Nakuba abaThwa bekhule betshala i-rooibos futhi benolwazi olunzulu ngaleli tiye elidume umhlaba wonke kodwa insila yobandlululo ibavalele ngaphandle. Nokho bakhona abalimi abasafufusa abazamayo ukukuguqula loku. UGUGULETHU KHUMALO uyabika ngokulwela igugu labo

Share this now

EKHULA, eseyibhungu, eCederberg, eNtshonalanga Kapa, nedume njengekomkhulu letiye i-rooibos emhlabeni, ayikho enye into ayeyazi futhi eyithanda njengaleli tiye uMnu uBarend Salomo.

Sisho ukuthini isinqumo seNkantolo yokuDlulisa amaCala ngokukhishwa kwamathenda?, kuloba uNtokozo Biyela

Share this now

ININGIZIMU Afrika isuka kude nokulwa nokubandlululwa kwabantu abamnyama kwezomnotho. Uma futhi ubheka kusekude phambili uma izinto zenzeka ngalolu hlobo. Ngesonto eledlule iNkantolo yokuDluliswa kwaMacala ikhiphe isinqumo sokuthi umthetho ovuna osomabhizinisi abamnyama, iPreferential Procurement Policy Framework Act uma kucutshungulwa umsebenzi wamathenda akhishwa wuhulumeni awuhambisani noMthethosisekelo wezwe, ngakho kufanele ubuyekezwe.

Uneminyaka emine eqalile kwezolimo kodwa ugila izimanga. Uwola imiklomelo, ungafunga ukuthi selokhu kwathi nhlo, yiyona nto ayenzayo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngezindlela ezintsha zokulima ezisebenzisa ubuchwepheshe

Share this now

WAYENGAKAZE aziphuphe ewumlimi futhi wayengazitsheli ukuthi yimboni umuntu ofana naye angangena kuyona ngoba wayecabanga ukuthi ngeyabantu abacebile futhi abakhule vele emakubo kunamapulazi.

SEKUYIVELA kancane ukubona amabhizinisi aphethwe yimindeni ethize ezindaweni zabantu abamnyama njengakudala kodwa loko akusho ukuthi ayisekho imindeni enamabhizinisi. Zithini izinselelo ezibhekana nalolu hlobo lwamabhizinisi ngalesi sikhathi, USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

NGESIKHATHI uNkk uNkateko Mabindisa enquma ukuthi uzojoyina umyeni wakhe ebhizinisini labangcwabi, elase lineminyaka likhona, wayengazi ukuthi uzosukela isidleke sezinyosi esizobatinyela size sibaxoshele nezisebenzi ezazibona ukuthi indlela “entsha” enza ngayo ngeke ziyimele.

Kumele kuthuthukiswe ingqalasizinda e-Afrika futhi kubuyekezwe indlela ezokuthutha umphakathi ezihlelwe ngayo ukuze zibe nomthelela omuhle kwezomnotho. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

IZIKHUNGO ezibhekelele ukuxhasa amabhizinisi ngemali kumele zibe yingxenye yesisombululo sokuthuthukisa ezokuthuthwa komphakathi eNingizimu Afrika.

Uthi kwamsiza ukusebenza nabantu abadala futhi abazi ngaphezu kwakhe. Lo somnotho osesebenze emikhakheni eyehlukene uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

Share this now

ENEMINYAKA ewu-26 wacelwa owayenguNgqongqoshe wezokuThutha ongasekho uMnu uDullar Omar ukuthi abe wusihlalo wokuqala omnyama webhodi yenkampani ebhekelela indawo okuhamba kuyo amabhanoyi emoyeni, i-Air Traffic Navigation Services(i-ATNS).

Izinyunyana zithi yimbudane ukuthi kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwazo nohulumeni mayelana nokungayinyusi imiholo yezisebenzi zikahulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

AZIKHO izingxoxo eziqhubekayo phakathi kukahulumeni nezinyunyana mayelana nokumisa ukunyusa imiholo yezisebenzi zikahulumeni futhi ngeke zibe khona uhulumeni engakasifezi sonke isivumelwano sokunyuswa kwemiholo esasayinwa ngo-2018.

Izinselelo iNingizimu Afrika ebhekene nazo azisho ukuthi izwe kumele liqhubeke nokucwila ezikweletini. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

ININGIZIMU Afrika ilindele ukuthi imali eyikweletayo inyuke isuka kuR4.1 trillion ngo-2020/21 ifinyelele kuR5.5 trillion ngo-2023/24, nokuzoba ngu-95% wenani lo mnotho noma i-gross domestic product (iGDP), lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni.

