi lapho abantu benza khona izinto ezingenamqondo ngemali abayisebenzele kanzima unyaka wonke. Yisikhathi lesi imindeni emningi esuke inemali eningi kunejwayelekile ngenxa yamabhonasi nezitok’fela.
INGQUNGQUTHELA iCOP27 eqale kuleli sonto eSharm el-Sheikh, eGhibhithe, ibalulekile kwiNingizimu Afrika.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi yimiphi imizamo esingayenza ukusiza intsha yethu ingasweli imisebenzi uma isiqede uMatikuletsheni nasezikhungweni zemfundo ephakeme.
IMBONI yenkukhu yaseNingizimu Afrika imi ngomumo futhi inamandla yokusabalalisa inkukhu emhlabeni, nokho kunezingqinamba ezimbalwa eziyinqinda ukuthi idlondlobale ukusabalalisa inkukhu phesheya.
UWUMUNTU owayemangala uma ebona abangani bakhe bexakwe yizinselelo zokuzisebenza. Uthi wayengaqondi ukuthi bazihluphekiselani kangaka esikhundleni sokuthola umsebenzi ozobaholela kahle baphume osizini.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, kodwa hhayi njalo.
ISIKHWAMA sezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees Pension Fund (iGEPF) sikwazile ukumelana nezinselelo ezihlasele umnotho waseNingizimu Afrika sakhula ngo-9.6% safinyelela kuR2.3 trillion ngonyaka wezimali ka-2021/22.
UKUNGASEBENZI kahle kwezinhlaka zikahulumeni kuyazwela kakhulu kosomabhizinisi. Maningi kakhulu amafemu nezinkampani okuvalayo noma esezizovala unomphelo ngenxa yokungasebenzi kahle kwezinto komasipala, ngaphezu kwemiphumela emibi lokhu okuvele kunayo empilweni yabantu.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuxhumana okungcono eNingizimu afrika ngobuchwepheshe. Emhlabeni wonke amazwe athuthukayo kwezomnotho axhumana kangcono.
ABALIMI ababencishwe amathuba kungenzeka bahlomuhle ngoR6 billion eminyakeni eyishumi ezayo esikhwameni esisha esethulwe umNyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ngokubambisana neBhange loMhlaba.
EKHULA wabona ukuthi indlela abantu abaphila ngayo eNingizimu Afrika ayifani, okwamgqugquzela ukuthi afune ukwenza izinto ngendlela ehlukile waze wagcina esewusomabhizinisi.
OWAKHULISWA wugogo owayeyiphanta kwatshala uthando lokusungula ibhizinisi kuMnu uKwazi Zulu waseThekwini. Ugogo wakhe wayondla umndeni omkhulu ngokudayisa iziqeda.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Awu! Kukancane impela. Ngangingaphiwa.
ABANTU besifazane ababili baseNingizimu Afrika abasembonini yezobuchwepheshe basethubeni lokuwina emiklomelweni ebungaza abakule mboni ama-Africa Tech Festival Awards.
UMNOTHO awukwazi ukukhula uma kudlange ubugebengu, okungakho kumqoka ukulwa nalesi sihlava. Usho kanje uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngenkathi ethula iSabelomali iMedium Term Budget Policy Statement izolo.
UHULUMENI umemezele izinhlelo zokutakula amabhizinisi kahulumeni axhugayo ngezindlela ezihlukene okuthiwe zizohambisana nemibandela eqinile ngaphambi kokuthi ahlinzekwe ngemali kanjalo noma eseyitholile.
NAKUBA abatshalimali bebona iNingizimu Afrika iyindawo enhle yokutshala imali kodwa abaneme ngezinguquko ezishaya ngonyawo lonwabu. Lo myalezo ucacile esidlweni sakusihlwa iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ebisihlelele i-2020 Investment Association esisanda kubakhona.
KADE ngilalele omengameli abadala baseNingizimu Afrika besina bededelana ngezinkulumo bechaza ukuthi yini eyenza izwe lingasebenzi ngendlela okufanele ngabe lisebenza ngayo. Ngamunye ubeke uvo lwakhe ngakholwa wukuthi kuyimbangela yesimo esikuso manje.
ABALIMI abatshalela ukuziphilisa bona nemindeni yabo bangasiza ukulwa nesihlava sokushoda kokudla ezindaweni ezisemakhaya nasemalokishini.
KUBHEKWE isisombululo esizolungisa inkinga yokucinywa kukagesi uma uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana esethula iSabelomali esisuke sibheka iminyaka emithathu ezayo iMedium Term Budget Policy Statement (iMTBPS) kusasa.