Ngabe kukhona okuhlukile amabhange azokwenza ukusabela kwikhwelo likaMengameli uCyril Ramaphosa okhale ngokuthi incane imali asabolekise ngayo ukufukula amabhizinisi akhahlanyezwe yiCOVID-19? USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

ASHONA ezintangeni amabhange amathathu kwamane amakhulu ezweni uma ebuzwa ukuthi yini azoyenza ukuze kwande isibalo samabhizinisi ashaywe yi-COVID-19?

Kusasa uNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni uzokwethula isabelomali saphakathi nonyaka, iMedium-Term Budget Policy Statement. Singalindelani kulesi sabelomali? USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

BEKUFANELE ngabe isabelomali sizokhombisa ukuzinikela kweNingizimu Afrika ekufukuleni umnotho ngokuthi kube khona imali ebhekile ezokwabelwa ukuthuthukisa ingqalasizinda kodwa kunaloko uNgqongqoshe wezeZimali uMnu uTito Mboweni uzoqhubeka nokubopha izifociya.

Ukhulise isikhwama sempesheni sisuka kuR1.4 billion, wasibeka kuR19.5 billion kanti kusasa uzokwethula ihhotela lomntakabani eliwuR650 million. Le nkakha ixoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwayo emkhakheni abampisholo abangandile kuwona

Share this now

EKHULA wayeqaphela umalume wakhe oyedwa owayengafiki njalo ekhaya kodwa uma ekhona wayesuke eswenke econsa futhi ehamba ngohuntshu lwemoto nokwakumchaza kanti nomkhulu wakhe wayemgqugquzela ukuthi akaxoxe nalo malume ezokwazi ukuthi wenzani.

Baphokophele ukwakha izikole ezizimele emalokishini aseNingizimu Afrika njengoba sebezovula esesibili emva kokwakha esokuqala eMlaza. Bathembeni njengoba umnotho uwile? USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

NGONYAKA ozayo inkampani yabantu abamnyama eyakha izikole ezizimele, i-Edinvest Schools, izovula isikole sayo sesibili esizimele i-Etham College eHilton, maphakathi neKwaZulu-Natali.

Kuyagcina kule nyanga ukukhokhwa kukathasi ezibonelelweni zezingane nezaguga njengoba isikhathi esasinqunyelwe zona sesiphelile. Loku kuthiwa kuzozwela njengoba amanani okudla emba eqolo. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

UKUQEDWA kukachatha obufakwe ezibonelelweni zezingane nezabantu abadala kuzokwenza izigidi zabantu zibulawe yindlala futhi kuzolimaza kakhulu abantu besifazane, okuyibona abahlomula kakhulu ngalezi zibonelelo.

Ususe igidigidi kuvela ukuthi uthenge iqembu lePSL AmaZulu. UMnu uSandile Zungu uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngezinhlelo zakhe ngoSuthu nangohambo lwakhe lokuba wusomabhizinisi

Share this now

KUTHIWA kukabilli ngomuntu ofaka imali ebholeni. Okokuqala kuthiwa wumuntu osuke engaqondi empeleni ibhola liyayidla imali, kunokuyingenisa; ngaphandle uma unenqwaba yabaxhasi futhi kuyiqembu elithola imiphumela emihle.

Ukuzibophezela ukuthi amalokishi angasali ngaphandle ezintweni ezithinta ubuchwepheshe kudlondlobalisa umsebenzi weNjinjiCom, uSLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

NGISHO umuntu obengakuqondi kahle ukubaluleka kobuchwepheshe ukubonile ngesikhathi izwe livaliwe ngenxa yokuqubuka kweCOVID-19. Kodwa okunye okugqamile ngalesi sikhathi yindlela izindawo zabantu abamnyama ezisasele ngayo emuva uma kukhulunywa ngobuchwepheshe besimanjemanje.

Sishintshile isithothobala esiyiKZN njengoba imboni yemidlalo yethelevishini namafilimu ivuke emaqandeni. ULANGA KHANYILE uyaloba

Share this now

‘HEY’ wena, Durban
Ebhish’ Kumnand’ eThekwini…”
Laligqoma kanje elinye lamanoni eCJB, iqembu lomculo i-bubblegum, phakathi nama-’80s. Le ngoma ethi Durban eBeach (Kumnandi eThekwini) yayifakazela ukuthi ubumnandi bubuzwa eThekwini ngenxa yokuthi phakathi kwezinye izinto ligabe ngolwandle olucwebile.

Ukungawutholi umsebenzi kukamfowabo emva kokufundela ukukhiqizwa nokunakekelwa kwezilwane kuholele ekutheni udokotela agcine esewumlimi, uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

UMA engelaphi iziguli lapho esebenzela khona uDkt uMatome Moloto, usuke esepulazini lakhe elikhulisa futhi lidayise izinkukhu, izimbuzi, izinkomo nezingulube. Izithelo zona bazitshalela ukuzidlela bona bewumndeni, abazidayisi.

I-FNB isanda kumemezela ukuthi abantu sebezokwazi ukuthenga amasheya ezinkampanini ezifana noNetflix, u-Apple, u-Amazon, uFacebook nezinye ngokutshala uR10 nje isheya ngendlela yokutshala imali ebizwa nge-Exchange Traded Note. Ingabe abantu kumele babe nesasasa ngempela ngaloku futhi yini ubungozi obuhambisana nale ndlela yokutshala imali? USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

I-FNB imemezele ngeqholo ukuthi ngoR10 nje vo noma wubani angaba wumnikazi wamasheya ezikhondlakhondleni ezingo-Apple, uFacebook, u-Netflix, u-Amazon, uMicrosoft, uCoca-Cola, iTesla, i-Alphabet noMcDonald’s.

Ingwevu kwezamabhizinisi ithi abantu abamnyama abangacabangi ukuthi izinto zizobalungela ngenxa yebala labo kuphela kodwa kumele bazikhandle futhi bafunde. Ixoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

ABAHOLI abakhona njengamanje eNingizimu Afrika abagculisi neze, abaziphethe kahle futhi abazi lutho. Lona wumbono kasomabhizinisi osemnkatshubomvu, uDkt uReuel Khoza.

UKhoza, ohlonishwa nakwezemfundo ngamagalelo akhe, uthe iningi labaphethe kwezepolitiki kuleli licabanga ukuthi kudingeka ukuthi litoyitoye nje kuphela ukuze libe ngabaholi kanti lokho akwanele nge-21st century.

Odade abaqala ngebhakede lamakhekhe, sebevule isitolo samakhekhe aneNkosi phakathi emicimbi emikhulu njengemishado. Balandise uLANGA KHANYILE

Share this now

UMA ufika e-Uhuru Shopping Centre, inxanxatheleni yezitolo eClermont, eThekwini, uzozithela emabhizinisini ajwayelekile ezindaweni zabantu njengesitolo nendawo yokucwala izinwele. Kodwa kunolunye uhlobo lwamabhizinisi ozoluthola kule ndawo eqanjwe ngegama le-nightclub eyake yanedumela “eSkomplazi” namaphethelo eTheku, eliyisiSwahili nelisho ukuthi “inkululeko”. Kule ndawo uzothola isitolo samakhekhe ekhethelo, phecelezi ama-novelty cake, isitolo esikhanda amakhompyutha nendawo ebhucunga necwala abantu besifazane.

Basebenzisa ubuchwepheshe ukuzama ukuvala igebe phakathi kwabafundi abadla izambane likapondo nabadla imbuya ngothi. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

NGESIKHATHI izwe livaliwe ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kweCOVID-19 igebe phakathi kwabafundi abami kahle nalabo abaswele lihlale obala njengoba kulabo abasezikoleni ezimi kahle kube lula ukuthi bashintshe indlela abafunda ngayo besebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje kanti kulabo abantulayo kube wumzukuzuku abaningi bagcina bengafundanga.

Uzimisele ngokushintsha indlela okusetshenzwa ngayo ezimayini ngobuchwespheshe besimanje ukuze kunciphe nesibalo sabashonayo emgodini. Unjiniyela wasezimayini osewusomabhizinisi uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

OSOMABHIZINISI abasafufusa kumele bathi begxilile ekukhuliseni amabhizinisi abawathandayo kodwa bathole nokunye okuzongenisa imali ngesikhathi besaphemba; ukugwema ukuwa kwamabhizinisi abo

Izibiliboco zakhe azehli esiphundu kuphela kodwa zinobuciko endleleni ezihlelwa ngayo oseziphilisa ngothando lwakhe lokupheka futhi obhizinisi lakhe livuthwa ngesivinini. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalo

Share this now

EMVA kweminyaka kuwumsebenzi awenza eceleni ngoba ubesaqashiwe, uNksz uNomvuyo Gwamanda uqunge isibindi kulo nyaka wakhetha ukugxila enkampanini yakhe yokudla, iDelicious Lab ezinze eGoli, eGauteng.