UKUHLUKUMEZA abantu besifazane, izingane, abanebala elimhlophe nabathandana nabanobulili obufana nobabo ngezinye zezinselelo ezinkulu ezibhekene neNingizimu Afrika. Yilesi sihlava nesigameko sokuthumba amantombazane esikole awu-276 eChibok, eNigeria, ngo-2014 okugqugquzele abanikazi beGreeneye Consortium … Read More
UNEMINYAKA ewu-17 vo kodwa usenamateki akhe. Ngemva kokuqaphela indlela abantu baseNingizimu Afrika asebethenga ngesasasa amateki enziwa ekhaya, wethule amateki abizwa ngeDapper kulo nyaka.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa imali ngabazali bami kodwa ngathi uma ngiqala esikoleni samabanga aphezulu, umama wangifaka ejalidini ayesebenza kulona. Ngagcina lapho-ke ukucela imali.
UMA ufisa ukuba nebhizinisi ungalindi uze ube nemali futhi ungafuni ukuqala ngoba nakhu uzokwazi ukwenza into enkulu, qala ngokuncane onakho.
UMSHWALENSE wezempilo wezisebenzi zaseposini iMEDiPOS bathi uma kuqhubeka bengakhokhelwa imali ngesikhathi noma ephelele le nkampani isengozini yokuwa.
OSOMABHIZINISI badinga imithetho eqinile elwa nokushushumbisa imali nokugadwa. Kubalulekile esithunzini sezwe nasendaweni osomabhizinisi abasebenzela kuyona ukuqinisekisa ukuthi kuyathenjwana futhi abantu baziphatha kahle.
WAYEFISA ukuba wudokotela ohlola izidumbu kodwa akawatholanga amamaki anele ngesikhathi kuMatikuletsheni. Kwaba yiseluleko sikaninakhulu esamkhomba kwezolimo, umkhakha ayengawucabangi nhlobo kanti uzothola ubizo lwakhe.
ABAHOLI nongoti bezobuchwepheshe emhlabeni bazobuthana ukuzogubha iminyaka ewu-25 kwasungulwa i-Africa Tech Festival eCape Town International Convention Centre phakathi komhla ka-7 no-11 Novemba 2022.
UKUTHOLA umsebenzi phesheya kwezilwandle kwamvulela amathuba uNksz uNonkululeko Sibisi kodwa ngemva kokuvaleleka eNingizimu Afrika ngenxa yobhubhane iCOVID-19, wakhumbula ayekuthanda kusukela kudala.
UKUKHUMBULA into eyashiwo wuthisha owayemfundisa izibalo, okwaba nesandla emkhakheni agcina ewuthathile.
Usakhula wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa.
NGENKATHI uNkk uLiana Mongetane-Petersen engena endimeni yamabhanoyi, wafica kugcwele amadoda abelungu. Loku akumthenanga amandla njengoba akhetha ukuba nento azozihlukanisa ngayo ngokungagcini ngokuba Wumshayeli wamabhanoyi kuphela kodwa ngokuphinde abewumqeqeshi kule mboni.
ZINGAHLE zande izinselelo ezithwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika njengoba sekuvele ukuthi maningi amathuba okuthi ifakwe ohlwini okukleliswa kulo amazwe athathwa njengayigcini imiyalelo ebekwe yiFinancial Action Task Force (iFATF) elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi i-grey list .
ESIKHATHINI esiphila kusona manje, yonke into ixhumene futhi isebenza ngobuchwepheshe, yingakho ukuzivikela ngendlela efanele kwezobuchwepheshe, phecelezi i-cybersecurity, kubalulekile njengokutshala imali, ukuba namakhono ahlukene, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuba nabaphathi abafanele ukuze ibhizinisi liphumelele.
INKINGA ebhekene nomnotho wethu esiloku sizama ukuyilungisa nesiyenze ukuthi kuphele iminyaka intsha iswele imisebenzi futhi kwehla nemali engenayo iminyaka eyisishiyagalombili idinga ukuthi sibambisane sonke.
KULELI sonto ngithanda sibuke izinguquko ezenziwa yizinkampani emva kwesikhathi eside zihweba kunoma ngabe iyiphi imboni ezikuyona.
BAPHEZU komkhono bonke eMaswele Farm. Abantu besifazane bamatasa bavuna u-green beans kudedangendlale wensimu. Eduze amadoda abeka ngononina amakesi katamatisi azolandwa ngamakhasimende.
IBHANGE iFNB lithi izimisele ukunyusa isibalo sabantu abalungiselela ukuthatha umhlalaphansi kahle sibe phakathi kuka-60% no-70%.
UKHULELE emndenini okhonze ezemidlalo kangangokuthi njalo ngeSonto babethi uma bephuma enkonzweni babazi ukuthi bazobuka ibhola nesibhakela.
UDADEWABO wabuya engawuvali umlomo kade eyobuka ifestiveli ye-jazz eMpumalanga Kapa emva kokubona ama-briefcase esikhumba athungwe ngesandla.