Namhlanje kuvulwa imingcele eNingizimu Afrika emva kokuvalwa izinyanga eziyisithupha ngenxa yeCOVID-19. Loku kubhekwe ukuthi kuqale kuvuselele imboni yezokuvakasha neyemicimbi ethembele kakhulu ekuhambeni kwabantu ngokukhululeka. USLINDILE KHANYILE uyabika

Share this now

NGENYANGA edlule olunye udaba olube sematheni wukuvalwa komgwaqo u-N2 eThekwini ngamaciko ayebhikishela ukuthi uhulumeni uvule ukuba khona kwemicimbi ngoba efa yindlala.

Abantu abagade ingozi yentela futhi bangaxhamazeli endleleni abakhokhela ngayo izikweletu njengoba bebaningi abaphelelwe yimisebenzi ngenxa yeCOVID-19. Lesi yiseluleko sikaNksz uPhumelele Ndumo, umeluleki wezezimali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

Share this now

ABANTU abadiliziwe njengoba kuqubuke iCOVID-19 nabazothola imali yabo yempesheni kanjalo neyokudilizwa kumele baqaphele imali yabo ingagcini iphelela kwintela ngenxa yendlela abakhetha ukuyisebenzisa ngayo.

Ukubuyiselwa umhlaba akusho ukuthi uzokwazi ukuwusebenza uma ungenalo ulwazi nemali. Yileli gebe iVumelana ezama ukulivala. Isikhulu esiphezulu sayo sixoxe noSLINDILE KHANYILE ngomsebenzi wayo

Share this now

KUBALISWA mihla namalanga ngokuthi lubheda kangakanani uhlelo lokubuyiselwa komhlaba njengoba kukhona amanye amapulazi athi uma esebuyiselwe emiphakathini eyayiphucwe umhlaba agcine esephenduke umhume wabaphangi ngoba engasetshenziswa.

Indlela ibuzwa kwabaphambili. Khohlwani wukugabisa ngezinto eziwubukhazikhazi, osomabhizinisi abadala bagcwalise lesi saga ngenkathi beluleka intsha engosomabhizinisi. UZANELE MTHETHWA uyabika

Share this now

USOMABHIZINISI owusondonzima emikhakheni wokudidiyela izinhlelo zethelevishini weluleke intsha ukuthi ingenzi amaphutha enziwa yibona ngoba bephushwa yingcindezi yokufuna udumo.

WENZA ezibukwayo embonini yamanz’ olwandle nakuba kunemicikilisho ewundendende. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe lweminyaka

Share this now

UMTHETHO ogqugquzela ukuthi kube noguquko kwezomnotho oluzovulela abantu abamnyama amathuba, iBlack Economic Empowerment (iBEE), awuthelanga zithelo ezitheni embonini yezamanzi olwandle ngoba izinkampani eziningi ezikhona ngezakwamanye amazwe nokwenza ukuthi zingayigqizi qakala indaba yalo mthetho ngoba aziwudingi.

ICOVID-19 ishaye kwezwela emhlabeni, kwawa amabhizinisi kodwa futhi iwalethele amathuba amasha. UZANELE MTHETHWA uyabika

Share this now

KUKHUTHAZWE osomabhizinisi ukuthi basebenzise izinselelo ezidalwe yiCOVID-19 ukubheka izindlela ezintsha zokusimamisa amabhizinisi abo. Loku kuvele kuleli sonto esithangamini sosomabhizinisi engqungqutheleni iDurban Business Fair (iDBF) eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.

MANINGI amathuba okuzisebenza aqhamuke neCOVID-19 kodwa kumqoka ukuthi osomabhizinisi abasafufusa bazi ukuthi ukuzisebenza akuyona insangu, kuloba uSLINDILE KHANYILE

Share this now

SEKUFIKE isikhathi sokuthi kuqhamuke isizukulwane esizoyeka ukuthembela kuhulumeni kodwa sikwazi ukuziphilisa sona ngoba ukuqubuka kweCOVID-19 kuvule iminyango eminingi.

You cannot copy content of this page