UKUBONA izinkampani abaqale ukuzisiza zikhula ekubeni inkampani ephethwe umuntu oyedwa, zigcine seziqashe abanye abantu futhi zinabele nakwezinye izindawo yiyonanto ebajabulisa ukudlula imali abayenza ngebhizinisi labo.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Sasingaphiwa imali sisebancane kodwa sasithengelwa eGoli noma eDundee, kwazise nezitolo zazikude eMahlaba.
UKUTHANDA ukuba yisosha elizikhuzayo, ivuso lokuqasha abantu besifazane nokunqanda intsha yangakubo ukuthi ingangeni ezintweni ezibhedayo kwenza ukuthi asungule inkampani ekhiqiza ifenisha ngokuvuselela amathayi amadala namapulangwe.
AMALUNGU ebhodi entsha ezokwengamela i-Eskom anamava nesithunzi futhi kuxutshwe kahle abantu abanamakhono ahlukene. Loko kukodwa akusho ukuthi bazophumelela ukulekelela ukuguqula izinto kule nkampani kagesi ethwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika.
MNINGI umsebenzi owenziwayo ukunciphisa amathuba okuthi inhlangano elwa nokukhwabanisa imali nokunika amaphekulazikhuni imali emhlaben iFinancial Action Task Force (iFATF) iklelise iNingizimu Afrika njengezwe elingenzi kahle ukuhlonipha lo mthetho, phecelezi i-grey listing.
KULELI sonto ngithanda ukuthi sibheke indaba yokuqala ibhizinisi usukhulakhulile. Ngike ngafunda olunye udaba kwi-Forbes Magazine obelukhuluma ngocwaningo oluveze ukuthi abantu abaqala ibhizinisi sebekhulile bayaphumelela kunabaqala besebancane.
UGXUME wahlala uma ethola ithuba lokukhulisa ibhizinisi lakhe elithungela izikole, amaqembu epolitiki, abasebenza ezibhedlela nosomabhizinisi abafisa ukukhangisa amabhizinisi abo.
UTHANDO ngomlando wabantu base-Afrika nobuciko sekumvulele iminyango eminingi namathuba ebhizinisi umbhali, usomabhizinisi nentatheli esimnkantshubomvu.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngangizilusela izinkomo ukuze ngibe nayo. Akekho owayengipha ngoba umama wayengasebenzi kanti ubaba wayesashona.
UYICIKO elikholelwa wukuthi kubalulekile ukuvuselela impahla ebisithathwa njengemfucuza bese isetshenziswe kabusha. Uthi ukwenza loku kungalondoloza imvelo kuhlomule izizukulwane ezizayo.
UBUCHWEPHESHE besimanje buvule amathuba emisebenzi emisha, ikakhulukazi entsheni njengoba kuyiyo ebusebenzisa kakhulu. Eminye yale misebenzi ethinta ukuhlanganisa izindaba ezihlukene imvamisa ezisatshalaliswa ngezinkundla zokuxhumana.
BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi nabantu kwindumezulu yomcimbi ohlanganisa osomabhizinisi minyaka yonke eThekwini iDurban Business Fair (iDBF) e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (i-ICC) naseDurban Exhibition Centre, ephele ngeSonto.
KUBE kuhle ukubona kuphothulwa izivumelwano ezintathu zomsebenzi wokukhiqiza ugesi ovuselelwayo. Ngalezi zivumelwano kuzokwengezwa ugesi ongu-420MW ozophehlwa ngomoya. Loku kuyingxenye encane yokulungisa inkinga kagesi kodwa kusho lukhulu.
IZOLO bengimenywe komunye umcimbi obuhlelwe Icebolethu Group, ephethwe uNksz uNomfundo Mcoyi. Ubuhlanganise osomabhizinisi abaningi bakwaZulu-Natali nabawongoti emikhakheni yabo ehlukene.
NAKUBA uNkk uBusisiwe Mgangxela eqale ukusebenza eqeqesha onesi kodwa ugcine ebonile ukuthi ufisa ukuziphilisa ngokuzisebenza nokuzimela. Ugqugquzelwe nawuthando lwakhe lokudla okunomsoco nokusebenza embonini yezempilo ukusebenzisa ikhono lakhe kwezolimo.
UPHOKOPHELE ukulwa nezifo ezingamahlalakhona, ikakhulukazi esikashukela. Le ntshisekelo imenze waqala ukufundisa ngokunakekela impilo kodwa ngokuhamba kwesikhathi wanquma ukufaka isandla ekusizeni abantu ukuthi bazinqande ngokukhiqiza ukudla okuzosiza ukwenza loku.
IMBONI yemfashini ihlale ihlomula kwiDurban Business Fair (iDBF). Kube njalo nakwiDBF yalo nyaka ebise-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (e-ICC), ephothulwe izolo.
You cannot copy content of this page
Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.